Abesifazane kuDA ngamadoda isibili
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ngalesi sikhathi abesilisa bebaleka bashiye isithunzi, amathimbazane eDA ancama ukufa lapho emi khona
Ngonyaka owedlule oshicilelweni lwangomhla zingama-31 kuMasingana ngabhala ngabesifazane abathile eqenjini eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA). Ngaphansi kwesihloko esithi: Amathimbazane aboHlanga kuDA awanikezeli, ngabheka amakhosazana amathathu, okunguNks uLindiwe Mazibuko, uNks uSinethemba Gwen Ngwenya kanye noNks uMbali Ntuli. Uma sengibuka emuva ngibona sengathi ngenza iphutha ngokungayifaki inkosazane yakwaVan Damme, uPhumzile kulolu luhla.
Ngezizathu ezahlukene lolu daba lwanamuhla lusashaya emhlolweni njengoba lezi zintokazi zonke umlando wazo uyoqoshwa njengowamaqhawekazi ama kulokho akholelwa kukho. Okuyinto ongeke uyisho ngabanye besilisa kuleli qembu, aboHlanga nabelungu. Ake ngiqale nje ngoMaNgwenya. Ngalesi sikhathi esikuso uyiNhloko yoPhiko Lwenqubomgomo kuDA. Kwathi lapho le nkosazana ingaboni ngaso linye naloyo owayehola iqembu ngaleso sikhathi uMnu uMaimane ayinanazanga ukumdudula kwathula umoya.
Encwadini ayibhalela uMaimane okaMtimande kakufihlanga ukudumala kwakhe ngakuchaza njengokuhlinzelwa ezibini yiqembu kanye nobuholi balo. Kule ncwadi phakathi kwezinto abangeneme ngazo wukungahlinzekelwa ngezinsiza ekwenzeni umsebenzi kanye nokungabi nohlelo oluqondile lwalokho okumele akwenze. Khona lapho uthi ubekwa esicongweni nje kanawo ngisho amandla okuqasha abantu abazomlekelela, kunalokho unikwa amathwasa ukuba azosebenza ngaphansi kwakhe. Lokhu kuyinto akhombise ukungayenameli. Kepha okushaqise kakhulu wukuveza kwakhe ukuthi wabe ephethe nje ngegama ngoba kwabe kunezindawo okwabe kumele angasondeli kuzo nxa kufikwa kunqubomgomo. Okutusekayo lapha wukuthi ayibalekanga kepha yasho ekushoyo ikhona eqenjini yabe isithatha isinqumo emuva kwalokho. Isibindi sayo sibonakele nagesikhathi lapho ima iphikisana nalabo (phakathi eqenjini) abebeqhakambisa inqubomgomo kaHulumeni iBlack Economic Empowerment. Iningi lalaba kwakungaboHlanga. Yize lokhu kwayenza yanyamanambana kwabanye ababeyisola ngokuthi ukucabanga kwayo kuvikela abamhlophe kepha ngakolunye uhlangothi kwaveza ukuthi leli yishinga lentombi isibili.
Kande ngamlomo nje kuphela kepha ugogodile nangu umuntu. Uke wasebenza njengeChief Operations Officer kwaSouth African Institute for Race Relations. Iyisifundiswa njengoba phakathi kokunye ineziqu iBachelar of Law (LLB) eyazithola eNyuvesi yaseKapa, iMasters ku-International Economics eyazithola eNyuvesi yaseParis. Emasontweni edlule leli qembu lidingide inqubomgomo yeqembu. Okube sobala wukuthi cishe zonke izincomo zikaMaNgwenya yizo ezithathiwe.
UKaMazibuko noMaNtuli yizishingishane
Kambe ngubani ongalibala lesiya sikhuphekhuphe seDA uNks wakwaMazibuko? Njengomiyane yabe ibanga umsindo endlebeni kowayenguMengameli uZuma. Wayengagayelwa mphako, elishishibeza iqembu elibusayo kungabi ndaba zalutho. Wayeyinkanyezi ebhekwe ngabaningi ukuba iqhakaze kuDA. Kuthe uma sekungekho ukungaboni ngaso linye nowayengumholi weqembu, yangathula intombi le. Yama ekutheni ngeke iqhubeke nenqola engasathwele lokho eyabe ikubona njengesixazululo kupolitiki yakuleli. Ithe noma ihamba iyofunda yabuya neziqu yabamba elikhulu iqhaza enhlanganweni ezimele. Nalapho isalugedegede nesishingishane
Muva nje osayimbame ekhaleni nguNks uNtuli. OkaMphemba wenze obekungalindelwe, waphosa elakhe igama esitikini kulabo abazobanga esokuhola iDA. Ulapha nje kade sithi ziyamsusa hhayi kuphela ebuholini kepha nakulo iqembu uqobo.
Le ntokazi engakhathalelwe kuthenjwa yabe ingananazi kunokuphambana noNkk uZille neyabe imbeka njengomholi ongakwamukeli ukuphikiswa, othanda ukuzizwa yena nokuthi okushiwo nguye kuwumthetho. Kwake kwanemizamo yokuthi ayoqondiswa ubugwegwe kepha lokho kwashabalala ngoba lesi sikhuphekhuphe seqembu sabe simi lapho simi khona. Kuleli sonto sibhale incwadi nayilapho siveza ukuthi kade abathile ebuholini besijijibeza besikhipha ngesango kwabo.
Kule ncwadi uthe: “Kuyacaca kimina ukuthi kusukela ngowezi-2014 kukhona amaqeqebana angaphakathi nawangaphandle eqenjini lethu. Akusikhona ukuthi akujwayelekile emaqenjini kodwa eqenjini elingangeDA elinamalungu nezinhlaka ezinyakazayo kusemqoka ukuba kungavunyelwa umcabango ongathi kuyisiko ukuhlala nokuthola ikhaya eqenjini. Okungadingwa yinoma yimuphi umholi okhaliphile nozethembayo yiqembu elizonikeza wonke umuntu ithuba lokuveza amandla, abuze futhi ahlale ecabanga okusha futhi okusemqoka ukuthi bazibone bebalulekile nabalingana nawo wonke umuntu eqenjini babelana ngombono weNingizimu Afrika.”
Uqhube wathi: “Kunalokho sibone ukuziphatha okusalisiko okuhambisana nabathile abakhulu. Abaholi abedlule bebaziwa ngokuzizungeza ngeqoqwana labeluleki abanye babo benganalwazi lokwakha umphakathi osemazingeni aphansi. Eminye imicabangongxoxo, ngesikhathi abanye bejabulela ukuba bathuthukise okwabo. Uma kunesimo esinjalo eqenjini umkhuba wokulawula ngobundlovukayiphendulwa, okuphoqa abaningi bathathe lelo lizwi noma bazithole bengabodwana, beqhubulushiwe noma bekhathazekile baze basule.”
Lo mholi noma angangaphumelela kepha nozophumelele uyoxoxela izizukulwane ukuthi uke wangcweba nomunye. Izigameko ezenzeka kulezi zintokazi zontathu zikhomba ubunzima obusemaqenjini epolitki, agcwele amadoda. Phezu kwalokho lezi zintokazi ziluphawu labaholi abanohlonze, abazihloniphayo uma kufikwa kupolitiki, kabahlehli. Zonke lezi zinto ungezisho ngabanye abaholi beqembu besilisa. Labo kunede kungaphuma izwi nje badle phansi. Kepha nabo qobo babuze ukuthi bangabesilisa nje baze banqoba ukhetho bebengekho yini abesifazane?