Now Reading
Isikhalo ngomlando waseLangeni ojijwe ngabomu
Dark Light

Isikhalo ngomlando waseLangeni ojijwe ngabomu

Ngibingelele ngenhlonipho kwelaboHlanga.  Ngibhala ngokuzithopha noma ngiphoxekile ngengikubone ephephandabeni lakho iBAYEDE eKhasini le-14. Lolu daba belulotshwe wuMntwana uBhekizizwe Zeblon Zulu ngaphansi kwengosi uMongo kaZulu.

Ngizocela ukuzethula ngenhlonipho. Igama ngiwuNqobani kaBonginkosi kaMandlakayise (Johane) kaQiyana kaMatshana kaNxazonke kaMbhengi kaMhlongo, ngingoweNdlu yakwaNtsholo okuyiNdlu yeNkosi uNxazonke kaMbhengi. Nginethemba, sizokhumbula iNkosi uNxazonke kaMbhengi yelanywa yiNkosazane uNandi kaMbhengi emhlane, esiswini kunina iNdlovukazi uMfundi kaKhohlo wakwaQwabe.

Ngithole isikhalo esikhulu kwabakithi eLangeni, nengisidlulisele koBaba, banginxusa ngibhalele ihhovisi esilihloniphayo lephephandaba lakho ngalolu daba olulotshwe nguMntwana. Siyakhala ngokungaqinisekiswa ngomlando kakhulu othinta iNkosazane uNandi namathumbu ayo kubalwa iSilo uMlilwana nempilo okufafazwa ukuthi bayiphila eLangeni. Ngizozibala ngokulandelana izikhalo uLangeni obenazo ngalolu daba olulotshwe nguMntwana, yilezi:

  1. Kuliphutha eliphindiwe ukuthi iSilo uMlilwana sasilusela iNkosi uMakhedama kaMgabhi kaMbhengi owuMzala waso iSilo. Ngiyethemba uzokhumbula uMgabhi yiNkosana kuMaQwabe neNkosi uMbhengi, elanywe uNxazonke kugcine uSontanti. Ngakho ngokusobala uphambukile uMntwana uBhekizizwe Zeblon Zulu.
  2. Kuhlekwa noma kufiwe, sikubona kuwukujija umlando ngabomu ukuthi uMntwana athi iNkosazane nabantwana bayo abaphathekanga kahle eLangeni, kube ngathi baphathwa kahle kwaZulu! Elamabomu lelo nelenza sicabange udaba lonke luwumkhankaso omdala waqalwa yiNdlunkulu wokujija umlando kaLangeni nokucisha nje uLangeni njengesizwe. UMntwana akakuvezanga ukuthi kubo baliphika iLembe likaSontanti. Akakuvezanga konke okuliqiniso nokuwumlando ngezenzo zakubo eNdlunkulu, esikhulu balibulala iLembe noLangeni kwaDukuza.
  3. Kuliphutha elibi nelenziwa ngamabomu ukuthi iLembe lalikhuthazwa uNina iNkosazane uma lihlushwa, liqhathwa nabafana abadala kunalo ezinkomeni eLangeni. Kuyahlekisa ngoba uma bethanda abantu bathi lakhulela kwaMthethwa lilusela khona. Noma eqinisile uMntwana lakhulela eLangeni, kepha unephutha ngokukhula kwalo. Iqiniso lithi iSilo uMlilwana sikhule kubambe iNkosi uNxazonke kaMbhengi, sikhula kahle ngaphansi koninalume. Yebo bekunokungazwani noNdlunkulu beNkosi uMgabhi (simhlonipha kanjalo noma engabusanga isizwe ngoba ukhothame isabusa iNkosi uMbhengi).Yebo bekunokungazwani nabanye abazala bakhe, kakhulu iNkosi uMakhedama belwa ezinkomeni. Nanamhlanje ngaseMgabhi kunesihlahla lapho lalikhala khona iLembe, bese beyatekula oNdlunkulu beNkosi uMgabhi beseMlovini, emasimini aseSibhambeni okuwumuzi kaMgabhi kaMbhengi. Batekula nje yingoba iNkosazane yathi izele uMlilwana ozokhula ushe ubuwanguwangu ngoba uzoba yiNkosi kwaZulu, esho engaganile, kwase kuhlekiswa ngakho. Amampunge angamabomu isinambathi. Amampunge angamabomu wayeyingqwele ekwaluseni uMlilwana. Kuliphutha eliphikiswa wumlando nangezibongo zikaMzala wakhe iNkosi uMakhedama. Sizokhumbula sebebadala balwilwe futhi ngamaButho, okuyimpi yokuqala iSilo uMlilwana esiyihambe sesibekiwe eSihlalweni. Nayo ehlanezeliwe umsuka wayo. Asikhumbuzane kancane; zibe zimbili iziwombe, esokuqala yilapho impi iqhamuke ngeNgoqonga  (ngaseMelmoth namhlanje), esesibili saqhamuka ngokhalo lakuMpofu (okungaseShowe). Eyokuqala iqhawe layo wuMandlesilo kaLubhangu kaMhlongo owahlabanela iNkosi uMakhedama yabongwa kwathiwa iThole elehle ngamandla eNgoqonga alavandlazeka lapho amathodlane awonina abeyakuvandlazeka khona.
  4. Kusiphathakabi uMntwana angalivezi igama leNkosi uNxazonke kaMbhengi, sicabanga yingoba azi kahle bayibulala bayitshala kwaDukuza edlinzeni elilodwa nomshana wakhe iSilo uMlilwana. Kubuhlungu ngoba vele basemandleni, ngakho abangafihli yiwona abenza bagqibe uLangeni bajije umlando ngoLangeni nsuku zaphuma.
  5. Zolo lokhu, uHulumeni okuthiwa owabantu abansundu nedemokhrasi uke wazama ukulungisa idlinza leNkosazane uNandi kaMbhengi. Ngeshwa ngenxa yakho njalo ukujija umlando kweNdlunkulu, kwaphoqa obaba baliphihlize. Isizathu iNdlunkulu noHulumeni batshelwa abakwazi ukuvulela uLangeni idlinza lawo futhi ayikwazi iNkosazane ukubizwa ngeNdlovukazi yakwaZulu.  Kuzokhumbuleka ithimba likaLangeni elaliholwa ubaba uBonginkosi kaJohane neNkosi uNgwavumeleni Mhlongo lakucacisa abahambisani nokuqhwagwa kukaLangeni iNkosazane namathumbu ayo. Kwaba buhlungu ubaba eqalekisa ukulungiswa kwedlinza, wafunga ukuthi uma engazalwa kwethu kwaMaQwabe eNgugeni kaMbhengi uSontanti bayolivula idlinza. Sekuwumlando ongephikwe alivulwanga kwasuka iziphepho. Ezaba yinkomba impela uLangeni kafanelwe ukwephucwa iNkosazane ingazange yakhishelwa lutho kwaZulu.

Aseneme siwuLangeni ngokulotshwe nguMntwana. Sivele singakaze sename yindlela oSomlando abawucindezele ngayo umlando kaLangeni kanye nesizwe sonke. Kuyethusa kakhulu ngoba akekho ongasazi isintu sokuthi umuntu wesifazane ongalotsholwangwa, ongakaze kuhlawulwe ngisho isisu sakhe, akaze izingane zakhe kanye naye uqobo babizwe ngesinye isibongo. Kuwumhlola nehlazo elibi elinziwa kuLangeni kuphela. Kuyethusa ngowezi-2020 uLangeni usacindezeleke ngendlela okwenzeka ngayo uhlanganyelwa kwaDukuza ngowe-1828.

Ngokuzithoba okukhulu vele asinamandla, siyacela iphephandaba iBAYEDE limnxuse uMntwana abhale isixoliso kuLangeni. Siyacela nephepha uma linganawo umusa likuvezele uLangeni belingenanhloso yokusizwisa ubuhlungu esibuzwayo. Siyafisa uma kungenzeka emseni wakho nephephandaba likuhoxise, likuxolise ngokuqondile nokucacile ukujijwa komlando waseLangeni ngosiba loMntwana waseNdlunkulu. Siyazi asinamandla okuphoqa iBAYEDE nokuphoqa iNdlunkulu noSomlando ukuyeka ukusukela uLangeni ngomlando ongelona nhlobo iqiniso ngoLangeni, yiNkosazane uNandi kaMbhengi, nabantwana bayo okubalwa uMlilwana, uNomcobo noNgwadi. Kepha sicela umusa weBAYEDE.

Ngingajabula nobaba nesizwe sonke sikaLangeni singajabula uma singathola umusa wokuba kuhoxiswe lo mlando onamaphutha esikholwa awamabomu oMntwana uZeblon Zulu.

See Also

Ngenhlonipho nokuzithoba siyethemba isicelo sizokwamukeleka, bese sisithola isixolise nesihoxiso.

Ozithobayo

uNqobani kaBonginkosi Mhlongo: Ntsholo House

Scroll To Top