Now Reading
Sibungaza ifagugu lesizwe: ISILO neminyaka engama-72
Dark Light

Sibungaza ifagugu lesizwe: ISILO neminyaka engama-72

Njengoba iSILO sesifinyelela eminyakeni angamashumi ayisikhombisa sesibe seSihlalweni isikhathi eside futhi esidala emlandweni kaZulu ngisho naseNingizimu Afrika yonke. Siyisizukulwane sosendo lweNgonyama uShaka kaSenzangakhona owahlanganisa abeNguni baba yiSizwe amaZulu. ISILO sizalwa iNgonyama uCyprian Bhekuzulu Nyangayezizwe kaSolomon kanye neNdlovukazi uThomo Jezangani, indodakazi kaThayiza wamaNdwandwe. ISILO asiyona nje iNkosi yeSizwe amaZulu, aKwaZulu-Natal nangale kwemingcele yesifundazwe kodwa siyiNkosi yaKwaZulu-Natal. Sihlonishwa siteketiswe abantu baso abadala nabancane ngokuthi ISILO Samabandla Onke, Ongangezwe Lakhe noma  uMnguni Omnyama. 

Iminyaka engamashumi amane nesikhombisa siseSihlalweni, isenza ISILO kube yisona esesibuse isikhathi eside ukwedlula iNgonyama uMpande kaSenzangakhona. Sabekwa eSihlalweni ngowe-1971 sineminyaka engama-23, lapho uBukhosi bukaZulu babulokhu busatshiswa ngamaBhunu ngokuthi bungashatshalaliswa yinoma yinini wumbuso wobandlululo wangaleso sikhathi. AmaBhunu ayebiza iSILO ngondunankulu (paramount chief) – okwakuyinto engaziwa eSizweni amaZulu ingekho ngisho olimini lwaso. Yize kwabanjalo, njengoba kwenzeka naseNgonyameni uDinuzulu kaCetshwayo, sihlale siyiSILO Samabandla Onke kubantu baso zonke izinsuku kuze kuba namuhla. 

Njengomgcini wamasiko nenqubo kaZulu, imisebenzi yeSILO ihlala njalo iwumthombo wobumbano emphakathini  nanjengobufakazi obuqandula ikhanda bezimiso zomphakathi, ezihlanganisa imiphakathi ngisho izikhathi ziguquka. 

Silokhu sikhomba indlela futhi silokhu sizibambe njalo izimiso ezingaguqukiyo eziyisisekelo esakha isifundazwe nezwe:  okuyinqubonhle, inhlonipho, ubuhlakani nenzotha. 

Kuze kube namhlanje ISILO siphumelele ekuletheni isithunzi eSihlalweni nakubantu baso. Cishe iminyaka engamashumi amahlanu senze isiqiniseko sokuthi iSihlalo sikaZulu akusona nje kuphela isikhungo sokuqhuba imikhosi kodwa ikakhulukazi yisikhungo sezimiso esinikela ekusebenzeleni umphakathi ezweni, ekuhlanganiseni ngokwenhlalo kanye nasezidingweni zomnotho. 

ONgangezwe Lakhe uzibeke endaweni lapho ekwazi ukubhekana khona nezindaba ezishisa ibunzi zansuku zonke futhi ahole kulokho abantu abangakunakile noma okubukeka kuyisidala kodwa okuyizimiso zenhlalo ezingapheli. Esifundazweni nasezweni okubhekwe yizinselelo zenhlalo eziningi, ISILO sonke isikhathi  sisebenzisa amandla aso njengeNgonyama ukwakha idwala lokuziphatha laphakade. Onyakeni waso wama-47 sibusa, silokhu singxabonhlanu singumbusi, singusomasiko, singumzwelibantu, singumthandizwe nosomazwe – umholi ongashazwa. 

 ISILO sethulelwa isigqoko hhayi kuphela ngokwenza okungale komlando ngokuvuselela nokukhuthaza ifagugu elingamasiko akudala kodwa nangokwakha isikhungo sokubuswa ngokomdabu okuhambisana nesikhathi sedemokhrasi. Saziwa kakhulu ngokuba sekhaleni ekulweni nobhubhane iHIV ne-Aids, ikakhulukazi entsheni, futhi sikholelwa ukuthi inkunzi isematholeni. Lokhu kusenhliziyweni yaso kakhulu iSILO esibusayo. Imizamo yaso inanelwe emhlabeni wonke ngabaholi abaningi bakaHulumeni, yizikhungo nayimiphakathi. 

UMbumbi 

Siqonda ubumqoka bokuthula nokuhlangana KwaZulu-Natal kanye nokuqonda izinguquko eziba semaqenjini ombusazwe nokuncinzeka kwezakhamuzi, ISILO sethula iKwaZulu-Natal Public Peace Process. Okusunguliwe okokuqala kubheka ukuthi ukuthula akusikho okwesikhashana kodwa kuyinto eqhubekayo, kuhamba kwedlule ubudlelwano bomphakathi nalokho kwenziwa iziqubu. 

Kubheka ukuthi ukuthula phakathi kwezikhungo akuveli kudlulele ezakhamuzini. Okwesibili, ngokufanelekile okusunguliwe kubheka ukuthi kunomuntu uma kuqhubulushana abantu noma kulethwa ukuthula, futhi ukuqhubulushana akusikhona nje ukungqubuzana kwezakhiwo, ngakho-ke akusilo iqiniso ukuthi amaqembu kuphela angqubuzanayo okufanele athole isixazululo. 

Okokugcina noma mhlawumbe  okusemqoka iKwaZulu-Natal Public Peace Process eyasungulwa iSILO iyakwamukela ukuthi ukuqhubulushana akuthinti kuphela amaqembu ezombusazwe kodwa kubuye kubulale ukuhlangana kwabantu ngokwenhlalo lokho-ke okunomthelela omubi ekutshalweni kwezimali. 

Ekuphokopheleni ukuqeda ukungqubuzana, iSILO, ngeqhaza laso lokuhola ukuzwana emasikweni ehlukene, sisebenzise isiko ukwakha ubumbano phakathi kwezinhlanga nezinkolo, ngokubuyisela izimiso ezinhle emiphakathini yethu lapho abadla imbuya ngothi nabakhishwa inyumbazana benakekelwa khona. Imikhosi yomdabu njengoMkhosi WoMhlanga noMkhosi WoSwela ibe nomthelela omuhle ekwakheni isimilo ematshitshini nasemabhungwini, ngokwenzenjalo, kwasiza kwathintibeza ukubhebhetheka kwesandulelangculaza nengculaza. 

See Also

ISILO sethule imikhankaso eminingi ezweni lonke kubalwa nezinhlelo zokufundisa izakhamuzi nokusebenzisana nezinhlangano zomphakathi ezigxile enkolweni kanye noHulumeni ukuba akhankase ephikisana nokubulawa nokukhipha inyumbazana iZingane Zofuzo (albinos). 

UMgcini noMzwelibantu

Umgcini nomnakekeli wemvelo oqavile, ISILO sihola impi ekubulaweni kobhejane njengoba sibheka ukuthi le mpi akuseyona kuphela engaliwa ngokusayina izivumelwno zamazwe phakathi kwemibuso kanye nemikhankaso yalabo abangabagcinimvelo. Mayelana nalokhu, ISILO sasebenzisana nabakwa-Ezemvelo KwaZulu-Natal Wildlife ekusungulweni kwalokho okuqondiswe ekufundiseni izakhamuzi ngomthelela omubi wokuzingela obhejane esifundazweni nasezwenikazi. 

 Sisebenzisa inhlangano yaso esiza umphakathi iKing Zwelithini Foundation, ISILO siqhubekile salekelela sabuye sakhuluma ngemigudu enganakiwe kakhulu. Inhlangano ilekelela ikakhulukazi okusungulwa kuzwelane nabantu njengokubhekana nesandulelangculaza nengculaza, izikhungo zomphakathi zalabo abasegcupheni yokufa, ifagugu lamasiko nokuhlangana komphakathi, kanye nezinhlangano ezibhekelela labo abasengcupheni ngokwenhlalo (abadala, abesifazane, intsha nabakhubazekile). Inhlangano iyisizinda lapho iSILO sikhombisa khona uthando nokunakekela abantu baso. 

 Ezikhathini lapho izimo zempilo ziguquguquka , Omnyama uhlala njalo elibhaqa olukhanyisela isizwe sikayise. Ngokungangabazisi uyinhloko yekhaya neSizwe. Ungubaba kaZulu. Ubukhona kwakhe phakathi kwethu kuwubufakazi bezolo lethu, inamuhla nekusasa. Umele uZulu osewalala, ophilayo naloyo osazozalwa. 

Scroll To Top