Intsha ikwazile ukubona intuba yomnotho



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Nakuba izwe nomhlaba wonke kubhekene nesimo esinzima sokhuvethe kodwa bakhona abasebenzise lesi sikhathi ukuzithuthukisa ngokuvula amabhizinisi asebeziphilisa ngawo kanye nabanye.
Iningi lalaba yintsha yaseNingizimu Afrika. Lokhu kuvezwe uMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa. Uthi intsha yakuleli esemabhizinisini isikhombise ukuphikelela nobuhlakani ngalesi sikhathi kubhekwene nokhuvethe oselulethe izinguquko endleleni yokuphila nokwenza ibhizinisi.
URamaphosa uthi njengoba uHulumeni, abamabhizinisi, izinhlangano zomphakathi, osomnotho namaqembu epolitiki bezama ukwakha umbono omusha wokubhekana nesimo emuva kokhuvethe, sekuvele intsha engosomabhizinisi esebenzisa amathuba avulekayo njengoba kufunwa indlela yokubhekana nendlela entsha yokuphila.
“Ukhuvethe ifu elimnyama elilenga phezu kwempilo yezakhamuzi zaseNingizimu Afrika nomnotho wezwe. INingizimu Afrika ayiyodwa kulokhu. Maningi amazwe abhekene nezinselelo ezinzima zomnotho,” kusho uRamaphosa.
Uqhuba athi: “Njengamazwe amaningi, nathi siphendulile ngosizo kwezomnotho nenhlalo oluyizigidigidi ezingama-R500. Kodwa siyazi ukuthi kusafanele siqhamuke nohlelo lweqhingasu nombono okuzosisiza ukucaba indlela eya phambili ngale kokhuvethe.”
UMengameli uthi nakuba likhona ifu elimnyama elilengayo kodwa kukhona okuhle kulo futhi noma sikhula isibalo sabantu abaphelelwa imisebenzi nobubha kodwa maningi amathuba akhona okufanele abhekwe ukulwa nemiphumela emibi yokhuvethe.
Uthi buyamthokozisa ubuhlakani obuvezwa iningi lezakhamuzi zakuleli eseziqhamuke nezisombululo ezizenzele zona ezinselelweni izwe elibhekene nazo.
“Abanye sebeqale amabhizinisi amancane ngenxa yezimo ababhekene nazo njengokuphelelwa imisebenzi kanti abanye abaphelelwe imisebenzi basebenzise ithuba elivezwe yilolu bhubhane ukuzenzela imali,” usho kanje.
Wenze isibonelo ngenkampani yentsha yaseLanga eCape Town, iCloudy Deliveries. Le nkampani ivule ibhizinisi lokuhambisela abantu igilosa abayithengile ngamabhayisikili. Uthe bahambisela impahla izakhamuzi esezikhulile okuphoqelekile ukuthi zihlale ezindlini ngenxa yokhuvethe.
UMengameli uthi le ntsha yenza inzuzo futhi ihlinzeka umphakathi ngezidingo ezibalulekile.
ELimpopo u-Election Xitsakiso Baloyi (28) ibhizinisi lakhe lepizza, iRabbit’s Pizza, lidlondlobalile emuva kokuba umndeni wakhe ufake izithombe zalo ezinkundleni zokuxhumana.
“Njengoba imvalelwakhaya ivimbela abantu ukuba badlele ngaphandle, uthintwe inqwaba yamalungu omphakathi abefuna ukwazi ukuthi ngabe uyayidayisa yini ipizza yakhe. Njengamanje ibhizinisi lakhe, aliqale ngemali eyi-R1000 ayeyibekile namapani okubhaka ekhishini lakhe, seliqashe intsha eyisi-9 kanti ihambisela abantu hhayi kuphela eMankweng kodwa nasendaweni ewumakhelwane iNwamitwa naseGiyani,” kubeka uRamaphosa.
Uthi lo somabhizinisi uhlela ukuvula ezinye izitolo kwezinye izindawo ezisemakhaya nokuqasha intsha eningi engasebenzi ngakubo.
Uveze ukuthi njengoba sikhula isidingo sezivikeli (Personal Protective Equipment) kulolu khuvethe, amabhizinisi amancane amaningi akhiqiza izimfonyo, izinsitha namamaski angamahawu asevulilwe kanti aphakela amabhizinisi nemiphakathi.
Uphinde waveza udaba lukaPonani Shikweni (32) wase-Alexandra eGoli oseguqule ibhizinisi lakhe lendwangu wenza izimfonyo. Kumanje useqashe abantu abangama-35 iningi labo abaneminyaka yobudala engaphansi kwengama-25.
UPonani ukhiqiza izimfonyo ezingaphezulu kwe-1000 ngosuku kanti usenikelele ngezimfonyo izakhamuzi zase-Alexandra ezingaphezulu kwezi-20 000.
“Ukugcina umuzwa ezakhamuzini zakuleli uphezulu ngalesi sikhathi semvalelwakhaya, intsha yakuleli engamaciko nabaculi sebethathe ithalente labo balifaka ku-inthanethi okuholele emathubeni ebhizinisi amasha. Omunye walaba uDJ nesihlabani esisakhula saseSekhukhune esineminyaka yobudala eli-18, uJudy Jay, imisebenzi yakhe ayenza ngalesi sikhathi ezinkundleni zokuxhumana esihehe iziteshi zomsakazo ezinkulu kuleli nasemhlabeni okumenza akwazi ukukhulisa igama lakhe.”
URamaphosa unxuse ukuthi le ntsha akhuluma ngayo yesekwe futhi ikhuliswe.
Uthi ukuvuswa komnotho wezwe ngeke kulinde kuphele ukhuvethe kodwa kufanele kuqalwe manje.
Uthi okunye okuvelile ngesikhathi semvalelwakhaya ukuthuthuka kwamabhizinisi asemalokishini nasemaphandleni kwazise abantu bebengakwazi ukuhamba kakhulu.
“Amabhizinisi amancane emalokishini nasezindaweni zasemakhaya akwazile ukugcina abantu bekuthola okubalulekile abakudingayo. Lokhu kukhombisa ukuphikelela kosomabhizinisi abancane ngalesi sikhathi esinzima ezweni lethu.”
URamaphosa uthi ukugcina la mabhizinisi ephumelela kumele kuliwe nezinto eziyizivimbelo kosomabhizinisi.
Uthe ngaphansi koMnyango Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, iPresidential Youth Employment Intervention nezinye izinhlaka umnotho wasemalokishini nowasemakhaya ubekwe phambili emizamweni yokuvuselela izwe.