Uveza amachilo umbiko woMcwaningimabhuku



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Umbiko kaMcwaningimabhuku Jikelele, uMnu uKimi Makwetu, wokusetshenziswa kwemali ngomasipala kuleli onyakeni wezimali wezi-2018/19 okhishwe ngoLwesithathu uveza ukuthi imikhandlu ilahlekelwe imali eyizigidigidi ezingama-R32.06 kulo nyaka wezimali.
UMakwetu uthi le mali ilahleke ngenxa yenkohlakalo nokukhwabanisa. Lokhu kwenyuka kusuka ezigidigidini ezingama-R25.5 ngonyaka wezimali wezi-2017/18.
Uze uyasho ukuthi zimbalwa izandla eziphephile nezingenagcobho okungathenjelwa kuzo ukuthi ziqaphe imali yomphakathi koHulumeni Bendawo.
Komasipala abangama-257 okucwaningwe amabhuku abo, bangama-20 kuphela abathole umbiko ongenagcobho kusuka kwabali-18 ngonyaka wezimali wezi-2017/18.
Umbiko uphinde waveza ukuthi omasipala abangama-28 abayilethanga imibiko kwaze kwadlula umnqamulajuqu womhla zingama-31 kuNcwaba nyakenye obekwe uMthetho Wokuphatha Izimali Zomasipala.
Ngonyaka wezimali odlule bane kuphela omasipala abangayilethanga imibiko yabo ngesikhathi.
Okukhathaza uMakwetu ukuthi omasipala ngonyaka wezimali odlule bachithe isigidigidi esi-R1.2 beqasha abantu abazobenzela imibiko kodwa bangamaphesenti ali-14 kuphela abenze kangcono.
Ekucwaningweni kwamabhuku okungama-229 kuvele ukuthi kunezigidigidi ezi-R2.07 ezimoshiwe kanti ezili-R12 zisetshenziswe ngaphandle kokugunyazwa.
Lo mbiko ugcizelele ukuthi ukungakwazi ukuphatha kahle imali koHulumeni Bendawo akukaze kulungiswe kule minyaka emithathu eyedlule.
Lesi sithombe esibonakala lapha siveza umonakalo Jikelele odalwe inkohlakalo ezakhiweni zikaHulumeni waseNingizimu Afrika. Leli chilo alikho kuphela koHulumeni Bendawo kodwa lisuka kokazwelonke lapho inkohlakalo nokukhwabanisa kunuka phu.
Kuyadumaza ukuthi nakuba le nkohlakalo isiguqise omasipala abaningi kuleli abanye baze bafakwa ngaphansi kwabalawuli, azikho izinyathelo ezinqala esesike sazibona zithathelwa abathintekayo kunalokho kuyabibiyelwa, kumoshwe imali kuqashwe izinkampani zabaphenyi kodwa kujike kucwebe iziziba uma imibiko isikhishiwe.
Njengoba leli lizwe lihlaselwe ubhubhane ukhuvethe, sekuzwakale kaningi kukhalwa ngenkohlakalo nokukhwabanisa kweminye iminyango nezikhungo zikaHulumeni.
UHulumeni waKwaZulu-Natal kuze kwaphoqeleka ukuba ufake ngaphansi koMnyango Wezezimali esifundazweni imali eyabelwe ukusetshenziselwa ukunqanda ukubhebhetheka kokhuvethe. Lokhu kulandela izinsolo ezavela zokuthengwa kwezingubo zokulala ezingama-48 000 ngemali elinganiselwa ezigidini ezingama-R22 wuMnyango Wokuthuthukiswa Komphakathi kulesi sifundazwe.
UNdunankulu uSihle Zikalala wajuba uphenyo ngalokhu, wathembisa ukuthi uma seluphothuliwe zizothathelwa izinyathelo eziqinile izikhulu okuzotholakala ukuthi azenzanga ngendlela.
Amaqembu aphikisayo alwamukela lolu phenyo anxusa uNdunankulu uZikalala ukuba aphenye nezinsolo zokuthi kwenyuswa intengo yalezi zingubo ukuhlomulisa osomabhizinisi abathile okuthiwa basondelene nezikhulu eziphezulu kulo Mnyango.
Kusona lesi sifundazwe kuke kwavela izinsolo ezithi uMnyango Wezemfundo ukhiphe ithenda le-R170 000 ukuthenga ithangi lamanzi elilodwa kodwa uMnyango wakuchitha lokhu wathi usebenzise izi-R28 000 ukuthenga ithangi elingamalitha ayizi-5000. La mathangi abefakwa ezikoleni njengoba kunokhuvethe. Kwavela abathi empeleni ithangi elilingana naleli ezitolo litholakala ngemali ephakathi kwezi-R4500 nezi-R5000.
Esifundazweni i-Eastern Cape kusanda kuvela izinsolo zokuthi uMnyango Wezempilo kulesi sifundazwe ukhiphe ithenda lezithuthuthu ezili-100 ezakhiwe eChina ezibiza izi-R100 000 ngasinye. Lezi zithuthuthu zizothutha iziguli ezindaweni zasemakhaya.
Isihlava senkohlakalo nokukhwabanisa sidla lubi nasezinkampanini ezizimele ezisebenzisana nabathile abangalungile abasezikhungweni zikaHulumeni. Okubi ngalokhu ukuthi kuveza obala ukuthi kwenziwa ngabantu abangananembeza futhi abangenandaba nokuthi isimo sinjani ezweni.
Engani njengoba sisakhungethwe wukhuvethe, abantu abaningi behleli emakhaya ngenxa yokuphelelwa yimisebenzi kwazise izinkampani eziningi zehluleka ukusimama emuva kwezigaba zokuqala zemvalelwakhaya, kukhona ababone ithuba lokuzicebisa ngemali ekhishwe uHulumeni ukusiza abakhahlanyezwe yilolu bhubhane.
INational Prosecuting Authority (NPA) kuze kwaphoqeleka ukuthi iye eNkantolo Enkulu eGauteng ukuthola incwadi eyigunyaza ukuthi ilande imali engaphezulu kwezigidi ezi-R3.2 eyafakwa ngokukhwabanisa ku-akhawunti yasebhange yomuntu othile.
Le mali eyayingxenye yezigidi ezi-R5.7 eyayabelwe ukukhokhela izisebenzi ezazikhahlanyezwe ukhuvethe ngaphansi kohlelo lwe-Unemployement Insurance Fund (UIF) kwakufanele iye enkampanini iCSG Resourcing eyayinikwe umsebenzi wokuholela lezi zisebenzi.
Sekunesikhathi eside kukhalwa ngenkohlakalo kuleli sikhuluma nje kuneKhomishini eholwa uMahluleli uRaymond Zondo ephenya ngokugwamandwa koMbuso kuyona okuvela izinsolo ezishaqisayo ngenkohlakalo ezinkampanini zikaHulumeni nakuwo uqobo kodwa akukho muntu oseke waboshwa. Mancane amathuba okuthi lokhu kuyophela maduze kwazise asikaboni muntu kwenziwa ngaye isibonelo esizokwenza nabasacabanga ukwenza inkohlakalo bayeke.
Kubalulekile ukuthi ngalesi sikhathi sokhuvethe siqine isandla ekulweni nezenzo zenkohlakalo. Kunesidingo sokuthi kube nezindlela zokuqinisekisa ukuthi abanikwe umsebenzi wokuphatha imali eyabelwe impi yokhuvethe bayaphendula ngokuthi isetshenziswe kanjani. Lokhu kuyokwenza ukuthi labo okufanele ibasize iningi labo okungaboHlanga ifinyelele kubo.
Odabeni lomasipala, akwanele okushiwo iSouth African Local Government Association (Salga) ukuthi emhlanganweni oyisipesheli wesigungu sayo esiphezulu obungoNhlangulana nonyaka, kuvunyelwane ngokuthi kuxhunywane ngqo nezimeya nalabo abaphathiswe imisebenzi abangayilandelanga imithetho ebekiwe ukuze bachaze. ISalga ithi iphinde yanxusa omasipala ukuthi baqhamuke nezinhlelo zokulungisa isimo esizoqashelwa njalo ngekwata nokuthi kuhlolwe amakhono eminyangweni yezezimali komasipala.
Sengathi iSalga ivuka ebuthongweni ibilele ngoba cishe uMakwetu akuyena uMcwaningimabhuku Jikelele wokuqala ukukhipha umbiko oveza ukuthi izinto azihambi kahle komasipala ngasekuphathweni kwemali.
Useze uqeda ihlandla lakhe ekulesi sikhundla nje, indaba yokusetshenziswa budlabha kwemali komasipala nenkohlakalo bese kuphenduke iculo kuye ngoba njalo uhlezi ekuphawula aze aphakamise izindlela ezingasetshenziswa ukulungisa isimo kodwa kujike kufane nokuthi kuthelwa amanzi emhlane wedada.
Engani komasipala iTheku noMsunduzi kuke kwasatshiswa abacwaningimabhuku ababejutshwe yiHhovisi lakhe uMakwetu ukuba bayocwaninga amabhuku ale mikhandlu kodwa baphuma behlehla ngoba sebe satshiswe yilabo ababe bona ukuthi ukuba khona kwabo kuzovundulula inkohlakalo abayenza kulabo masipala.
Uma kusenje iNingizimu Afrika ingagcina isizibona isifana namanye amazwe ahlwempu ezwenikazi i-Afrika kwazise nesimo sayo somnotho sesisibi ngendlela emangalisayo ngenxa yayo njalo inkohlakalo.