Ukhuvethe lugubuzela amaNdiya
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ubusika bulindeleke ukuthi bufake enye ingcindezi eNingizimu Afrika
Into ongoti abekade beyilindele isiqalile ukwenzeka. Izwe elinabantu abaningi emhlabeni i-India isibhekene nesitha ezinhlamvini zamehlo. Lokhu kulandela ukuphuma kwezibalo zokuthi ngosuku nje olulodwa ukhuvethe lutholakale kubantu abayizi-9 996. Kubuye kwathiwa umkhuhlane lo kulesi sibalo udle abangama-357.
Sesisonke isibalo sabatholwe benalesi sifo kuleliya lizwe siyizi-286,000, nabangaphezu kwezi-8 000 zababhubhile kuzwelonke. AmaNdiya abalwa nje nabanye abasengcupheni yokuhlaselwa wukhuvethe kwabantu abaningi ngenxa yenhlupheko kwezinye izingxenye zezwe.
Kwenzeka lokhu nje amanye amazwe aseqalile ukuzikhotha amanxeba kanti amanye atusa ukuthi isibalo asisagabavuli nabathi kwenziwa zinhlelo abezethulile ezihlanganisa ukuthi izwe livalwe nabathi baphile ngokuqhelelana. Elinye lalawo mazwe yiBritain.
Ongoti kuleli lizwe bathi thokola themba njengoba okwabe kuhlonziwe kungenzeki kepha okuvelayo yimiphumela emihle yokwehla kwezibalo. Isazi sase-Imperial College London, uNeil Ferguson nowayesekhaleni lempi yokududula ukhuvethe eBritain nobe yingxenye yethimba elaqhamuka neqhingasu lokulwa nokusabalala uthe ukube nje amaNgisi aqhamuka nohlelo esikhathini esingemuva kwesonto baqala ngabe ingxenye yabantu kulaba abatheleleka nabafayo nabasinda.
Kunaba ngaphezu kwezi-291,000 abathelelekile nabafile abangaphezu kwezi-41,000 e-UK. Abangaphezu kwezigidi eziyisi-7.36 sebeqinisekisiwe manje ukuthi banegciwane iCorona futhi sekufe abangaphezu kwezi-416,000 ngokweminingo yaseJohns Hopkins University.
INingizimu Adfrika yona izibalo ziyakhula nokuthiwa kudalwa phakathi kokunye wukubambezeleka kokukhiswa kwemiphumela yokuhlolwa emalebhu. Kukhona nokukhathazeka ukuthi ukubuyela kwabafundi ezikoleni kungahle kukhonge okukhulu nokungenza izibalo zenyuke.
Lokhu kwesaba kusekutheni kuvulwa izikole nje kuyaphakama nobusika amazinga okubanda ayakhuphuka. Okunye okunzima yizinga lenhlupheko nobubha ezweni kanye nezifo okungezinyo zezinto ezikhonjwa njengezinto ezilekelela ukusabalala kokhuvethe.
Kanti eBrazil khona izinto zenziwa ngenye indlela njengoba kuthe lapho izibalo zikhuphuka uHulumeni wabe eselivula izwe.
Akagcinanga lapho kepha ube esesusa nezibalo ebezivezelwa umphakathi nokukhalise abaningi. Kwenziwe lokhu ngesikhathi isibalo sezwe sesikhonjwa ezi-672 000 okuyisibalo esiphezulu ngaphandle kwase-United States of America okubeyisibalo esiphezulu esedlula abafa e-Italy kuleli sonto, esilinganiselwa kwabayizi-36 000 ngoMgqibelo.