Now Reading
Umsanka eHhovisi likaNdunakulu
Dark Light

Umsanka eHhovisi likaNdunakulu

Esinye sezincomo sithi akubanjwe emholweni wezisebenzi ukuze kubuyiswe izigidi

UFikele phezu kwesiphihli uDkt uNonhlanhla Mkhize oqokwe njengoMqondisi Jikelele (DG) wokuqala wesifazane ngesonto eledlule. Lokhu kulandela ukuputshuka kombiko iForensic Investigation into Allegation Irregularities Regarding Supply Chain Management at the Office of the Premier:  February 2016. Lolu phenyo olunzulu lulandela ulwazi oluvezwe ngumuntu ongafisanga lidalulwe igama lakhe noluveze inkohlakalo eyenzeka eHhovisi likaNdunankulu noluthinta izisebenzi zaleli Hhovisi, izinkampani ezithize kanye nosomabhizinisi. Isiyonke imali okuthiwa iyingxenye yalo mkhonyovu iyizi-R22 962 074.00

Okuvezwe yilo mbiko kubukeka kubukela phansi imizamo kaNdunankulu uMchunu owafunga wagomela enkulumweni ngqangi yalo nyaka ukuthi uHulumeni wakhe ngeke ayimele inkohlakalo. Kanti futhi kubukeka ubukela phansi uhlelo lukaHulumeni lokusabalalisa umnotho njengoba kuvela ukuthi izisebenzi zikaHulumeni ezinukwa kule nkohlakalo kubalwa uMnu uZiphathe Cibane oyiSikhulu Sezimali eHhovisi likaNdunankulu, uNkk uNonhlanhla Hlongwa oyisikhulu ophikweni lamathenda, uNks uNomusa Zakwe ongumsizi kaNks Hlongwa noNks uThobelani Makhathini ongumabhalane eHhovisi lomqondisi wakwaSupply Chain Management.

Ngokombiko ezinye zalezi zinkampani ebezizitamuzela amathenda bezithola imisebenzi eyehlukene okubalwa neyokuphekela imicimbi yaleli Hhovisi uma lihambele izindawo ezehlukene. Izinkampani ebezihlomula kubalwa iNtokazi (Nto’s Catering), iPhumalanga Communications CC (PMG) Events, iRoren Engineering CC, iMgobo Trading Investment ne-Isidleke Enterprise.

INto’s Catering, kuvela ukuthi ihlomule ngamathenda okupheka ngokwedlulele kusuka ngowezi-2013 kwaze kwaba owezi-2016 kanti ithole amathenda emali eyizigidi ezingaphezulu kweziyisikhombisa. Le nkampani kuthiwa inikezwe amathenda angama-59 phakathi kowezi-2013 nowezi-2016, okusho ukuthi ngenyanga ibithola umsebenzi wokuphekela umhlangano noma umcimbi weHhovisi likaNdunankulu okungaphezulu kowodwa ngenyanga. Umbiko udalula ukuthi le nkampani ibithola amathenda okwedlula lapho umnikazi wayo ezinze khona okunguMasipala waseThekwini. Uqhubeka lo mbiko uthi lokhu bekwenzeka ngomkhonyovu bese ikhokhelwe kube sengathi inikezwe ithenda ngokusemthethweni.

Okunye ukuthi konke lokhu obekwenzeka bekubukela phansi imizamo yokufukula umnotho wabantu abangosomabhizinisi abakomasipala okusuke kwenziwe kubo imicimbi yeHhovisi likaNdunankulu. Isizathu esokuthi bekusebenza lezi zinkampani ezingenhla kuphela, ezinye zingawatholi amathenda abesuke ekhishwa ihhovisi likaNdunankulu. IPhumalanga Communication CC neRoren Engeneers kutholwe ukuthi iphethwe uNks uGugu Kheswa noNks u-Ashley Rose. Laba kuthiwa kwakuvela ukuthi uma kuphume imisebenzi bebefaka izinkampani zabo ukuba zifesele umsebenzi weHhovisi likaNdunankulu kube sengathi ezabanye abantu ekubeni kungezabo.
Kwesinye isikhathi kulezi zinkampani bekuvela ukuthi abaqondisi bazo uma sekuphenyisiswa kusuke kunguNks uKheswa, uNks uRose, uNks uNompumelelo Motaung kanti baziphethe ngokuhlanganyela.

IPhumalanga Communications ehweba ngelePMG kuyona yonke le nkohlakalo edalulwa yilo mbiko kuthiwa ihlomule ngamathenda ezigidi ezingaphezulu kwezili-R15. IRoren yona kuvela ukuthi ithole ithenda yemali eyisigidi samarandi. UNks uHlongwa kuthiwa ubelawula ukunikezwa kwamathenda inkampani ezothola umsebenzi esebenzisa uNks uMakhathini noNks uZakwe ukuze kukhokhelwe inkampani iPMG neRoren imali eyafinyelela ezigidini ezingama-R16.Mayelana neMgobo Trading Investment, abaphenyi bahlulekile ukuthola ubufakazi bokuthi ngabe ibikhokhelwa ingawenzanga ngempela yini umsebenzi ngenxa yokuthi yayisuke ithinteka kuthenda yokudla. Kubuye kuvele ukuthi uZakwe ongumsizi kaNks Hlongwa, ubenza umsebenzi okungesiwona owakhe wokusayina noma ukukhokhela izinkampani ezisuke zithole amathenda.

Kuthiwa ukwenze lokhu ukwedlula bonke abasebenzi abasuke bebhekele lolu hlelo.
UZakwe noMakhathini kuthiwa bebengayingeni indaba yemithetho elawula ukukhishwa kwamathenda kanti omunye wabo ubephinde abeyingxenye yenye yezinkampani ebezihlomula ngamathenda.

Isidleke Enterprise sathola ithenda emcimbini owawuseMtubatuba ekubeni kungeyona inkampani yendawo, kungeyaseMgungundlovu. Le nkampani iphethwe uMnu u-Emmanuel Bonaventure Luthuli kanti uLuthuli kutholakala ukuthi ungumfowabo kababa kaNks uZakwe. UNks uZakwe kuthiwa wafihla ukuthi unobuhlobo noLuthuli ongumnikazi weSidleke. UCibane usolwa ngokuthi wagunyaza ukukhokhelwa kwalezi zinkampani wephula imithetho elawula ukugunyazwa kwenkokhelo yezinkampani ezisuke zisebenze noHulumeni.

Imizamo yokuthola bonke abathintekayo ayiphumelelanga ngoba izincingo bezingabanjwa futhi nemiyalezo eshiwe kuzo kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingaphendulwa. Okhulumela uNdunankulu uMchunu, uMnu uNdabezinhle Sibiya uthe uNdunankulu unolwazi ngalo mbiko kodwa usalinde ukuba awunikezwe wonke ukuze awufunde bese ethatha izinyathelo.

See Also

Ezinye zezincomo zophenyo

Uma kunecala lokweba, ukukhwabanisa noma yiluphi uhlobo lwenkohlakalo ezisebenzini zikaHulumeni okufaka imali engaphezu kwezinkulungwane ezili-100, kufanele kuvulwe icala emaphoyiseni. Ngokwezinsolo eziveziwe, okufaka phakathi imali eyizigidi ezi-R22 962 074,00 okuvela ukuthi yaphuma ngokungemthetho, kuzovulwa icala lenkohlakalo ophikweni lwamaphoyisa i-Anti-Corruption Task Team (ACCT) ukuze kuzokwenziwa uphenyo olunzulu kuthathwe nezinyathelo zomthetho.
Uphenyo luphakamise ukuthi uMnu uCibane noNkk uHlongwa bamiswe emsebenzini ukuze kungaphazamiseki uphenyo ngenxa yokuthi uNkk uHlongwa usatshiswa okwenyoka eHhovisi likaNdunankulu, kungenzeka esabise abasebenzi, kuphazamiseke uphenyo.

Kuzobhekwa ukuthi lezi zikhulu nezisebenzi zikaHulumeni okunguCibane, uHlongwa, uZakwe, uMakhathini noMsomi ukuthi imali yazo yempesheni ngabe ingakwazi yini ukukhokha lezi zindleko, ngaphansi komthetho u-37D, ngokoMthetho Wesikhwama Sezimpesheni (Pension Funds Act). Uphenyo luphinde lwaveza ukuthi lunobufakazi obushicelelwe bokuthi lezi zinkampani zikhokhelwe uHulumeni ngokungemthetho ngakho kuzodingeka lobu bufakazi buqoqwe bonke, bugcinwe ngokukhulu ukushesha.
Kuzothathwa izinyathelo zangaphakathi kuHulumeni ezibhekiswe kuCibane, uHlongwa, uZakwe, uMakhathini kanye noMsomi ngaphansi komthetho oyiSigaba 38.
Kuzokwenziwa uphenyo olunzulu ngenkampani uPMG, ukuba ngabe amathenda noma imisebenzi le nkampani ebiyithola eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komnotho, oWezokubusa Nokubambisana Nezindaba Zomdabu kanye noWezemisebenzi Womphakathi ukuba ngabe le misibenzi ibiyithola kanjani le nkampani njengoba imali eyitholile ibalelwa ezigidini zamarandi.

Izinkampani ezithintekayo zizovalwa ukuba zingaphinde zithole imisebenzi kaHulumeni. Lezi zinkampani iNTO, iPMG, iRoren kanye ne-Isidleke.

Scroll To Top