Lindisa ndoda yamadoda ndlelanhle



USol uNxumalo ngungoti wolimi nomhlali wezincwadi ezahlukene.
Ngabe kungcono ukuba kukhona amagama akhiyelwayo kuthiwe ayosetshenziswa kuphela uma sekukhulunywa ngobani nobani. Kwakuyoshiwo lokho ngoba benze okungavamisile, ngakho okungafanele kuchazwe ngamagama ajwayelekile. Okungavamisile okwenziwe nguDkt uJohn Thulani Mbuli osekoyisemkhulu nakuZinyandezulu zakwaMbuli yintshisekelo yakhe yokwazisa uBukhosi bakwaZulu. Ufuqufuqu lokuqinisekisa ukuthi abanye kabaphathwa ngendlela engenabulungiswa beluvutha amalangabi kuye. Ulahlekelwe ngeminye imisebenzi, ngezinye izikhundla, yintokomalo yokuqinisekisa ukuthi izingane zizodlani ngoba elwa ephihliza kwasani emi endleleni yezisebenzi, neyabaphokophelele inkululeko yabanye.
Ivivile le nsizwa ebiziquziqu okwesiqu sayo obungeke ususe amehlo kuyo uma seyifikile. Imfundo yakhe yesisekelo yamakha khona eDumbe, esondelene nezimishini zamaJalimani, isiJalimani wasifunda wasikhipha ngamakhala engazange asifunde esikoleni. USolwazi uRV Gabela umkhumbula efika eNyuvesi yaseZululand eyibhungu ezofunda. Ezimisele, engenandaba nabukhazikhazi, washeshe wavuthwa futhi waba namakhono amaningi. Wagcina efunde lokhu oNgoye: iB.Paed Degree (Environmental Science), iBachelor of Arts, iMaster of Arts (distinction), iDoctor in Philosophy.
Ecaphuna nje ubunjalo bukaDkt Mbuli uSolwazi uRV Gabela uthe: “Samfundisa kwa-Education egxile esiZulwini nakuGeography. Sibuye sasebenza naye ekufundiseni, eSigungwini seNyuvesi nasebuholini beNehawu. Ziningi izinto ezinhle ezenzeke ngokushesha empilweni yakhe nokuyinto ebijabulisa… Ubeyisidlakela sensizwa ezihloniphayo, ebahlonipha abancane nabadala, ebuthanda ubuKhatholika, ehlonipha abancane nabadala, ekhonze ukuthopha ngezithakazelo, enegugu lezihlobo, enomfutho walokho akwenzayo. Ubeneqhaza elikhulu alibambile ekuthuthukiseni ulimi lwesiZulu.”
Ubeyomele ngempela imfundo uLindisa engathi ukhokha isibhongo ukuthi iBhunu elalakhise abazali bakhe yena esebenza njengengane yomhlali khona wayethe akathembise ukuthi uma eqeda iBanga 9 ngeke edlulele kumatikuletsheni. Waze wancengelwa yiJalimani lasemishini ukuthi adlulele kumatikuletsheni, emva kwalokho waqhwiza umentshisi. Nanka amanye amagalelo kaDkt uMbuli kwezemfundo: Diplomas, Programs and Certificates: Diploma in Logistics Imports and Exports (UJ), Strategic and Diversity Management (EDPTSETA) Finance Management (CBM). i-Exposure to Multidisciplinary Fields: Expertise: Linguistics and Research: Syntax, Semantics, Sociolinguistics, Onomastics, Lexiography, Pragmatics – Heritage and Culture; MBA (Mancos), Economics Masters Level “ Oceanogaphy, Remote Sensing, iSocial Sciences and Tourism (UKZN)
Iqoqo lezikhundla ake nazo nashone esazibambile: iLecturer African Languages eSinethemba Agricultural Technical High School, Director and Principal, Workers College under UKZN. Ubebambe iqhaza kulezi zinhlangano: USihlalo: IsiZulu National Language Board. Eyilungu leResearch and Ethics Committee, Unizulu; iREC Member NEHAWU, COSATU. Eyilungu lePremier Council of Amafa Heritage Council of the KZN Province.
Ezinye zezikhundla ahambe eziphethe yilezi: Umqondisi weLuneburg Vocational College, uSihlalo weSafety, Security Sector Provincial Bargaining Council, (SSSBC KZN), uSihlalo weNational Heritage Council in the Republic of South Africa, ilungu leBoard of the Chapter 9 Institution Pansalb, umngani weTARDi.
Bayingcosana abafinyelela kulezi zigaba nakule ndima eminyakeni yabo yempilo engama-45 nje kuphela. Okuningi sikuhlungile ngenxa yesikhala.
Isifundiswa nowoHlanga obazisa kakhulu ubuNgonyama, aMakhosi oHlanga namafagugu esizwe. Ebhala enkundleni yokuxhumana engosini ethi ‘Prof Nxumalo Think Tank’ mhla zingama- 26 kuMbasa wezi-2020 wathi: “Ubukhosi bakwaZulu nokubaluleka kwabo e-Afrika naseMzansi 3300 singakafiki isikhathi sikaKhristu kuze kube namhlanje. Sone kakhulu sonke njengoZulu eMzansi, Mozambiki, Malawi, Zimbabwe, Tanzania, ngokungagqamisi nokuzinyeza nokwesatshiswa ngobuthina…. kumaZulu ubuNgonyama busukela endulo 3300 singakafiki isikhathi sikaKhrestu eJuba, ubuNgonyama babuyimvelo. iNgonyama yayimele izinto ezimbili kuze kube namhlanje. 1. Ubungcwele ezweni. 2. Intando yeningi yabo bonke abantu bomdabu… ukotho iNgonyama ebandla kusho ukuhlakanishiswa njengayo imisebe yelanga emele uMvelinqangi nayo emele ukuhlakanishiswa…”
UDkt uMbuli ukhombise ubuholi nonako esizweni ngendlela engeze yalinganiseka. Kuleyo naleyo ndawo abethola ithuba lokusebenza kuyo ubefike aklame indima okufanele ilinywe neyokwenza kufezeke izinjongoqho zaleso sikhungo. Ubexoxa nabaficile nazosebenza nabo kubunjwe umbonotalagu bese wonke umuntu esebenza ehangazela ukuba isikhungo akuso sidlisele, sidle ukhasi, sifinyelele lapho singakaze sifinyelele khona. Ubeshiya kuse kuhle, engafuni ukuqhoqhobala isikhundla avimbele abanye asuke esebakhombise indlela yokusebenza ngokuzikhandla ukuze kufinyelelwe eqophelweni eliphezulu. Ube yisikhuphekhuphe soqobo.
USolwazi uSazile Mtshali owamfundisa eNyuvesi wabuye wasebenza naye ubhale elila wathi: “Lesi senzeko yinhlekelele kithi sonke ebesimazi uDkt uMbuli. Yisehlo ebesingalindelekile nakancane. Sizwa iminjunju. Kube yisibusiso ukusebenza naye nokusondelana naye ezintweni eziningi abezenza ebusiswe ngokuphumelela kakhulu kuzo. Hawu pho kuze kube umzuzwana nje pho! Bekuyindoda enamandla, ezimiselayo, ezibophezelayo, enombonotalagu, engagudluki kulokho obekuyinjongo yohlaka abelusiza lufeze izinhloso zalo, ebinonako futhi iyithando impilo nakho konke okukuyo. Ube nokulangazela kakhulu ukubuyisela okuhle nokunosizo emphakathini nasesizweni noma sekulukhuni kangakanani. Uzokhunjulwa ngabaningi kanti ngeke baze bamkhohlwe labo ababe nenhlanhla empilweni yabo, bamazi. Sengathi umoya wakhe ungaphumula ngokuthula.”
Uhambe emhlabeni ematasa akha i-Agricultural Skills College eyisikhumbuzo sikaMme Charlotte Mannya Maxeke.
UbenguMcwaningi ovelele, uSomfundo Womhlabuhlangene, obekuxuba i-Afrika, iMiddle East, i-United Arab Emirates, iLatin America ne-Europe.
Ubehlala emihlanganweni yeProvincial Executive Committee of South African Civili Society eKZN, iSub-Committee yeNEC ye-ANC on Cultural Religious Affairs, enguSihlalo weNational Heritage Council futhi ehlala kuHeritage Committees in SADEC and AU futhi ubehlala kuGlobal Public Diplomacy Network. Bekungumthakathi wezindaba woqobo.
Sekusele amaviki amathathu ahambe wangixoxela ukuthi uqambe isikhungo sokufundisa amakhono. Ufisa ukuba intsha yaseDumbe ithuthuke, ithwase ngamakhono okuzenzela. Wanezezela ngokuthi wayephumelele ukuthola usizo ukuthi abafundi bethi befunda bebe bethola imali yensipho. Wathi ngaleyo ndlela leyo ntsha yayifundiseka ukuthi umuntu kufuneka asebenze, ahole, ayosiza ekhaya, ukuze kunciphe imiphakathi ephila ngamaphasela ngoba isithunzi somuntu siyathikaziseka uma ekhangezwa engatholi ithuba lokuziphilisa yena ngezikhwepha zakhe. Wathi abafundi abalapha ema-35 babe komaPitoli naseWestern Cape beyoqeqeshwa khona amakhono ahlukene.
Lesi sifundiswa, lesi sikhathali, lo mmeleli wabangakhulunyelwa wabangavikelwa, ubebhala kumaphephandaba abeke imibono yakhe. Wake waba nayo nengosi kuBAYEDE ekhuluma ngobukhosi nokuphatheka kwabantu emphakathini. Wayekhuza ubudedengu, ukungabi qotho ebuholini banoma yini, ekhuthaza ukuba aboHlanga bazimele, bakuphathise okwezikhali zamaNtungwa okuyizisekelo zobubona.
Bekuyinsizwa zishumi njengesiqu sakhe. Ushone esehlelile nabalimi bamahlathi nabafuyi bezingulube ukuba babambisane nomphakathi, kuzosizakala wonke umuntu kukhanyise nekusasa laseNingizimu Afrika. Ha umhlaba kawunamahloni. Kodwa kawusoze wayihliphiza imisebenzi ezalwa yibuqotho. Lala ngokuthula qhawe. Lala uphumule. Izihlonti ozikhanyise ezindaweni ngezindawo kazinakucisha.
Ushiye uyise (uMhlupheki) nonina uMaZwane, udadewabo uMaphili nomfowabo uBongi. Ushiye futhi umkakhe uNkk uCynthia Mkabayi Thandisa, uKaMathe, nezingane uNozipho, uMusawenkosi, u-Ahlonziwe, noCebolenkosi.
Hamba kahle Dkt uJohn Thulani Mbuli
Isamban’ esamb, umgodi sawulala
Kasiwulalanga bunyalala salalisa abasalayo
Umqhathi wendlela ayishiyele abalandeli
Umavula kuvaliwe umeqi wemithangala
Bosala bemkhomba bosala benikina.
Isikhuphekhuphe umadl’ imfundo njengenqeke
Kuqhamuke pedagogics wangqekleza wedlula
Kuqhamuke onomastics wangqekleza wedlula
Kuqhamuke oceanography wangqekleza wedlula
Kuqhamuke logistics wangqekleza wedlula.
Inkunz’ emalundalunda kayiphonsi iyadlalisela
Ibonis’ abaphathi indlela badlubulundela
Kayihleli inezibonkol’ ibhonga iphikelele
Yala santungwana yokuntengantenga nokuphixiza
Umabubula kubhodl’ amabhubesi ajokole.
Unhliziyo yengane ngazwi lakhe
Untobeko umahlonipha omncane nomdala
Umkhuzi wezintatheli zithath’ izithombe
Wazikhumbuza kukhona la kungangenwa
Umgqugquzeli wesizotha sobuNgonyama nobuNdlovukazi.
Umalal’ engalele ephuph’ inkululeko
Umavuk’ agiye ngobuchopho ejikijela
Uzagile zishay’ enyameni umajijimeza
Uxakathis’ abacindezeli bayizola bathamba
Bakhekhezela bethi sebengabakhululi banamuhla.
Eznkomeni ngayibrahman elisiphul’ izigodo
Ezinyamazaneni ngab’ inyathi engakhathali
Bayihlaba baphuz’ inyongo yayo
Bethi sebeyogijima bangabi naphika
Sesiyolanda indaba ngawe kasisekuphumula.
Umdabuli wezindlela ziqonde kwezemfundo
Umqambi wezingoma zibikezel’ ezabasebenzi
Umkhuthazi wabadiciliwe wababambis’ ishisa
Usala kwesatshiswa umayiphak’ ehleka
Umthukululi wamaketanga asale embuza.
Ingqungqulu ebidl’ eziny’ izingqungulu
Ungqond’ inkulu ingangezintaba zoKhahlamba
Umthatheleli wabangalokothwa abuye nezinsombululo
Umathukuthelel’ ububi athethele abaphosisile
Unhliziyonhle, umoya muhle ngowabakholiweyo.
– ngu-OEHM Nxumalo