Igama lokuxolisa akulona elokwedlulisa udaba



UNgqondobukhali yisithunywa seZinyandezulu
KwaboHlanga ukuxolelana kugqabula ifindo kwabaphilayo nabangasekho
INingizimu Afrika ike yaqhamuka nohlelo olwabe luyinqabakutholwa nolwatuswa umhlaba wonke. Lolu kwabe kuwuhlelo lokubuyisana. Okwabe kushiwo kwaba wukuthi ozile phambi kweKhomishini eyabe iholwa nguSobaba uTutu uzophalaza amaqiniso bese ehlomula ushwele. Okusobala wukuthi abenzi balo mthetho owabe ulawula uhlelo lolu babenethemba lokuthi labo abazobe bephalaza abakwaziyo nabakwenzayo bazobe beqinisile. Sekuwumlando ukuthi akubanga njalo ngoba nanamuhla kusekhona ukukhononda.
Akukhona lokhu kodwa kepha minyaka yonke kuhlale kunezinhlelo zikaHulumeni zokubuyisana. Lapha kusuke kukhunjulwa izinsuku ezabe zilukhuni ikakhulukazi kubacindezelwa. Inqaba lapha wukuthi le mibungazo igcina ihanjelwa yibo aboHlanga ababehujwa, ontabakayikhonjwa kabalubhadi.
Lokhu kungibuyisela odabeni olumqoka lapha emindenini, emphakathini nase sizweni. Lapha ngikhuluma ngoxolo lwangempela. Yebo, ngifaka leli likangempela ngoba kunesizathu. Umlando waboHlanga kanjalo nosikompilo lwabo luyasivezela ukuthi uxolo lumqoka kanjani. Kubo uxolo akulona igama nje kepha yisenzo. Khona lapho siyathola ukuthi uxolo akulona olomuntu lowo noma labo abanyathelene ngandlela thize. Uxolo kwaboHlanga luhamba indlela ende ejulile. Akesenze nje isibonelo soxolo olucelwa ngumuntu owone ingane yomuntu, wangena isibaya somnumzane.
Lapha lolu daba kwabanye ngolwabantu ababili, umfana nentombazane. Kepha kwaboHlanga akunjalo, intombazane le iqhutshwa ngabadala nomfana usuke esemi nabakwabo. Luthi lungabekwa lwamukelwe udaba bese abakwamfana benza okufanele ukuyoxolisa ngempela emzini yabantu. Nalapha akuxoliswa kulaba abazala intombazane, kuxoliswa esigodini nasesizweni.
Kepha okumqoka kuxoliswa kwabakwantombazane abangasekho okungabanikazi bangempela bengane lena.
Nasi esinye isibonelo; usebhungukile ubaba waya eGoli, wahamba zaze zakhula izingane waguga umfazi. Uyabuya ngoba usegilwe yiGoli ubuya nje uthi uza kwabo ngoba kwale ngisho sebemvimba lapho abebhungukele khona ukuthi akathi ukulinda ukuze alulame uzwe insizwa isithi kungcono ‘iyofela emzini kayise komazibanibani’.
Uthi angafika kubuthane umndeni uzolalela ukuthi uvelaphi nokufakaza ukuthi nguye. Wena ungacabanga ukuthi usephakelwe ukudla wanikwa namanzi okuyohlamba nezingubo nje sekwedlulwe. Kuthi sekushiwo konke bese uzwa impepho ivimbezele sekuyobikwa ukubuya kwebhunguka, kuyashwelezwa naye qobo uba yingane lapha emsamo uyazixolisela, kukhonjwe izinyane kuxolelwane, abaphilayo nabangasekho. Kumqoka lokhu ngoba umfazi nendoda bangaxolelana kepha uma kungakadluli lapha emsamo kusuke kungakenzeki lutho.
Ukukhumelana umlotha
Asibuyele kulokhu esiqale ngakho. Iphutha leKhomishini Yokubuyisana kuleli kwaba ukubuka ukuxolisa nokuxolelana njengento yabantu ababili noma yabefundisi nosopolitiki.
Umuntu (umenzi noma umoni) wayexolisa ehholo ebulele umuntu walapha eMahlabathini naseCofimvaba. Akayi kwamufi ayodlulisa ukuxolisa kwakhe ukuze nalo obengumenziwa ezwe ukuthi sekwedluliwe. Cha isilungu sithi kulungile xolisa kumfundisi, uxolise kuKhomishana ungezi lapha ekhaya. Asimangali-ke kungabanga bikho kubuyisana ngoba empeleni akuxoliswangwa ngokweqiniso, akukhumelwananga umlotha.
Ukube nje babe buzile kwaboHlanga abeKhomishini babe zokwazi ukuthi lapha kwaboHlanga igama ungiyaxolisa lihamba nokuthi uxoliselani. Akulona nje igama lokwedlula odabeni. Akulona igama lokucela ukwehliselwa isigwebo nokugwema ijele. Ngoxolo kugqabuka izibopho namaketanga abekhona. Uxolo luwukubuyisana kwabaphilayo nabangasekho.
Njengomndeni waseNingizimu Afrika siyaludinga uxolo lwangempela ikakhulukazi njengoba salwa iminyaka emingaka kwafa abantu. Yibo-ke laba okumele bakhumelane umlotha nabo kungabi yithi nje abaphilayo esihambe sikhuluma ngokuthula nokubuyisana.
Zikhona izindlela zaboHlanga zokuqala izinhlelo zokubuyisana, zijulile futhi ziyasebenza. Okwakho wukuthi uzazi futhi uzisebenzise. Thokoza.