Inyunyana iSadtu iyinyathele emsileni emphakathini waseMsinga



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Uzithintele uNobhala wenyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal emphakathini waseMsinga ngezinsolo azenzile zokuthi ababafuni othisha bale nyunyana ngoba besaba ukuthi bazofaka i-African National Congress kuleya ndawo.
ElaboHlanga libike ngesonto eledlule ngesikhalo sabazali baseMsinga abebesola abaholi beSadtu ngokugxambukela ezinhlelweni zokuqashwa kothishanhloko ezikoleni.
Lokhu kuthiwa kuholele ekutheni kwesinye sezikole okuwuKukhanya koMsinga Special School, kuze kuqalwe phansi inhlolokhono ngoba kwabanokugxambukela kwabazali bekhononda.
UNobhala weSadtu esifundazweni, uNks uNomarashiya Caluza, wathi akulona iqiniso lokho okushiwoyo ngothisha abangamalungu abo kodwa inkinga enkulu ukuthi abantu baseMsinga bayayizonda iSadtu nothisha bayo ngoba idlelana ne-ANC.
Yile nkulumo emqhathe nabanye babazali abathinte ElaboHlanga ngocingo bekhononda ngokuthi iSadtu iyabadelela futhi ibathatha njengamahlongandlebe kulezi zinsolo ebabeka zona.
Omunye wabazali oshayele leli phephandaba ukhulume ihora lonke ezama ukucacisa ukuthi kwenzakalani ezikoleni zaseMsinga okusolwa kuzo iSadtu ngokugxambukela ekuqashweni kothisha.
“Ngicela igama lami ungalivezi kodwa udaba lwenu lusiphathe kabi ngoba udadewethu lona enimucaphunile weSadtu ukhombise ukweyisa thina singabazali eMsinga. Esikhundleni sokusukuma bazobuka lento eyenziwa iSadtu yena uqoka ukuthi asisole ngokuthi siyabazonda othisha benyunyana yakhe. Lokho akulona iqiniso futhi uma sibazondela ukuthi bazofaka i-ANC, bazoyifaka kanjani ezikoleni i-ANC ngoba phela kuyafundwa futhi kunezingane akukho bantu abavotayo. Le nkulumo yakhe inokweyisa ngoba kwabona othisha beSadtu uma kunemikhankaso yokhetho ngeke nakancane ubabone bekhankasela i-ANC kodwa kufika abantu abangahlali ngisho kule ndawo. Okunye asikwazi ukuthula thina ekubeni izinto zikhombisa ukonakala emfundweni yezingane zethu ngoba sisaba ukuthi kuzothiwa siyabazonda othisha. Okokuqala nje abazali balapha eMsinga abawazi amalungelo abo ngakho umuntu uma eyilungu lesigungu esilawula umkhandlu wesikole ugcina ethathelwa izinqumo othisha. Yingakho nasohlelweni lokuqashwa kwabo othisha iSadtu igcine isizenzela ngoba iyazi ukuthi akekho umuntu ozonaka,” kusho lo mzali ocele ukungadalulwa.
Omunye abebeshintshana naye ngocingo uthe banezinkinga ezimbi ezikoleni zaseMsinga abebengajabula uma iSadtu izisukumela ngoba zenziwa amalungu ayo.
“Kulezi zikole uvele ubone uthishomkhulu nengane yakhe sebegunda utshani kube sengathi uyasiza kanti lutho ithenda azithathele yona ngoba ebona ukuthi abantu bendawo abazi lutho. Ngenxa yokungabinalwazi, abanye abazali bavele bashaye ihlombe bethi uthisha ukhuthele uyeka nokufundisa alungise isikole kanti abazi ukuthi konke lokhu ukuganga usuke ezokhokhelwa. Akugcini lapho kunothisha abathathu beSadtu ababili abalapha eMsinga oyedwa owaseMlazi eThekwini, yibo abangenisile lapha ezikoleni abalawula ukuthi ubani okufanele aqashwe nokumele akhishwe. Isikole abasithanda kakhulu ukuKhanya koMsinga ngoba sinemali nezingane ziningi kakhulu. Le nto nje iyasicasula ngoba lapha eMsinga sibukelwa phansi. Kumanje kuphume la mathenda okuphakela izikole kodwa nawo anikezwe abantu baseNquthu ngenxa yokuthi bona bamelwe umuntu wabo lona oseSishayamthetho u…(emgagula ngegama) okunguye obanikezayo. Sinenkinga nje impela ngakho sifuna uNomarashiya axolise bese ezobuka isimo esibhekene naso lapha eMsinga ayeke ipolitiki ngoba nabanye othisha beSadtu abeneme ngalezi zinto ezenziwa ozakwabo,” kuchaza umzali naye ocele kugodlwe igama lakhe.
UNks uCaluza umile ekutheni inkinga ekhona eMsinga ukuthi abanye abazali baphinde balwe nothisha bokuhamba ngoba bethi bafuna ukuba kuqashwe umuntu wendawo abamaziyo.
UMnu uMuzi Mahlambi woMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal, uthe kubukeka kulolu daba lothisha kungekho onobulungiswa ngoba nabazali bafuna ukulawula uhlelo loMnyango lokuqashwa kothisha kodwa futhi nabo bakhala ngeSadtu abathi yenza lokhu abafuna ukukwenza nabo.