Lubonakala seluthinta ezomoya nezengqondo ukhuvethe



UDkt uMngqibisa ungudokotela wezempilo.
Abantu abaningi baseNiningizimu Afrika bafelwe ngabathandiweyo babo. Sibone yanda imingcwabo kula masonto edlule. Lesi sifo sidla lubi kulabo abangavikelekile futhi kumele sonke sisibuke ngelinye iso. Ukwanda kokuthelelana kokunye kudalwa ukuyekelela uma kuyiwa ekuvikelweni kuleli gciwane. Ngeke sakwazi ukukwenza lokhu manje. Khumbula ukuthi singayinqoba le mpi uma sidonsa ndawonye.
Asivikele labo abangavikelekile kulolu bhubhane okungasebekhulile abanezifo ezifana noshukela, umfutho wegazi ophezulu, izinkinga zamaphaphu, abakhuluphele ngokweqile nabanofuba njalo njalo.
Asingazikhohlwa lezi zinyathelo zokuzivikela sonke okumele sizilandele:
- Gcina ibanga. Hlala ekhaya ugweme ngayo yonke indlela ukuhlangana nabantu ikakhulu labo abagulayo.
- Sebenzisa izimfonyo uphinde uqinisekise inhlanzeko ngokusebenzisa izihlanzimagciwane.
- Jwayela ukugeza izandla ngensipho namanzi.
- Gwema ukuthinta ubuso, amakhala namehlo ngezandla ezingageziwe.
- Amasu okukhwehlela nokuthimula (ukukhwehlelela noma uthimulele endololwaneni) kubalulekile kuzo zonke izifo.
UMnyango Wezempilo umemezele imigomo yokuhlala ngayedwa komuntu okubuyekeziwe. Kubalulekile ukuthi sazi ngayo. Lokhu kuqondiswe kubantu osekuqinisekisiwe ukuthi sebenokhuvethe abebehlaliswe ngabodwana nalabo abake basondelana nabo abese behlaliswe bodwa benazo noma bengenazo izimpawu. Isikhathi sokuhlala wedwa sehliselwe ezinsukwini ezili-10 kuye ngokuthi umkhuhlane uyaphela nezimpawu zibangcono.
Ukhuvethe namalungu omzimba
Nakuba kwaziwa ukuthi ukhuvethe lwaziwa futhi lweyamaniswa nokuphefumula kodwa lungaphazamisa ezinye izingxenye zomzimba okungaholela emiphumeleni engemihle. Ukuthinteka kwezinye izcubu kujwayele ukuthi kuyamaniswe nokutheleleka okubucayi nokwanda kwamathuba okufa.
Ukhuvethe nengqondo
Lolu bhubhane luveze ukukhula kwesidingo sokwelashwa ngokwengqondo hhayi kuphela eNingizimu Afrika kodwa emhlabeni wonke. Amazwe amaningi asekubonile ukwenyuka kwezimpawu zengcindezi. NgokweWorld Health Organisation (WHO) abantu okucatshangwa ukuthi basemathubeni amaningi okuthola ukugula ngengqondo ngalesi sikhathi sokhuvethe yizisebenzi zezempilo ngenxa yohlobo lomsebenzi eziwenzayo wokuthatha izinqumo zokufa nokuphila, ukwanda komsebenzi abawenzayo nengcuphe yokutheleleka ngokhuvethe.
Uma sibheka amazwe asekwazile ukuvuka noma asavuka kulolu bhubhane njengeChina, siyabona ukuthi abike izinga eliphezulu lengcindezi (50%), ukukhathazeka (45%) nokuqwasha (34%) ezisebenzini zezempilo. Ukuthi kunokungacaci ngokhuvethe kwenza abantu besabe. Izimpawu zengcindezi nokukhathazeka azibonakali kuphela ezisebenzini zezempilo kodwa nakubantu nje abajwayelekile. Ukhuvethe luyamaniswana nokukhathazeka nokuthikamezeka okuningi njengokwesaba ukutheleleka okubi kakhulu kube ukubulawa ukhuvethe, ukulahlekelwa imali engena ephaketheni nomphumela walo emindenini, ukubandlululwa uma umuntu esethelelekile.
Abantu abaziwayo ukuba nenkinga ngokwengqondo babe nokuphazamiseka empilweni ngokwengqondo ngenxa yokhuvethe. Imibiko evela emazweni afana ne-United Kingdom abike amaphesenti angama-32 ezimpawu ezimbi zokuphazamiseka ngokwengqondo ngesikhathi sokhuvethe.
Izingane azisali kulokhu ekuthikamezweni ukhuvethe njengoba kunamazwe abika izinkinga ezifana nokungakwazi ukugxila entweni, ukucasuka kalula nokungabi ukuthula ezinganeni. Ukhuvethe lulethe indlela entsha yokuphila okudale izinguquko ezinqala empilweni yansuku zonke, lwanciphisa ukuhamba kwabantu, ukuhlala kwabantu ngabodwana (bangavakasheli abangani nomndeni), ukusebenzela ekhaya, ukufundela ekhaya nokungasebenzi okwesikhashana kwabanye ngenxa yemizamo yokunciphisa ukubhebhetheka kwegciwane.
Ukwanda kokusetshenziswa budlabha kwezidakamizwa notshwala ngalesi sikhathi okunye okukhathazayo kwezempilo ngokwengqondo. Lokhu kwenza kubaluleke kwezempilo ngokwengqondo ukuthi imiphakathi ibenalo uhlelo lokweseka ngokwengqondo nenhlalo. Kubalulekile futhi ukuthi sizinakekele ngokwengqondo singagcini ngokomzimba. Asesekane njengemindeni nabangani!!
Ukwenezezela ezindleleni zokuzivikela engizibale ngenhla, siyadinga futhi uku:
- Jwayela ukufinyelela kulabo obathandayo okungaba ngocingo, i-imeyli nezindlela zokuxhumana ngobuxhakaxhaka.
- Khuluma nabantu uma uzizwa unengcindezi – ungathwali ubunzima wedwa.
- Zivacavoce. Ukuzivocavoca kunemihlomulo eminingi kwezempilo okubalwa ukushintsha indlela umuntu azizwa ngayo.
- Thola usizo kubeluleki, owezengqondo nodokotela wezengqondo. Uma ungumuntu onenkinga ngokwengqondo xhumana nodokotela futhi uqhubeke nokudla imishanguzo uma usuyidla.
- Gwema ukucwasa abantu nemindeni enamalungu anokhuvethe. Ukubandlululwa umphakathi wakho akumnandi futhi kufanele kugwenywe ngazo zonke izindlela. Lokhu kuqhubulushwa kungaholela ezinkingeni ngokwengqondo. Ungabi negalelo ekuphazamisekeni ngokwengqondo komunye umuntu.