Umehluko phakathi kwe-Icing neFrosting


Nakuba sekuze kwangathi kuyemukeleka ukusebenzisa la magama amabili uma kukhulunywa ngokuhlotshiswa kombhako, kuyasiza ukuba nolwazi lokuthi empeleni, lezi yizinto ezimbili ezingafani. Uma unentshisekelo yokuba ngumbhaki ngelinye ilanga, lolu kuzoba ngulwazi okuhle ukuba nalo. Ngaphambi kokuthi ngichaze umehluko phakathi kwe-Icing neFrosting, ake sibheke le mifanekiso engezansi, ukuze sibone umehluko:

Leli mafini lihlotshiswe nge-Icing noma iGlaze

Lawa angenhla ahlotshiswe ngeFrosting
Yini umehluko phakathi kwalokhu okubili? Ngokujwayelekile (nakuba kungesiwona umthetho ongeguquke lo), i-Icing iyacwebezela uma uyibuka kanti futhi imanzana uma iqhathaniswa neFrosting. Ngokuvamile, i-Icing yenziwa ngokuhlanganisa ushukela kanye nesithako esisaluketshezi. Yenzeka kahle kakhulu ngoshukela osamphuphu (Icing Sugar). Uketshezi ongawuxuba nalo ushukela kungaba amanzi, ubisi, ujuzi wezithelo, nokunye. Uma wenza i-Icing, uyakwazi ukufaka isinongo esithize uphinde ufake nombala. Elinye igama elivame ukusetshenziswa esikhundleni se-Icing, yilelo elithi Glaze. Okunye okuqaphelekayo nge-Icing ukuthi lapho yoma, kuba ngathi iyaqina. Lolu hlobo lokuhlobisa luvame ukusetshenziswa kakhulu uma kuhlotshiswa imibhako efana namaqebelengwana, amaCupcake, amadonadi kanye namaCinnamon Roll.
Yehluka kanjani ke iFrosting ku-Icing noma iGlaze? Uma ufuna ukunambitheka okusabhotela kulokho ohlobisa ngakho umbhako wakho, kuzofanele ukuthi wenze iFrosting. IFrosting yona isalugqinsi uma iqhathaniswa ne-Icing (yona emanzana). Ibhotela noma ukhilimu izona zithako ezibalulekile uma wenza iFrosting. Njenge-Icing, ungakwazi ukufaka isithako esithize ukuze kushintshe indlela yokunambitheka. Uyakwazi futhi nokwenza iFrosting ibe ngumbala owufisayo, njengayo i-Icing. Okunye okuhehayo ngeFrosting ukuthi uyakwazi ukwenza izakhiwomumo ezithize ngayo. Isibonelo: ungakwazi ukwenza izimbali ngayo iFrosting. Lolu hlobo lokuhlobisa luvame kakhulu ukubonakala emakhekheni amakhulu kanye nakumaCupcake. Amakhekhe atakiwe avame ukufakwa iFrosting phakathi nendawo, ukwehlukanisa izingcezu. Ngenxa yokuthi angilidli ibhotela, akusiyo indlela yokuhlobisa amakhekhe engiyikhonzile le, ngincamela iGlaze ukuhlobisa imibhako yami, ngaphandle uma lokho engikubhakayo kungeke kuhambisane neGlaze, nokusho ukuthi angeke ngiwudle lowombhako.
Kulesi siqephu, sizocobelelana ngezindlelakwenza ezilula zokuhlobiswa kwemibhako, ezahlukene.
IButtercream Frosting
Izithako
- Ama-230g ebhotela, elithanjisiwe.
- Izinkomishi ezimbili nengxenye (2½) zoshukela osampuphu
- Izipuni zokudla ezimbili zikakhilimu
- Ithispuni elilodwa (1) leVanilla Essence
- Ingcosana kasawoti ukuhlanganisa ukunambitheka
Indlelakwenza
- Endishini, faka ibhotela.
- Ngokusebenzisa umshini kagesi, shaya ibhotela ngesivinini esimaphakathi nendawo, lize libe bushelelezi.
- Qulela ushukela osampuphu uqhubeke uhlanganise ngomshini, ngesivinini esifanayo, cishe imizuzu emibili. Kufanele ihlangane ngokuphelele ingxube yakho.
- Faka ukhilimu, iVanilla Essence kanye nosawoti uqhubeke ushaye, imizuzu emibili.
- Uma ufuna iFrosting yakho ibe nombala othize, ungayifaka manje iFood Colouring yalowo mbala.
- Qiniseka ukuthi usebenzisa ukhezo ukuhwaya nokuhlanganisa lokho okunamathela onqenqemeni lwendishi njengoba uxuba ngomshini nje.
- Usungayininda iFrosting yakho ekhekheni okanye uyifake ephepheni ozoputshuzela ngalo iFrosting kumaCupcake akho.
IVanilla Glaze
Izithako
- Izinkomishi ezimbili (2) zoshukela osampuphu
- Ithispuni elilodwa (1) leVanilla Essence
- Izipuni zokudla ezintathu kuya kwezine (3-4) zobisi
Indlelakwenza
- Endishini, thela ushukela osampuphu, ivanilla essence kanye nobisi.
- Hlanganisa ngokhezo (ungasebenzisi umshini ukwenza lokhu), uqinise isandla kuze kuhlangane ngokuphelele.
- Uma ufisa ingxube yakho ibe manzana ngokwedlulele, yengeza ubisi ngokukala ngesipuni uze ugculiseke ngobumanzi bayo.
- Vuvuzela iGlaze yakho embhakweni wakho ngendlela othanda ngakhona.
ICream Cheese Frosting
Izithako
- Ama-113g ebhotela elithanjisiwe
- Ama-226g eCream Cheese ethanjisiwe (uyithola efrijini elihlala oshizi esitolo)
- Ithispuni elilodwa (1) leVanilla Essence
- Ikota (1/4) yethispuni likasawoti
- Izinkomishi ezine (4) zoshukela osampuphu
Indlelakwenza
- Endishini, faka ibhotela kanye neCream Cheese.
- Ngokusebenzisa umshini kagesi, hlanganisa ibhotela neCream Cheese ngomshini kagesi kuze kuhlangane ngokuphelele. Qinisekisa ukuthi ingxube yakho ayinazigaxa.
- Thela ivanilla essence kanye nosawoti uhlanganise ngokhezo, ngokuphelele. Akumele uyibone ivanilla essence uma usuhlanganise kahle.
- Faka ushukela osampuphu uphinde uhlanganise ngomshini, ngesivinini esiphansi.
- Hlobisa amakhekhe akho ngendlela ofisa ngayo.
Amasu
- Ukuze uthole umphumela oseqophelweni eliphezulu, qinisekisa ukuthi amakhekhe akho asephole ngokuphelele ngaphambi kukuthi uwafake okokuhlobisa. Uma engapholile ngokuphelele, i-Icing noma iFrosting yakho ingancibilika lapho uyifaka.
Qhubeka ungithumelele izithombe zakho zokudla okuphekayo kanye nezombhako, eziko lakho. Uma unemibuzo nganoma yini ethinta iziko, ungangithulelela i-imeyli, ku: szungu@nkzgroup.co.za