Ukubola kwe-ANC kade kwabakhona sekugqanyiswa wukhuvethe



Umnu uFrancois Rodgers unguSoswebhu weDA eSishayamthetho saKwaZulu-Natal futhi uhlala ekomidini…
Njengoba siqala sibona ukuthi ubhubhane ukhuvethe seluqalile ukukhombisa ukwehla eNingizimu Afrika, ngapha sibona olunye uhlobo lobhubhane luqubuka ngamandla, lolu-ke olwenkohlakalo. Abantu bakithi akumele bayengwe ukuze bakholelwe ukuthi lesi sihlava sisha kodwa kunaloko sibhebhethekiswe ubhubhane olukhungethe ezempilo. Kunalokho ukhuvethe luyivundululile inkohlakalo yahlala obala nokukade iqhubeka ngaphansi kukaHulumeni we-ANC. Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi izwe lethu libhekene nengwadla enkulu – ingwadla yenkohlakalo kanye ne-ANC.
Isikhathi eside i-ANC inethezekile ngokuthola amavoti amaningi nokuyenza ihlale embusweni, nokubanika inkululeko yokuphatha iNingizimu Afrika umathanda.
Angikusho lokhu kalula nje. I-ANC ilokhu iqhubekile ukuphika ukuthi ibhekene nobhubhane lwenkohlakalo, oluqale ngaphambi kokhuvethe. Njengoba sengivezile, inkohlakalo akusiso isihlava esisha ku-ANC. Kunalokho, lo mdlavuza usubucekele phansi bonke ubuqotho obaqokelelwa ngesikhathi somzabalazo.
Emavikini ambalwa edlule, i-ANC ikhiphe isitatimende lapho ibizwakalisa ukumangala kanye nokuhlazeka ngokwanda kwezigameko zenkohlakalo ezibandakanya amalungu ayo. Lokhu okwenzakayo akuthusi ngoba into ejwayelekile uma uhulumeni ubunjwe ngaphansi kwesisekelo sokuqasha ngokwenzelela kanye nokushuthekwa kwabathize ezikhundleni zokuphatha. Okungase kusebenzele izinhlangano ezilwela inkululeko kungenzeka kungasebenzi kuHulumeni. Imiphumela yaloko ilokhu esikubona kwenzeka ngaphansi kukaHulumeni oholwa yi-ANC lapho ubuqotho bungekho kanye nokuhluleka kokusebenza kombuso.
Umbuzo wonke amalungu e-ANC okumele awubuze ilo othi – uma iNingizimu Afrika inombuso onobuqotho, intuthuko kanye nokukwazi ukwenza izinto kungani pho sibona ukudliwa kwemali ngalolu hlobo ilabo abafakwe izikhundleni? Impendulo isikhomba entweni eyodwa kulolu bhubhane lomnotho, ukwenzelela kanye nokufakwa kwabantu ezikhundleni ezingabalungele.
UDkt uMandisa Majavu ofundisa eRhodes University uke wabhala wathi: “Enye yezinto ezifikisela amahloni ezizuzwe yi-ANC kule minyaka engama-25 ihola emveni kombuso wobandlululo ukuthi yenza lokho okuyimikhuba yepolitiki ejwayelekile yezinto ezingezinhle emveni kokuqedwa kombuso wontamolikhuni… ukungaziphathi ngendlela kanye nenkohlakalo kubaholi base-Afrika nabasebenzisa amandla ukuzuzisa labo abasondelene nabo.”
Eminye yemibuzo abantu baseNingizimu Afrika okudinga ukuthi bazibuze yona ukuthi yayikuphi le-ANC ngenkathi uMnu uJacob Zuma kanye nomndeni wakwaGupta babegcwele ezindabeni ngezenzo zenkohlakalo na? Yayikuphi le-ANC kade kubhozomelwa umbuso nokudle leli zwe imali elinganiselwa kuzigidintathu owodwa nengxenye wamarandi (R1.5 trillion)? Eqinisweni, ubekuphi uMnu uCyril Ramaphosa? Wayengesilo yini isekela likaZuma? Manje i-ANC seyiyekile ukushaya indiva inkohlakalo, sebeyathuka futhi sebegxeka izigameko zokwebiwa kwemali yokhuvethe.
Kungabe eqinisweni i-ANC iyakholelwa ngempela ukuthi isamba sezigidigidi ezingama-R500 sokusiza ngesikhathi sokhuvethe kanye nokuthanjiswa kweminye imigomo yokusetshenziswa kwezimali izimpisi – ezizibonelwe uRamaphosa bezizoyeka ukuzitika ngemali?
Odabeni olusanda kushicilelwa yiDaily Maverick, uFerial Hafajee ubuze ukuthi uRamaphosa unawo yini amandla okuletha uguquko ku-ANC futhi uphinde wacaphuna esinye sezethenjwa zikaMengameli: “URamaphosa udangele kodwa uyena ongcono esinaye. Inkinga iqembu lakhe. I-ANC ibole ngale ndlela yokuthi iyahluleka ukuhola leli zwe. Angeke uyilungise i-ANC kanye nezwe. Angalilungisa izwe futhi azame nokulungisa i-ANC.” Iqiniso elimsulwa ukuthi ukulungisa i-ANC kufana nephupho uma uNobhala Jikelele weqembu uMnu u-Ace Magashule kanye noMengameli uRamaphosa izinto abazishoyo esidlangalaleni zisaphikisana.
Noma ngabe inini, inkohlakalo yenza abantu abahluphekayo bahlupheke kakhulu kunakuqala, nokuwumgomo namanje i-ANC esahlulwa ukuwuqonda. Uma nje singabheka esinye isibonelo salokhu esithusayo, isigameko esithinta izingubo zokulala esenzeke eMnyangweni Wezenhlalakahle KwaZulu-Natal lapho uphenyo olunzulu lwabancwaningimabhuku luveze ukuthi akuhanjiswanga ngendlela kade kuthengwa izingubo zokulala zenani lezigidi ezingama-R22.
Uphenyo luvundulule ukuthi kwasetshenziswa kabi uhlelo oluphuthumayo lokhuvethe lokuthenga kwaphinde kwaba nemizamo yokugqiba lokhu okuhlanganisa nokuhlehliswa kwezinsuku lapho kwanikezwa khona izinkampani umsebenzi. Kuyavela futhi ukuthi amanani ezimpahla enyuswa kanti ezinye izinkampani zazingenazo zonke izinto ezazidingeka ukuze zikwazi ukuhlomula le misebenzi ikakhulukazi uma uzoqokelwa ukuhlinzeka ngomsebenzi.
Ukweba ngenkathi izwe libhekene nobhubhane, kuyizinkomba zokuthi abusekho ubuntu kuleli zwe. Uma besiphila ngenkathi yebhayibheli ingakabi khona indaba yombuso wentando yeningi, kungabe la masela abezogxotshwa ngamatshe emphakathini.
NgoNhlaba kuwo lo nyaka iDA yaphakamisa kuMphathi Womnyango Wezezimali ukuthi makuqokwe uMhloli Jikelele Ovelele ukuthi engamele aqaphe ukusetshenziswa nokwabiwa kwemali yokusiza kubhekwane nobhubhane lokhuvethe, kusobala nje ukuthi ukungenelela okuleli qophelo bekuzogwema ukuzisikila emanonini nokutatshwa kwemali osekucace bha. Kufanele umuntu azibuze ukuthi kungani lowo mbono washaywa indiva? Nanokuthi kungani iqembu elibusayo laphikisana nohlelo lwendlela yokuhlola nobeluzogwema inkohlakalo? Impendulo iwukuthi inhlangano yabona nje ukuthi lesi simo sesifo isona esilithuba lokuthi abanye bavune imiklomelo yabo yokuchema nokwenzelela.
Manje uMengameli useqoke ithimba eliphezulu elizophenya inkohlakalo nokweba kwamaqabane ephenywa ngamanye amaqabane. Lokhu kungenye indlela yokwethuka nokudelelwa kwalabo abavele bebukelwa phansi ilo mazitapele. Lokhu kuwukuvala izihenqo zesitebele ihhashi selikade lasho ngejubane. Okunye okuwumbuzo osamile owokuthi iqembu elibusayo linawo yini amandla nesasasa lokuzinuka amakhwapha? Ukulandelelwa kwendlela abenza ngayo akukuvezi nakancane ukuthi lokhu yinto eyenzekayo okanye engenzeka.
Lokhu kwenzeka sibuka imiphumela yekhetho olwedlule, ecacisa ukuthothobala nokwehla kokwesekwa okhethweni ikakhulu olusonda kwedlula esifundazweni iKwaZulu-Natal lapho iqembu le-ANC lalahlekelwa amavoti ayisigidi.
Kubonakala sengathi kulula nje ukuziba abantu uma usunamandla okhethweni nokwesekwa okukhulu ekubuseni. Kungaveza futhi ukuthi ukukhuluma ngokuqeda inkohlakalo nokubhekana nesimo sokungalingani kwabantu bezwe iNingizimu Afrika – ngoGuquko Olunqala Lwezomnotho (RET) – kahle kahle lokhu kuthenga amehlo nje, ukwenza kuza kamuva.
Kanjalo-ke, ngenkathi uKhongolose uqhubeka nokuvikela okungavikeleki futhi nanokwanda kokubola okade kwaba khona sekuvezwa obala, liyanyuka izinga labavotayo abadumazekayo ngoHulumeni ukuthi ulokhu eza nonxenxo olukhathazayo nje, sebeqala ukubuka ezepolitiki ngeso lokuthi yiziphi izidingo eziphathekayo ezethulwa kubantu.
Ngaphandle kokuthi i-ANC izihlolisise, lokhu kusibeka obala isiqalo esiwumsuka wesiphetho.