Ingcuphe yokhuvethe kwabanesifo sikashukela



UDkt uMngqibisa ungudokotela wezempilo.
Ukhuvethe lusaqhubeka nokuba yinkinga enkulu emazweni amaningi njengoba asebetheleleke ngalo sebengaphezulu kwezigidi eziyisi-7 emhlabeni jikelele kwathi abantu abangaphezulu kwezinkulungwane ezingama-400 bashona.
Amanye amazwe aseyaqala ukusimama futhi asekhombise ukuthi awasenabo abantu abasatheleleka kodwa iNingizimu Afrika isabhekene nokwenyuka kwezibalo zabasulelekayo selokhu kwehliswa izigaba zemvalelwakhaya. Lokhu akwethusi nhlobo njengoba sivula umnotho nabantu sebeqala ukuhamba, maningi amathuba okuhlangana nokuthelelana. Njengamanje iNingizimu Afrika isinabantu abathelelekile abangaphezulu kwezinkulungwane ezingama-50 kwafa abangaphezulu kwezi-3000.
Ukuqhelelana nokuncishiswa kokuhamba kwabantu kusagqugquzelwa ikakhulukazi kubantu abangavikelekile emiphakathini yethu. Abangavikelekile kakhulu yilabo abaneminyaka yobudala engaphezulu kwama-60, abanoshukela, umfutho wegazi ophezulu ngokungajwayelekile, umdlavuza, yisifuba, inkinga yamaphaphu, abanengculaza ikakhulukazi uma bengayilawuli nalabo abasebenzisa amaphilisi okulawula ukuvikeleka emzimbeni.
Ukukhathazeka ezisebenzini zezempilo ngokuqhubeka kokwenyuka kwabathelelekayo ukuthi kufanele sigcine imitholampilo yethu nezibhedlela zingasetshenziswa ngokweqile ukuze zikwazi ukwamukela iziguli uma izibalo zenyuka okuzofanele zingeniselwe ukwelashwa. Lokhu kusho ukuthi abantu abanezigulo ezibizwa ngamahlalakhona ngeke babonwe njalo ezibhedlela njengoba bekwenzeka.
Ukungabonwa kwabo njalo kuzoholela ekutheni bangayidli ngendlela imithi yokwelashwa nokwenyuka kwamathuba okuba nokugula okuthile noma ukwehluleka ukusebenza kwemithi. Ezinye zalezi zimo yisifo sikashukela esaziyo ukuthi sandile emphakathini wethu.
Izinhlobo zikashukela
Zimbili izinhlobo zikashukela. Kukhona asebephila ngokuwujovela uType 1. Iziguli eziningi ezinohlobo lukashukela olubizwa ngoType 2 azikhombisi zimpawu kodwa labo eseziqala kubona babonakala ngokuchama njalo, ukujwayela ukomela amanzi, ukwehlelwa yisisindo somzimba, ukuba nenkwethu esithweni sangasese sowesifazane nokusha kwejwabu kowesilisa, ukungaboni kahle emehlweni nobuhlungu bemithambo.
Ukungayidli kahle imithi yokwelashwa kungaholela ezinkingeni ezihlanganisa amehlo okungagcina kwenza umuntu angaboni nhlobo, ukulimala kwezicubu ezinyaweni nasemilenzeni okungaholela ekutheni umlenze unqanyulwe, ukwehluleka kwezinso nokwanda kwamathuba okuba nesifo senhliziyo noma sohlangothi.
Kubaluleke kakhulu ukuthi umuntu aqhubeke nokudla imithi ngendlela efanele, abheke umfutho wegazi noshukela uma enawo umshini wokuzihlola nokubonana nodokotela uma engazizwa kahle. Ungalindi kuze kube emuva kwendaba.
Ushukela nokhuvethe
Olwazini olukhona, kumuntu onoshukela awabonakali emakhulu amathuba okutheleleka ngokhuvethe uma kuqhathaniswa nongenawo. Kodwa sekubonakele ukuthi ukungena kokhuvethe olubucayi makhulu amathuba kubantu abanoshukela uma beke batheleleka. Abantu abanoshukela kucatshangelwa ukuthi banamathuba amabili kuya kwamathathu okuba bangeniswe egunjini labagula kakhulu, bahlale isikhathi eside esibhedlela nokufa ngenxa yokhuvethe uma kuqhathaniswa nalabo abathelelekile kodwa bengenawo ushukela.
Lobu bungozi bukhona kuzona zombili izinhlobo zikashukela. Kwabanoshukela sebekhulile, bekhuluphele ngokweqile futhi sebewujovela, ubungozi bokufa bukhulu. Kuyavela futhi ukuthi ukulawula ushukela egazini ngesikhathi umuntu esesibhedlela kwenza ngcono imiphumela.
Izincomo ekwehliseni ubungozi bokutheleleka ngokhuvethe uma unoshukela ziyefana yilezi:
- Gcina ibanga ngokuqhelelana, hlala ekhaya futhi ugweme ukuhlangana nabantu ikakhulukazi labo abagulayo.
- Geza izandla njalo ngensipho namanzi.
- Gwema ukuthinta ubuso, ikhala namehlo ngezandla ezingageziwe.
- Sebenzisa isimfonyo, qikelela kakhulu ukugcina inhlanzeko njengokusebenzisa izibulalimagciwane.
- Indlela yokukhwehlelela endololwaneni ibalulekile kuzona zombili izifo.
Khumbula lokhu:
- Yidla ukudla okunempilo. Lokhu kuzokusiza ukulawula ushukela egazini nokwehlisa isisindo somzimba.
- Zivocavoce. Okuhle ngokuzivocavoca akugcini ngokusiza esisindweni somzimba kepha nakwezinye izinto njengokungangenwa yizifo kalula.
- Gomela umkhuhlane okungehlisa amathuba okungenwa umkhuhlane.