UBUCIKO: Ukuhlobana kwengqayi nengqephu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Njengoba abalingisi besuke benza, ingqephu nayo iyakwazi ukukuthatha ikubeke ngengqondo
Ingqephu, imisiko, njengakho konke okuveza ubuciko kuneqhaza elimqoka okulibambayo ekuxhumaneni kwabantu kanye nasekuzizweni bona luqobo. Lokhu kugqama kakhulu uma kufika kwezengqayi. Lokhu kwaqala ukuboniswa kwengqayi nengqephu kwavele kwaba yisigege nesinene esiqubula umuzwa wokukhonjiswa kwengqayi othatha izibukeli uzibeke ohambeni lwemizwa eyanelisa umoya nombono.
Muva nje ingqephu ebiwundabamlonyeni yileyo eyavela engqayini eyashisa izikhotha iBlack Panther. Le ngqayi igxile esizweni saseWakanda, okuyizwe mbumbulu ngokwengqayi. Nokho ekuvezayo akukude nomlando wobunye boBukhosi okwabe bukhona endulo, kusadliwa ngoludala. Kwakukhona uBukhosi baseDahomey, okuthi uma kubhekwa ibalazwe lase-Afrika elisetshenziswa namuhla, lobu Bukhosi bungabhekwa ngobabugamanxele amazwe amabili okuyiBenin neTogo. UBukhosi baseDahomey baba ngobunye obabuqavile futhi budume kakhulu e-Afrika yasemandulo, obama iminyaka eyevile kwengama-300, kusukela ngeye-1600 kuze cishe kuyele ekupheleni kweminyaka ye-1890.
Uma umlando wombuso woBukhosi waseDahomey ulandelwa, kuye kuvele ukuthi wawuhlanganisa izizwe eziningana kodwa esasihamba phambili kwakungamaFon. Kokuningi lobu Bukhosi obabudume ngakho ulwazi olunzulu ngokuphatha izwe, intuthuko nobuhlakani ngakwezohwebo, ikakhulukazi ngegolide, nezinye izizwe ezazikhona ngaleyo minyaka kanye namazwe ase-Europe, ngaphambi kokuba aboHlanga baqolwe umhlaba wabo kwase kuqala ingcindezelo.
Okuphinde kubonakale emlandweni walobu Bukhosi ukugqama nokubaluleka kwendima eyaqathwa ngaMakhosi athize esizwe. Lapha kungabalwa iNkosi u-Agaja owabusa ngesikhathi sowe-1708 kuya kowe-1740 okunguye owaqala indlela yokubumba nokwandisa isizwe ngokuthi asihlanganise nezinye.
YiNkosi uGhezo owabusa ngeminyaka yowe-1818 kuya kowe-1858 owakwazi ukuqinisa indima yabesifazane kwezempi kanye nezwi labo ekuphathweni kombuso kanye neNkosi uBéhanzin eyabusa ngeminyaka yawo-1889-1894 eyaba yiNkosi yokugcina futhi yahola isizwe ezimpini neFrance.
Lona wumlando onothile nokudinga ubuchule ukuba abahleli bengqayi bangagcini ngokuwuqopha nje kepha babuye bakhe nesithombe esenziwa kangcono wukuhlelwa kwendawo kanye nengqephu.
Labo ababenikwe umsebenzi wokuhlanganisa ingqephu kule ngqayi benza umsebenzi oncomekayo nowabe ulekelela inhloso yababhali nabaqondisi. Lapha inhloso kwabe kuwukuveza i-Afrika emibalabala ngokwamasiko nokuvela kahle ngengqephu. Okusobala wukuthi lona akuwona umsebenzi olula kepha ngodinga ucwaningo olunzulu ngoba iphutha nje elincane lingakhonga ukugxekwa kwengqayi.
KolweBlack Panther ababe bhekelele ingqephu, babekhuthazwe izizwe ezahlukene zase-Afrika lapho bathatha isikhathi sabo befunda ngamasiko ahlukene nokuthi asho ukuthini ngezinhlobo ezahlukile zemvunulo nokuvunula.
Kule ngqayi sibona ingqephu eveza izizwe ezahlukene kusuka kuZulu, abaTaureng, amaMassai, amaHimba namaDinga. Akhona namatshali abeSotho iSeanarena, imigexo yamaNdebele nesicholo esigqokwa zinkehli KwaZulu.
Ukuqinisekisa ukuthi iphutha kalenzeki, abadidiyeli bengqephu ababeholwa nguRuth Cater bathathisela kubathungi bengqephu base-Afrika okubalwa uWale Oyejide, uLaduma Ngxokolo wodumo lwengqephu eyaziwa ngeMaXhosa kanye noDuro Oluwu.
Ephawula ngokuthi kungani alithathela phezulu ithuba lokuba abe yingxenye yeBlack Panther wacashunwa ethi: “Umsebenzi wami njengomsikingqephu uwukusikisela ngokuphawula ngempumelelo nobuhlungu kubantu bebala, okungaba ama-Afrika aseMelika noma ama-Afrika. Ukuziveza kwethu nesipho sethu emhlabeni kuwumnikelo ongayiwa, oletha okuningi ngezindlela eziningi ezimangazayo esikwenza ngazo.”
Nembala ingqayi edidiyelwe kahle futhi yahleleka kahle uma kufika ezimpahleni ezisetshenziswa ngabalingisi iyahlonipheka, iyakholakala futhi icosha izindondo. Khona lapho abasiki bengqephu abaphambili bayakwazi ukusebenzisa ingqayi ukuzakhela udumo bona nemisiko yabo.
Osekuvamile nje yilokhu kokuthi uma emdlalweni othile kunomshado bese ubona yona ingqephu nokuthi uma lowo mswenko uthandwe ngabantu bese bedla kahle abasiki lapho.
Ngasohlangothi lwengqayi ikakhulukazi uma kuwukuthi kuvuswa emidala imilando kuba mqoka ukuthi abanikwe umsebenzi wokuhlanganisa impahla bacophelele.
Phakathi kwababasiki bengqephu ababa ngamavulandlea ekuqondiseni ingqephu asebeke bazibandakanya nezingqayi ezithize singabala abeCoco Channel okwathi ngowe-1931 basebenza nemidlalo eyahlukene okubalwa iLes Amants (1958) neL’année dernière à Marienbad (1961). UChristian Dior ngowe-1947 wasebenzisana neRené Clair’s Le silence est d’or (1946).