Ubunye kwaboHlanga bungaba yihawu


Izwe elethiwa ngokuthi iSouth Africa (INingizimu Afrika) ngonyaka we-1910 elaziwa kanjalo futhi nanamuhla liyimiphumela yeminyaka yokucindezelwa ngabasentshonalanga kanjalo naboHlanga belwa izimpi bevikela izwe, isintu kanye nomhlaba wobabamkhulu. Unyaka we-1994 waziwa kuleli njengenkathi eyaletha inkululeko. Kepha eminyakeni edlulile, abaningi boHlanga bazwakalise okukhulu ukudumala ngokungaguquki kwesimo sempilo. Isabelo somhlaba nomnotho sandele abokufika. Ubu-Afrika bucindezelekile ezweni lama-Afrika. Ngenxa yalokhu abanye basola ukwentuleka kwenjula yemicabango yabaholi bezombangazwe. Lokhu kusinika ithuba lokuthi sizibuze ukuthi ingabe lukhona olunye uhlobo lobuholi esingancela kulo?
Isizwe nesizwe sinakho okuyisisekelo sokuphila kwaso. Abantu base-Afrika ngokudabuka lokhu bakubiza ngokuthi iSintu. Ubaba uMnu uMogobe Ramose lokhu ukuchaza kanje: Isintu siyisihlahla solwazi. Ulwazi oluyisisekelo sempilo yonke ngokuhlukana kwezigaba. Kuso lesi sihlahla sithola ulwazi ngomnotho, usikompilo, ulimi, indlela yokuxhumana noMdali, imvelo kanye nabanye ozakwethu. Kanjalo-ke kubalulekile ukuthi sisivikele ngoba sigodle konke esiyikho. Isintu siyimbumba ehlanganisa izinhlanga zakwaNtu zonke. Abaholi bangaphambalini babekwazi ukubaluleka kwakho ubunye ngaphakathi kwabomdabu ekunqobeni isitha.
Ngonyaka we-1963 e-Accra, eGhana, enhlanganweni yokuqala yobunye bama-Afrika i-Organisation for African Unity (OAU), kwahlangana amazwe angamashumi amathathu nambili aqoka indlela eyayokwehola izenzo zabo ekunqobeni isitha. Ethula inkulumo owayenguMengameli waseGhana, uNkwame Nkrumah wathi: “Kumele sihlangane manje okanye siyokushabalala.” Esekela lokhu kwenye yezinhlangano zokubungaza ukukhululeka kwezwe iGhana, owayenguMengameli waseTanzania, uJulius Nyerere wathi: “Ngaphandle kobunye kwabomdabu, izwekazi lase-Afrika angeke lilibone ikusasa.”
Lolu hlobo lobuholi lwezombangazwe olusekelwe ngubu-Afrika okanye ubunye bama-Afrika bayithola indawo nangapha eNingizimu Afrika. Buyatholakala uma sibheka ubuholi bamaqhawe afana noMnu u-Anton Muziwakhe Lembede kanye nabanye abafana noMnu uRobert Mangaliso Sobukwe. Imbewu yobunye yatshalwa ngenkathi uMnu uLembede efunda amabanga aphezulu e-Adams College. USuku Lwamaqhawe kwakuwusuku lokubungaza amaqhawe afana neNkosi uShaka, iNkosi uMoshoeshoe kanye namanye aMakhosi. Abafundi babekhuthazwa ukuthi bagqoke imvunulo yezinhlanga ezahlukene zomdabu. Lapha babefundiswa ngokubaluleka bobunye bezinhlanga. Le mbewu yaphinde yakhuliswa yachelelwa izinkulumo ayeba nazo noPixley ka Isaka Seme kanye no-AP Mda.
Ngokungagculiseki ngobuholi be-African National Congress (ANC) ngaleyo nkathi, beyisola ngokulahla ubuholi bobunye beqoka ukuzwana ngokukhula nabasentshonalanga beCommunist Party of South Africa (CPSA) namuhla eyaziwa ngeSouth African Communist Party (SACP), uLembede nozakwabo baqoka ukusungula uhlu lwentsha lwenhlangano ye-ANC ngenhloso yokuvuselela ubunye kwabomdabu. Lokhu okwaholela uLembede ekusunguleni uhlu lwentsha kwaholela uSobukwe nabanye ekutheni basungule inhlangano entsha eyaziwa ngokuthi iPan Africanist Congress (PAC). Izikhalo zabePAC kwakuwukuthi i-ANC, isingenelelwe abokufika. Imibono nezenzo zayo sezivikela kakhulu abokufika. Ukungenelela kweSACP kwazala isiqubulo esithi: “INingizimu Afrika izwe labo bonke abaphila kulo”. IPAC yabe iqhakambisa isiqubulo esithi: “I-Afrika, izwe lethu [ma-Afrika]”. Begcizelela ubunye bom-Afrika futhi besaqhuba kona ukulwela izwe njengawo aMakhosi oBhambatha noCetshwayo.
Ukuphikisana kweziqubulo esezibaluliwe kuveza okuningi okwalahleka. Namuhla akukho ukuzwana phakathi komu-Afrika, ozalelwe ngaphandle kwaleli waziwa njengesitha. Lo mhlaba wokhokho awukaze ubuye. Ulimi lomdabu lucindezekile. Isintu uqobo lwaso silahlekile. Kusobala ukuthi ubunye buyihawu esingavika ngalo. Ngalo singagwema izimpi nokucwasana phakathi kwaboHlanga. Isihlahla sesintu singachuma sikhiqize izithelo esingakha ngazo isizwe. Siyathola ukuthi ukhona umlando wobunye esingabukela kuwo. INingizimu Afrika njengezwe elaba elinye lamazwe athola inkululeko ekugcineni kuningi engakuzuza uma ingahlaziya futhi ibukele ukuthi abanye abaholi babeyibuka ngeso elinjani inkululeko.