Now Reading
Izinhlaka zezemidlalo zibonakala zingalandeli okubekwe uMnyango
Dark Light

Izinhlaka zezemidlalo zibonakala zingalandeli okubekwe uMnyango

Kushayisa ngamahloni ukuthi phezu kokuba sekuphele iminyaka eli-17 uMnyango Wezemidlalo waqoka ithimba lezincithabuchopho, i-Eminent Persons Group (EPG), ukuthi libheke izindlela zokuthuthukisa ezemidlalo kuleli ngokuthi kunikwe amathuba labo abebencishiwe kodwa izinhlangano zezemidlalo zisaqhubeka nokwenza amaphutha afanayo. 

Ngesonto elidlule leli thimba le-EPG lethule kuNgqongqoshe Wezemidlalo uMnu uNathi Mthethwa umbiko waphakathi nonyaka wezi-2018 nowezi-2019 ebeliphenya kuwo izinhlangano zezemidlalo ezili-19 ukuthi ziyakulandela yini ezaziyalelwe khona. Phakathi kwalokhu ukufaka ezikhundleni nakwamanye amathuba aboHlanga okukhona kubo abesifazane, abakhubazekile, aboHlanga, amaNdiya namaKhaladi. Kukhona nokuthuthukisa ezemidlalo ezikoleni zabamnyama. 

Izinhlangano ebeziphenywa, yiSanabo okuyinhlangano yesibhakela esingakhokheli, ezokusubatha, iBasketball, iBaseball, iBowls, iChess, ikhilikithi, unobhutshuzwayo, iGymnastics, iHockey, iJukskei, ibhola lo mnqakiswano, iRowing, umbhoxo, iSoftball, ezokubhukuda, iTable Tennis, ithenisi neVolleyball. 

Ithimba le-EPG liyinzalo yeTransformation Charter okwaphunywa nayo kuNational Sports and Recreation Indaba eyayingoLwezi ngowezi-2011. Inhloso kwakuwukuqeda insila yobandlululo kwezemidlalo ebinika amandla abamhlophe kwezemidlalo kuleli kushiywe ngaphandle aboHlanga. 

Nakuba ikhona neminye imidlalo obekukhonya noma okusabusa kuyo abelungu kodwa kuyinto engephikwe ukuthi bekugqame umdlalo wombhoxo nowekhilikithi. Emaqenjini esizwe aboHlanga bebeshiywa ngaphandle kungakhathalekile ukuthi banekhono elingakanani. 

Umbiko wokuqala we-EPG eyahlanganiswa ngo-2012, yawethula phakathi konyaka wezi-2012 nowezi-2013. Yaqala ngokubheka okwenzeka ezinhlotsheni ku-Athletics South Africa (ASA), iCricket South Africa (CSA), iSouth African Football Association (Safa), iSouth African Rugby Union (Saru) nakuNetball South Africa (NSA). Ngonyaka owalandela yangeza ngezili-14.   

Umbiko osanda kukhishwa bekungowesi-7 kanti ngowesi-6 sekuphenywa zonke izinhlangano. 

Kulahlisa ithemba ukuthi kuwo kutholakale ukuthi iSwimming South Africa (SSA) neSouth African Hockey Association (SAHA) bathole ngaphansi kwamaphuzu angama-50% ekulandeleni izethulo ze-EPG. ICSA esematheni kulezi zinsuku ngenxa yezinsolo zobandlululo ithole amaphuzu angale kwama-70%. Nakuba ithole la maphuzu kodwa nayo isezinhlanganweni ezizovela ngaphambi koMnyango ukuyochaza ukuthi kungani zithole ngaphansi kwama-50%. 

Lezi zinhlangano zilengela engozini yokuphucwa uxhaso lwemali kaHulumeni, ukuphucwa igunya lokubhidela nokusingatha imiqhudelwano yomhlaba kuleli, nokungahlonishwa kwazo okungaholela ekutheni ziphucwe imibala yezwe. 

Phezu kwalezi zigwebo, i-EPG eholwa uMnu uHappy Ntshingila onguSihlalo, ithole izinhlangano zezemidlalo eziningi ziphethwe ngabantu abangenalo ulwazi lokuphuma namaqhinga nokuhola. Laba yiZikhulu Eziphezulu, amalungu esigungu esiphezulu nezisebenzi. 

Lez zinhlangano zikhungethwe imibango, izinga eliphansi lokudlala kusukela ezifundazweni kuya kuzwelonke. Kuhamba ngolonwabu ukushintshwa kwabamhlophe ezikhundleni, kalikho iqhingasu lokuhlela isimo semidlalo yezikole. 

Angaphansi kwamaphesenti amahlanu amakilabhu ezemidlalo nezinhlaka ezibhekelele ezemidlalo ezikoleni ezisemakhaya nasemalokishini. Ukuqhubeka nokungalandelwa kwezethulo ze-EPG. Izinga eliphansi nokwehla kwesibalo sonompempe, abaqeqeshi nabo-empheya.  Abesifazane kabafakwa ezikhundleni. 

Mayelana nomgogodla wezemidlalo okuyizikole, leli komiti lithole ukuthi nakuba uMnyango Wezemidlalo noWezemfundo basayina isivumelwano sokusebenzisana ngowezi-2011 kodwa izinkinga zisaqhubeka. 

Akukho okuphoqa izinyunyana zothisha ukutshela amalungu azo ukuzibandakanya nezemidlalo. Ingxenye yezikole kweziyizi-25 000 kazinayo ingqalasizinda yokudlala. Izikole azinamali. 

Lezo ezazaziwa ngamaModel C, ezilinganiselwa ezi-2 000 kazizibandakanyi ohlelweni lwemidlalo yezikole zikaHulumeni. 

Kalukho uhlelo oluqondile lokuqoqa uhlu lwabaqeqeshi, abahleli bemidlalo, amaligi, imidlalo nokunye. 

See Also

KumaPrimary School iRowing kayidlalwa, kalukho uhlelo oluqondile lokudlala unobhutshuzwayo. AbeChess baqome ukungalethi mbiko. 

Ezokusubatha izona ezidlalwa kakhulu njengoba ziyizi-16 790 izikole ezizibandakanya nayo. Ikhilikithi ilele isibili ngezi-11 053, iNetball (5 435), iVolleyball (3 564), umbhoxo (3 022), bese ithenisi ibe neziyizi-17 000. 

Ezikoleni zamabanga aphezulu zingama-53 ezidlala iRowing, nalapha ezokusubatha zihamba phambili ngeziyizi-7 567, ikhilikithi (1 853), iNetball (3 061), iVolleyball (2 728) umbhoxo (2 480), ithenisi (1441). 

Ezikoleni ezizimele, zili-15 ezidlalisa iRowing. Ngesifanayo nalapha, izikole ezidlalisa ezokusubatha ziyi-1 884, iNetball (379), iVolleyball (516), ikhilikithi (324), ithenisi (284), ezokubhukuda (216), iHockey (165), umbhoxo (135), iTable Tennis (58), iSoftball (35), iBowls (15), iGymnastics (14), iJukskei (8), iBaseball (2). 

Mayelana nobulili, ezinhlanganweni zemidlalo ezili-18 yiGymnastics neNetball abanomengameli besifazane. KuGymnastics ngomhlophe bese eba owoHlanga kuNetball. 

Zinhlanu kuphela ezineZikhulu Eziphezulu zabesifazane. Kwezamankomane nakuHockey  iIzikhulu Eziphezulu ngezaboHlanga, kuJukskei nakuNetball omhlophe nowomdabu waseNdiya kuTable Tennis. 

Abesifazane abaqashwe ngokuphelele kuNetball bangama-100%, iHockey bangama-75%, ezokusubatha bangama-58% bese beba ngama-55% kwezokubhukuda. 

KuBasketball, kuBaseball, kuBowls, emankomaneni, kuJukskei, kuSoftball, kuRowing, kuTable Tennis, kuChess nakuVolleyball abekho (0%).

Scroll To Top