Iyichilo eyezingane ezingondingasithebeni
UKhoza ungungoti kwezomculo wesiNtu abuye abe ngumsunguli weMbuso Khoza Centre…
Okhokho bethu kanye nokhulukhulwana bethu baqhamuka ngezinkalo ezahlukene bevela enkabeni yalesi saguga esisizala sonke thina begabade le Afrika, uma umuntu ezalwa uye asikwe umthambo wenkaba ugqitshwe esibayeni. Noma engaya kuliphi izwe uma bembuza ukuthi udabukaphi uye aphendule athi ngakhele inkosi usibanibani nenkaba yami isekutheni.
Lolu hlobo losikompilo yilo olwalwenza abantu abangaboHlanga bangabi wondinga sithebeni. Lokhu kwakuqinisekiswa wubuntu kanye nobuqotho bethu thina beNgabade.
Ngeke nokho ngavundulula imilando nemilando yaleli zwe lapho abantu bakithi baphendulwa izimfumbanqokwana befakwa imithi kuhle kwezimeshe ziphethwe wumbendeni ukuze bakulungele ukuyosebenzela abagqilazi. Ngeke futhi ngaqala phansi ngibambelele edandi njenge ngede ngiqekethe okwake kwasehlela kodwa njengomshanelo wenono ngivumele mfundi walesi sinqandabuli sephephandaba ngigiye ngiphindelela ngoba izingqinamba ziyinsila yamihla.
Uma igceke lake lashaywa wunyazi kuye kufakwe izikhonkwane ezintsha ukuze ikhaya lingabi yisishozi. Manje uma uthatha ubheka okwethu kubukeka sengathi sashaywa umangquzumela wembokode yezulu maqede senziwa imikhovu ngoba injumbane ilokhu ikhombe ekhaya. Masingome ngomanye sithi impela maningi amathumba aqhunyiswa angakhanywa umantshu. Njengokwebelwa umhlaba, ukwephucwa inkotha kanye nokukhucululwa kwenkwethu yolimi uqobo.
Ekukhuleni kwengane isingathwa ngabakubo kwayise, kwagogo kayise kanjalo nasohlangothini lwasekhaya konina. Ngabe ibambe ngakho yini uma sinezingane esezaphenduka izigxazamathe ngenxa yokudla indanda emgwaqeni. Zolo lokhu ubungeke uyibuze indoda yomZulu ukuthi inabantwana abangaki ngoba isigodi sonke yayisizala, kunesikompilo elalithi ingane yakho ngeyami.
Safika ke isilumbi sathi naka izindaba zakho, ngabe ngawani la manyala ndlu eNsundu ngabe ngawoku nyemfuza? Ubani lo owasinqinda ukusebenza kobuchopho? Saze sanqundeka amaqaphelo imbala! Kumuntu ozele ngabe ayisekho imihelo ngabe akusasiki ndawo uma ubona ingane eNsundu intula ishaya inja ngekhanda? Lo mhlaba esikhala ngawo siyowuthola kanjani uma sehlulwa wukunqanda izingane zethu sizeqele zibuye ekhaya?
Zithini zona izinyandezulu zaleli gabade uma sesaphenduka izintethe zezithothobala ezosiwe, imizi yobaba isiphenduke kwamachanca. Uyamazi umagida sibhekane! Igceke ngokomlando nomthetho akungenwa kulo sekuhlwile ngoba linezidalwa eziqaphe okubi, baphi abazali uma kunje noma sekwaba yigama nje?
Ndlu yakwethu ayikho intandane kuleli zwe noma uzalo lwakho lungedlula lonke emhlabeni inqobo nje uma kunabantu abasibongo sifana nesakho ngabakwenu labo futhi bangakwazi ngisho ukukubika emsamo, ubufakazi obuqandula ikhanda bokuthi asinayo inkedama thina, engani kukhona ngisho abazala bakho, womalume, wuzalo lwakwagogo ngingabala lize liyozilahla kunina.
Le nto yokuthi kube nezingane ezingomntshingo ubethwa ngubani ilichilo ayemukeleki futhi isikhomba sonke ngenjumbane ithi asikhuthele siyanyemfuza ekubeni izwe lemuke nomfula azibuyiselwe emakhaya izingane Awu zaze zafa wungqoqwane.