Now Reading
Izinkantolo kazibulungisi ubudlelwano
Dark Light

Izinkantolo kazibulungisi ubudlelwano

Okwenzeka koyiMeya yaseKapa kuqhuba ulungelunge lomdonsiswano wamalungu neqembu nokugcina ngendlela efanayo

 

NgoLwesibili iqembu iDemocratic Alliance (DA) lenze obekulindelwe ngabaningi, ukuhlubula iMeya yaseKapa, uNkk uPatricia de Lille ubulungu bayo beqembu. Kulindelekile ukuthi lesi senzo sibe nemiphumela kuzona zombili izinhlangothi. Ngasohlangothini lweqembu izingqapheli zibheke ukuthi lokhu ngeke yini kwenze iDA ihlehlelwe zikhuni njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo. Lokhu kumqoka ngoba isifundazwe iWestern Cape yiso sodwa eNingizimu Afrika esiphethwe yiDA kanti futhi yiso sodwa lapho laba ababizwa ngamaKhaladi beyiningi khona. Kunenkolelo yokuthi uNkk uDe Lille unokwesekwa kulo mphakathi.

Emva kwalesi sinyathelo seqembu amehlo azobe ethe njo kuNkk uDe Lille kubhekwe ukuthi uzothatha sinyathelo sini ukuya phambili. Kukhona abathi uzocela ukuba inkantolo ingenelele ngoba ekholwa ukuthi ilungelo lakhe lokwenziwa kobulungiswa odabeni lwakhe linyatheliwe yiDA. Kukhona nabathi kuzomele akhethe maduze ukuthi amava akhe epolitiki uzowadayisaphi. Lapha kukabili, kuphakathi kokuba ajoyine i-African National Congress (ANC) noma i-Economic Freedom Fighters (EFF). Womabili lamaqembu anabalandeli abaningi boHlanga kepha ayatabalasa emphakathini wamaNdiya nalaba okuthiwa ngamaKhaladi.

Kuyobe akaqali-ke nokho uNkk uDe Lille ukuba yingxenye yeqembu elinaboHlanga nelinemibono encike ezinkambweni zombangazwe. Eminyakeni eyedlule ubengumholi wePan Africanist Congress (PAC). Kanti okunye angakwenza wukwakha iqembu lakhe elisha noma avuselele elidala elabe laziwa nge–Independent Democtratics (ID).

Isiphetho esifanayo

UMnu uZiba Jiyane
UNkk uZanele KaMagwaza-Msibi
UJenene uBantubonke Holomisa

Ukumiswa kwakhe eqenjini kubukeka kuqhuba ulungelunge lomdonsiswano phakathi kwelungu neqembu. Lokhu kuvame ukuphela ngendlela efanayo lapho kugcina kugqabuke khona igoda. Kusuka odabeni lukaJenene uHolomisa, umufi uNkabinde ne-ANC nokwaholela ekubunjweni kwe-United Democratic Movement (UDM). Khona futhi kuKhongolose zikhona iziwombe ezithinta abaphuma amanxiwa emuva kohlelo lokuqondiswa ubugwegwe. Phezulu eqhulwini ngumholi we-EFF okwathi njengoNkk uDe Lille angaqondiswa ubugwegwe kwanomdonsiswano nelagcina iqembu libuhoxisile ubulungu bakhe. Bakhona nabanye abaningi.

Lolu twayi lwafika nakwamanye amaqembu. Inkatha Freedom Party (IFP) ihlangabezane nakho iziqubu ezahlukene. Ukuhamba kukaDkt uZiba Jiyane kwalandelwa wukuhamba kwabanye owokugcina kubaholi okwaba uKaMagwaza Msibi. Kuzona zonke izigameko ezenzeka emaqenjini isiphetho siba sinye, kwala ngisho abanye sebegijimele ezinkantolo.

See Also

Empeleni nxa ubuka izinqumo zenkantolo odabeni oluthinta oyilungu kanye neqembu kuyaqapheleka ukuthi nezinkantolo zivame ukuziqhelanisa nokugxambukela ezindabeni ezithinta iqembu nelungu. Kubukeka sengathi izinkantolo kuleli azithandi ukuthatha amandla enhlangano noma amalungu odabeni olungalungiseka, kunalokho zigqugquzela ukuba izinhlangano zilungise imthethosisekelo yazo.

Nakulokhu kulindeleke ukuthi uDe Lille aphikisane nokuthize esebenzisa izinkantolo. Umbuzo uthi ngabe kulokhu izinkantolo zizovuma yini ukuba zingenelele entweni obekumele ilungiswe yizinhlaka namalungu eqembu? Ngabe zizovuma yini ukusetsheziswa ukulungisa ubudlelwano osebuvele bubhidlikile phakathi kweqembu nelungu?

Scroll To Top