Isizwe sihloba ngezintombi nezinsizwa zaso



USolwazi uZ.L.M. Khumalo uyiNhloko Yezilimi Zase-Afrika e-University of Zululand. Uyilungu…
Izintombi zesizwe nesizwe ziyizimbali kuso. Kulapho isizwe nesizwe esizibuka siziqhayise khona ngoba ziqhakaza zihlobe ngemibalabala kuhle kwezimbali entwasahlobo. Lobo buhle buyilungelo lazo kanye nesizwe ukuba buvikelwe ngazo zonke izindlela buze bufinyelele eqophelweni lokuba buthathwe, buchamusele ezinye futhi izimbali. Leli lungelo lezintombi kubalulekile ukuba laziswe futhi lihlonishwe njalo.
Ngakolunye uhlangothi izinsizwa zesizwe nesizwe nazo ziyizimbali ngesingazo. Ziyinsika yesizwe ngoba ukuma nokusimama nokuvikeleka kwesizwe kwencikenkomo ohlotsheni lwezinsizwa ezikhiqizwa, zongiwe, zikhuliswe yileso naleso sizwe. Izimbali eziyizintombi ziyize leze ngaphandle kwabalingani bazo bezinsizwa okufanele ziganane nabo ukuze kuqholane imbewu neqanda, kuzalwe ezinye futhi izimbali.
Ngakho-ke kuyilungelo lezinsizwa nesizwe ukuba le miqumbe yezimbali iphathiswe okwezikhali zamaNtungwa ukuze kusasa sibe nesizwe esiqotho, esiqinile, esihloniphayo nesethembekile. Kulolu khalo kuhle ukuba siphose iso elinzulu emalungelweni alezi zinhla zombili ngokwehlukana ukuze kulandeleke.
NgesiZulu sokhokho kuyilungelo lentombi ukweshelwa. Kukhona ukukhuluma kwaZulu okuthi intombi kayedlulwa. Noma ngabe ungaqonde lutho olutheni kepha uyaphosa amabili, amathathu ube wedlula ngendlela. Nayo intombi izizwa iyintombi phakathi kwezinye izintombi. Yebo-ke namuhla siphila esikhathini samalungelo amaningi esintu aqoshwe ngisho kumithethosisekelo yamazwe ukuthi sekuyicala ukubeka nje amazwi entombini osungaze uyolala ngalo ngisho ejele.
NgokwesiZulu phaqa kuyicala ukuba uthi uyinsizwa wedlule nje intombi noma izintombi ungasathanga vu. Kuyazehlisa isithunzi sobuntombi bazo izintombi. Nawe wena nsizwa kuyakwehlisa isithunzi sakho ngoba izintombi zikuthatha njengomyeni, into eyesaba izintombi kanti izintombi ziyayazisa insizwa ngobuqhalaqhala nobugagu bayo.
Ukubangwa yizesheli
Kuyilungelo lentombi ukubangwa yizesheli kuze kube ncane indawo. Zonke izesheli zifika zifikile, zidlisela ngazo zonke izindlela entombini kepha intombi ingathi vu uma ingakajutshwa.
Lokho kuyilungelo layo lokuzalwa futhi elingeke lathathwa muntu. Kokunye ize ibulawe umzwangedwa, ize iqambe nengoma ngenxa yokuxinwa ngamaxila. Kokunye njalo ize ichithe ngisho amanzi embizeni uma isikhumbule isesheli esithile ngenhloso yokuba iphume iyowakha emthonjeni ukuze ithole ithuba lokubona lona oseyibulala ngomzwangedwa.
Kokunye njalo ike iwachithe ngisho endleleni amanzi uma ibona ukuthi ayitholanga ithuba lokubona leso sesheli esisenhliziyweni yaso.
Lokho kuyinika ithuba lokubuyela emthonjeni futhi hleze lithi thushu ixila lelo qede kuthi cosololo. Kokunye njalo iyoze iwachithe noma kabili noma kathathu amanzi, iyoze inqotshwe yisimo sokuthi amanzi awangeni ekhaya ilanga selishonile.
Igcina izidelile uma ibona ukuthi hleze kukhona okubambe lelo xila kepha iyolala ingalele, ithatha ibeka ukuthi ingabe ubanjwe yini? Ingabe udliwe yini? Ngabe akasecabanga ukuhosha imfe? Kambe uma engahosha imfe, ingaba yini yona ezweni?
Ngisho ekuseni ngovivi iyovukela khona emthonjeni, isiwachithile amanzi abelale ekhona embizeni ngenhloso yokubona lo muntu owenza inhliziyo yayo ithi ndo, ndo, ndo, ubusuku nemini.
Ukushikila nokushaya inyoka
Kuyilungelo lentombi ukushikila uma insizwa noma izinsizwa zicela ukuba izishikilele. Intombi yakwabo ayikugqizi qakala ukushikila uma icelwa yinsizwa ukuba iyishikilele ngoba ayizenyezi ngalutho. Insizwa noma izinsizwa zibuka zize zikhawuke ngefusi, intokazi yakwabo isishikilile akwangaba ndaba zalutho.
Ngokwenza njalo ikhombisa ukuzethemba, ukuziqhenya nokuziqhayisa ngobuntombi bayo ngoba ayizisoli ndawo. Ngisho kuthiwa iyagqiza noma iyanashiya, kudela izibukeli.
Kuyilungelo lentombi ukuba izinsizwa uma zicela ukuba ishaye inyoka, ikwenza nje lokho ngokukhulu ukukhululeka. Uma izinsizwa ziphosa phansi izinduku zazo, bese zicela intombi ukuba ishaye inyoka noma ikhethe induku yokushaya inyoka, intombi ayibi nankinga yokukhetha induku eyodwa phakathi kwalezo zinduku zezinsizwa eziphoswe phansi.
Ngalokho ayichazi khona ukuthi isiyephukela leyo nsizwa ngokukhetha induku yayo.
Ngakolunye uhlangothi, insizwa yenduku yayo ekhethiwe, isuke isengaqhubeka nokweshela ngoba sekukhona izinkombana zothando hleze ucilo angathuke ezishaya endukwini.
Ukuqoma
Kuyilungelo lentombi nentombi ukuqoma. Lelo lungelo liyigugu lentombi ngoba akasilona nje ibhamama. KwaZulu intombi iqoma kanye zwi.
Ayiphathwa-ke eyokubhanqa amasoka noma ukuba nomakhwapheni! Kuyichilo KwaZulu ukuqoma lapha, ushiye uphinde uyoqoma laphaya.
Intombi iqoma emini kwabha futhi kwaziwe, kwazi isifunda sonke ukuthi intombi yakobani yaphukele insizwa yakobani. Okulandela lokho imiselwa iduku elimhlophe qwa elihambelana nothando olumhlophe olufana neqhwa nezihlabathi zolwandle. Intombi esiqomile ziyayihlonipha ezinye izinsizwa.
Ngaleso sikhathi leyo ntombi isuke isiphumile ebutshitshini, isiyiqhikiza. Okulandela lokho kuba ukubongwa kwendaba lapho izintombi zesigodi sangakubo ziyiphelekezela nezipho kuyohlanganwa nensizwa eyisoka nayo ephelekezelwa yizinsizwa zesigodi sangakubo.
Kuyabuswa, kuphiwane izipho kube kuhle kudele. Omunye-ke uzobuza ukuthi pho kuqhamuka kuphi ukuthi: Noseyishayile akakayosi, Noseyosile akakayidli, Noseyidlile udle icala?
Iqiniso ukuthi akukho soka ladla kahle imbangi ikhala. Izimbangi ziyeshela uthuli intombi yize isiqomile. Kepha lezo zimbangi ezivela kwezinye izigodi nezifunda ngoba zithi ugazi luyashiyana kanti futhi awumbiwa ndawonye. Ezinye zize ziyiphose ngezizwe noma ziyimemeze okhambeni ngoba zifuna ukuyikhipha esokeni. Kokunye njalo zithi zanyundelwa ngamaqhikiza, intombi isithathekile kepha amaqhikiza ayithandela esinye isesheli ngoba mhlawumbe sasicubuza kuwo.
Amaqhikiza-ke yiwo aba nezwi ekwelulekeni itshitshi ngezothando ngoba kwesinye isikhathi isesheli esinye sinekhonco elithile.
Itshitshi lidonswa ngendlebe ukuthi lingaziphenduli izesheli ngoba zizolihila ngamazwi lingazelele, lethuke seliqomile lingaqondile kanti mhlawumbe liqome umahlalela ongenankamo.
Okukhulu ukuthi intombi ayiqomi kabili kepha uma kwenzeka okwenzekayo isuka isiyogana. Isuka isiyoguqa noma isiyokudla izinkomo.
Izesheli ziyihubha uthuli intombi kuze kube sekugcineni. Yikho nje kukhona isiZulu esijulile esithi; ‘buchitheke bugayiwe’. Kungoba ngisho utshwala sebuphisiwe, uma isesheli besilokhu silapha, intombi igcine igobile, izikhiphe esibayeni izinkomo zesoka layo qede buchitheke bugayiwe.
Ukuqhetha
Kuyilungelo lentombi ngesiZulu ukuqhetha kepha idonswa ngendlebe amaqhikiza okufanele ikwenze nokungafanele ikwenze uma inesoka. Intombi iyasoma ngesiZulu, iphambanisa imilenze ithi ngqi ukuze isoka lingalinge lisondele esitsheni sikayise. Isoka kufanele ligcine emathangeni. Uma liphoqa ngenkani ukwedlula lapha, lowo muntu akananhlonipho ngesitsha sikayise funa agcine one intombi. Uma intombi ikade inesoka, kunendlela ngesiZulu ehlolwa ngayo.
Ekuseni ngakusasa amaqhikiza abilisa izinkobe. Zigxabhe, zigxabhe qede bese bezephula zibila zinjalo, bese bezicwenga amanzi. Amaqhikiza ayilalisa phansi intombi, bese beyithela ngazo izinkobe emathangeni, zishisa zinjalo. Uma igxuma iya phezulu, kusho ukuthi konakele. Kufanele ilale nje ithule ithi du uma kungonakele. Lokho kusho ukuthi konke kumi ngomumo, akonakele lutho ngoba phela noma yini eyonakalayo ibuzwa kuwona amaqhikiza ngoba phela eyiso lomndeni, lomphakathi nesizwe jikelele. Le nkonzo yawo kufanele ayiphathe ngezandla zombili ngoba ibucayi.
Umemulo
NgesiZulu kwemula itshitshi. NgesiZulu kwemula intombi emisile. Akwemuli nje noma ubani. Intombi eyitshitshi ngesiZulu yintombi engakaqomi. Le ntombi ikhula igcwale iyitshitshi eliyintombi nto, izinsizwa nezesheli ziyeshela uthuli kepha ime ithule ithi du ngoba ilinde uyise ukuba aze ayikhulule. Leli tshitshi eliyintombi nto lemuliswa nguyise athi kulo usukhulile mntanami usungabona.
Uyise ulethwesa umqhele nomyezane wokuthi usuziphathe kahle mntanami, uma kukhona lapho osubona khona usungavuma.
Uyise uyihlabela inkomo yensikazi, ikakhulukazi isithole ngoba nayo iyisithole esithandekayo.
Inkomazi noma iduna lingaba likhongcwana ngoba ayisilona iduna noma inkomazi. Lapha uyise ulikhongela izinhlanhla namathamsanqa ezinyanyeni zomndeni.
Yingakho nje kuleyo nkomo ehlatshiwe kukhishwa umhlwehlwe wayo ephubuza ngawo emahlombe njengembatha. Umhlwehlwe wenkomo mhlophe ufuze izihlabathi zolwandle lwalezi zinhlanhla akhongelwa zona. Intombi nto isina esigcawini ize iqede lo mhlwehlwe ulokhu uthe nje thaqa kuyona ngaphandle kwenkinga ngoba limsulwa. Kodwa uma lingaselona itshitshi nentombi nto, lo mhlwehlwe unqamuka phakathi lisathi liyasina esigcawini. Leyo yimfundivaliwe ukuthi kukhona esekwadla amantshontsho emsamo kwazise phela namabele ziwadla elindiwe.
Imihlolo-ke esiyaye igilwe ngabantu yileyo yokuthi uthole ukuthi ivunule ngenhloko nesidwaba. Yinhlamba leyo ephindiwe ngoba nithi kuleyo ntombi isiwumfazi. Umbuzo uthi ikhehlwe ngubani le nhloko esekhanda?
Ibhinciswe ngubani isidwaba ngoba ingoduso ikhehlwa ibuye ifakwe ngumyeni wayo isidwaba ngomkhehlo? Ngamafuphi kuthiwa le ntombi isingumfazi futhi nezinyanya zibuka leyo mpicabadala qede zidangale zenyanye ngoba ziyizithutha. Okulandelayo sekungaba ngamashwa nomnyama phezu kukasingaye kanti wawabelethiswa nguyise ngenxa yobudedengu. Inhloso ithi iyinhle, kuwukukhonga amathamsanqa ukukhongela ingane ngokuziphatha kahle kodwa ngenxa yobudedengu nokungazi kuholele ingane isinyama.
Itshitshi kumele livunule ngemvunulo yobutshitshi kuthule kuthi du nobukayo abuke aze akhawuke ngefusi, lilokhu lithe nje buka ugcine lapho uthanda khona.