Now Reading
Sezijika kuMaliyethe kwaSouth African Airways
Dark Light

Sezijika kuMaliyethe kwaSouth African Airways

Ezinye zezisho esezijwayelekile kwaboHlanga ungaze uhleke wedwa uma sewuzihlaziya. Uma ngicabanga kwakuyiphanta leli elalibuka izinjomane zesemjahweni sezijika kuMaliyethe, kuqale kwenyuke amaphaphu kulabo ababhejile, ngoba bengazi noma izobuya yini imali abayikhokhile bebheja. Lapho izinjomane zisuke sezisejubaneni sezibanga ukuthi iyiphi ezogcina izihole phambili. Phela uMaliyethe lona ngumgwaqo oseduze kwenkundla yomjaho wamahhashi eThekwini obizwa ngoMarriot Road. NakwaSAA ziyabuya sezijika kuMaliyethe. Sekukhulunyelwa eduze ukuthi kungase kudilizwe izisebenzi ezibalelwa engxenyeni yezisebenzi eziqashiwe kumanje. Angifisi ukuba ngomunye wazisebenzi zakwaSAA kulesi sikhathi. Uma impi seyisondela seyiqala ukuthinta abantu kushayisa uvalo.

Labo abaqokelwa ukutakula inkampani yezindiza iSAA, sebelukhiphile olunye lwezinhlelo abahlose ngalo ukutakula le nkampani obishini ekulo, lapho yehluleka wukukhokha izindleko ezibalelwa ezigidigidini zamarandi. Kuke kwaba nesikhathi lapho bekungenasiqiniseko sokukhokhwa kwamaholo ezisebenzi sekuphele inyanga kufanele zihole. Athi ukwehla amaphaphu ngenkathi uHulumeni efaka imali eyabuyisa ithemba kwabaningi. Bese kuke kwathuleka isikhashana kunamahemuhemu anhlobonhlobo, kwabanye kwaze kwaba sengathi ngeke kusadilizwa izisebenzi. Kuke kwaba nezinkulumo zokuqedwa kwezindiza zakwaSAA ezisuka eThekwini. Lokhu kwakuzokusho ukuthi izisebenzi zakwaSAA eThekwini bezizophelelwa wumsebenzi, uma zingayiswanga kwezinye izindawo lapho zidingeka khona.

Kube nokukhuluma okukhuluma abaholi bebuza ukuthi sikhethwe kanjani isifundazwe zaKwaZulu-Natal ukuba sephucwe ilungelo. Angizange ngisizwe isizathu esiqinile futhi esisobala sokukhethwa kwalesi sifundazwe. Kuke kwathi ukuthula izinsukwana, kwase kuqhamuka isimemezelo sokuthi kuzodilizwa ingxenye yezisebenzi zakwaSAA. Inkampani iSAA inezisebenzi ezisebenza imisebenzi eyehlukahlukene, kanti ezinye ziqashwe ezinkampanini ezingaphakathi ezisebenzisana nayo le nkampani, okukhomba ukuthi uma kuthinteka izisebenzi bakwaSAA nazo ziyothinteka. Izisebenzi ezingase zidilizwe zibalelwa ezi-2 270 kulezo eziyizi-4 708 eziseNingizimu Afrika. Abatakuli bamabhizinisi asezinkingeni abangoMnu uLes Matuso noMnu uSiviwe Dongwana bakhiphe lesi saziso ngoMsombuluko besiqondise ezinyunyaneni kanye nasezimeneja ukuze kuqale kube nokuxoxisana nalazi zisebenzi eziyizi-4 408 ezisezindaweni ezehlukene lapha eNingizimu Afrika.

Umthetho iLabour Relations Act iSahluko 189 sichaza ukuthi ukuxoxisana kumele kuthathe, okungenani isikhathi esiyizinsuku ezingama-60. Uma sibala kusukela zili-12 kuMbasa kulo nyaka, lapho kuzokuba nokuxoxisana kokuqala, lezi zingxoxo zingaphethwa mhla ziyisi-8 kuNhlaba. Umeluleki oqhamuka enhlanganweni kaHulumeni iCCMA wazise ukuthi abatakuli bafisa ukuxoxisana kube sekuphothulwa mhla ziyisi-8 kuNdasa. Abatakuli bawusho lomnqamulajuqu ngokubuka ukungena nokuphuma kwemali enkampanini, bebuka futhi nokungabi bikho kwethemba lokuthola imali yokusiza eqhamuka kuHulumeni. Baqhubeke bathi uma ukuxoxisana kungase kuthathe zonke izinsuku ezingama-60 kuyophoqa ukuthi inkampani iSAA ivalwe ngenxa yokuthi iyobe ingasekho imali eyanele ukuqhubeka. Ngokuhlela kwabatakuli kumele mhla ziyisi9 kuNdasa kuqalwe izinhlelo zokuqoka labo abazodilizwa. Bayothunyelelwa izincwadi zokubadiliza ziyisi-8 kuNhlaba. Uma kwenzeke kanjalo ingasinda inkampani ekuvalweni ngenxa zesimo sezimali.

Ziningi izinto ezenzekile enkampanini iSAA kusukela ngoMfumfu nyakenye. Zake zamiswa izindiza zakwaSAA ngaye uMfumfu, kwaphela amathemba okuthi ziyobuye zisukume. Kwezwakala nokuthi ezinye seziyadayisiwe ukuze kutholakale izimali ezazidingeka ngokushesha. Ngaso leso sikhathi kwaba nesiteleka sazisebenzi esathatha izinsuku eziyisishiyagalombili. Yisikhathi eside leso kume umsebenzi. Abagibeli, abanye babo abasebethenge amathikithi bazithola sekufanele bakhoseliswe kwezinye izinkampani zezindiza, okwabahlukumeza kakhulu. Ngiyacabanga ukuthi baningi abenza izinqumo zokungaphinde bagibele izindiza zakwaSAA ngesimo abazithola bekuso. Ngenkathi kugqama ukuthi akusekuningi okungase kwenziwe ukungenisa imali kule nkampani kwabe sekuqokwa abatakuli ngenyanga kaZibandlela. Kwesinye isikhathi ukuthatha umthwalo uwunikeze omunye umuntu kuyawususa umcabango wokuthi impi ayikapheli.

See Also

Kwabanye kwaba sengathi umtakuli uzokwenza umlingo. Inkampani yahlamukwa yizinkampani ezithile ebezilekelela ngokutholela le nkampani abagibeli. Okwakuziyekisa wukungethembeki kokuthi babezokuthola ukukhokhelwa yiSAA eyayingasenamali. Bese kuhambe isikhashana abanye sebekhohlwa nawukuthi le nkampani isezinkingeni. Nakhu-ke sekuqala lezi zinhlelo zokudilizwa kwezisebenzi. Ziqondane nesikhathi esibi lezi zinhlelo, ngoba zivele ngesikhathi abantu besaba nokugibela izindiza baye kwamanye amazwe besabela isifo esesibhubhisile eChina iCOVID-19. Lokhu kuzimise kabi izinkampani zezindiza ezinye zanquma ukuzihlalisa phansi izindiza. Lokhu kusho ifu elimnyama emnothweni, futhi kusho ukuthelwa kwamafutha emlilweni kwaSAA ngoba bekuvele kusenzima ukubuyisa abagibeli. Ngokusho kwabatakuli bamabhizinisi lolu hlelo abalumemezele luyaphuthuma ukuze kuvikwe ukuvala iminyango yebhizinisi okubonakala sekusemnyango.

Ezisebenzini eziyizi-4 708 kumele kusale eziyizi-2 440 kuphela ukuze iSAA isebenze njengebhizinisi. Lezi ezizosala kuzobuyekezwa imininingwane yokuqashwa nokusebenza kwazo, yehluke kuleyo ezisebenza ngayo okwamanje. Ezindizeni ezingama-48 ezingezakwaSAA kuzomele kusale ezili-19 kuphela, bese kuncishiswa imizila, kuyekwe leyo engenayo inzuzo enkampanini. Abatakuli bahlongoza uhlelo lokuncishiswa kwezisebenzi emazingeni ehlukene, kulandelwe lolu hlelo:

Ephawula ngalesi simo uMengameli weNational Transport Movement uMnu uMashudu Rapheta uzwakalise ukwethuka okukhulu, ngoba izibalo ezikhishwe ngabatakuli ziphezulu kakhulu kunalezo ezasusa isiteleka enyangeni kaLwezi. Ngenkathi kukhulunywa onyakeni owedlule kwakukhulunywa ngokudiliza izisebenzi ezingama-900. Kunzima kakhulu ukuqagela ukuthi kuzolandelani emva kwalokhu kuxoxisana. Kubuhlungu ukuthi ukuphumelela kwalokhu kuxoxisana kuyoshiya abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezimbili bengenawo umsebenzi.

Scroll To Top