Kuhlukana imibono ngokuthuna nokulothisa


Sekuhlatshwe umkhosi ngenkinga yokwesweleka kwezindawo zokungcwaba emadolobheni eNingizimu Afrika. Abantu sebeyalelwe ukuthi babheke ezinye izindlela abangafihla ngazo izihlobo zabo esezidlulile emhlabeni. Phakathi kwalezi zindlela kubalwa ukuthi izidumbu zishiswe noma kungcwatshwe phezu kwezidumbu emathuneni amadala. Muva nje uMasipala waseThekwini ukhiphe isimemezelo unxusa izakhamuzi ukuba zivuselele izimvume zobunikazi bamangcwaba ezihlobo zazo nokuthi zenze isiqiniseko sokuthi amaliba aseneminyaka eli-10 ubudala abanikazi bawo bayawathatha bawafake ngaphansi kwamagama abo. Kodwa konke lokhu akwenziwa mahhala kuyakhokhelwa.
Lo Mkhandlu uthi uma imindeni ingasenzanga isivumelwano sokuthatha amangcwaba ayo, uMasipala uzosebenzisa ilungelo lawo lokuthi uwasebenzisa ukungcwaba kuwona kabusha. Umphakathi ubekelwe izinyanga ezine ukwenza lokhu kusukela lulunye kuNdasa kuya zingama-30 kuNhlangulana nonyaka. UMasipala uthe kunesidingo sokwenza lokhu ngenxa yokuthi ubhekene nengwadla yokuthi amangcwaba amaningi asezindaweni ezingaphansi kwawo aseya ngokugcwala kanti amanye asegcwele. ITheku linezindawo zokungcwaba ezingama-65 nezokulothisa ezimbili kanti kungcwatshwa abantu abayizi-9 600 kulothiswe abayi-1 200 ngonyaka. Kuyaziwa ukuthi umkhuba wokulothisa kawejwayelekile kwaboHlanga nakuba sebekhona asebewenza. Emlandweni waboHlanga yisizwe sakwaGwala okuzwakala ukuthi aMakhosi aso akhotheme ayeshiswa ngomlilo wezinkuni ezazithezwa zibuthwe zibe yinqwaba enkulu.
Ngosuku lokulahlwa kweNkosi, kwakufika amabutho esizwe ehlome ephelele ngemikhonto, amawisa nezihlangu futhi evunule ngayo yonke imvunulo yempi. Kuvela ukuthi uma sekufikwe lapho eyayizotshalwa khona iNkosi, kwakubulawa inkabi yayo eyayenza ngayo umkhosi wesizwe sayo ukuze iyiphelezele. INkosi yayifakwa emlilweni kanye nayo leyo nkabi. Okunye okwakuye kwenzeke ukuthi iNkosi yayingashiswa yodwa kepha yayiphelezelwa yizinceku nezikhulu zayo. Lokhu kwakwenza ukuthi izinceku nezikhulu zibike ukugula abanye babebaleka uma kukhothame iNkosi ngenxa yokwesaba ukuthi nabo bazophonswa emlilweni. Ngokombhali wencwadi esihloko esithi “Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu” uSolwazi uJabulani Maphalala, akwaziwa ukuthi lo mkhuba wasendulo kulesi sizwe wawuqale kanjani kwazise izizwe ezazishisa abantu asebeshonile ngezamaNdiya nezinye e-Asia nase- Europe.
E-Afrika sasingekho isidingo sokushisa izidumbu ngoba indawo yabe iningi kakhulu kungasatshwa ukuthi uma kungcwatshwa kuyona ngobuningi ingagcina iphelile. Nokho uSolwazi uMaphalala uthi abakwaGwala bagcina bewuyekile lo mkhuba base benza into eyayingenziwa ngezinye izizwe ukuthi uma iNkosi ekhotheme umzimba wayo womiswe. Nakho lokhu kwagcina kuyekiwe aMakhosi athunwa ngendlela ejwayelekile. Phambilini uSolwazi uSihawu Ngubane ethula inkulumo engqungqutheleni yezamangcwaba nokulothisa eyabe iseThekwini, wathi kuwukwedelela inkolelo yamaKrestu ayiningi eNingizimu Afrika ukushiswa koseshonile ngoba akholelwa ukuthi akhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu ngakho-ke uma kushiswa umuntu kuwona kufana nokuthi kushiwa uNkulunkulu uqobo. Wathi osikweni lwamaZulu ukushiswa komuntu kuthathwa njengesiqalekiso ngakho-ke owenza lokhu angalethela umndeni wakhe amabhadi okungaholela ekulimaleni noma ekufeni kwelungu lalowo mndeni. Mayelana nokusetshenziswa kwamathuna osekungcwatshwe kuwona waveza ukuthi lokhu kuwukwedelela amadlozi nabalele.
Kunemibono eyahlukene ngezindlela zokungcwaba njengoba kukhona abakholwa ukuthi ukulothisha akunazindleko uma kuqhathaniswa nokungcwaba ngokumba igodi. Abanye bakholwa ukuthi ukulothisa akuyiphazamisi imvelo, kuyahambisa nabantu abangakholiwe kakhulu kanye nendlela abantu asebephila ngayo esikhathini samanje. Njengoba nezikhathi sezashintsha abantu sebengasahlali isikhathi eside endaweni eyodwa futhi sebethutheleka emadolobheni ukuyofuna amathuba empilo angcono, kukhona abathi uma isihlobo sabo silothisiwe bayakwazi ukuthi bahambe nomlotha waso okwenza bangalahlekelani nothandiweyo wabo. Kukhona labo abakholelwa ekutheni bangawusebenzisa umlotha woshisiwe ukwenza izinto zempilo eziqondene nabo. Muva nje, imingcwabo isiphenduke izinkundla zokubukisa njengoba sekukhethwa amabhokisi nezimoto ezithwala isidumbu namalungu omndeni kwenani eliphezulu.
Akupheli lapho njengoba kuze kwenziwe imicimbi yokujabula ebizwa nge-After Tears lapho utshwala busuke buphuzwa ngendlela exakile. Ngokwenkampani yomshwalense iSanlam, ukulothisa kubiza imali engalinganiselwa kuzi-R5 000 okuhlanganisa ukulandwa komlotha lapho kushiselwe khona isidumbu. Uma umndeni ukhetha ukuchitha umlotha endaweni ethile oyihlonzile, nakho kunezindleko zakho njengoba kukhona izindawo ezikhokhisa kuze kufinyelele ezi-R6000. Ngokujwayelekile imingcwabo ibiza kusukela kuzi-R6 000 kwabangamile kahle ngasemalini, phakathi kwezi-R12 000 kuya kuzi-R50 000 kwabangasokoli kangako kuthi eyomacaphuna kusale, abanye babo imindeni yabo eye ifune ukuthi bangcwatshwe ezindaweni ezizimele, ingabiza kusukela kuzi-R500 000 kuya ezigidini zamarandi. Iqiniso lithi kuba wumndeni woseshonile ekugcineni othatha isinqumo sokuthi ilungu lawo lizofihlwa kanjani. Kuzona zonke lezi zimo isimo somnotho sibekwa phambili.
Awukho umndeni ongeke wathanda ukungcwaba ilungu lawo ngendlela enesizotha nehloniphekile. AboHlanga bahlukene phakathi ngezindlela zokungcwaba njengoba kuphawuleke ngenhla ukuthi indlela abakhuliswe ngayo ngokwamasiko nenkolo kwenza kubenzima satshe ukuthi yamukeleke indlela yokushiswa kwesidumbu. Elinye ilungu lomphakathi elizinze eThekwini elikhulume naleli phephandaba ngaphansi kombandela wokuthi igama lalo lingadalulwa, lilitshele ukuthi kwake kwenzeka isimanga emndenini walo isihlobo sabo sifika ngobusuku sikhala ngokuthi siyasha lapho sikhona. Lona uthi leli lungu lomndeni labe lilothisiwe okuyinto eyayiqala ukuthi yenzeke kulo mndeni wasemakhaya. Lithi kwaze kwaphoqa ukuthi kwenziwe umsebenzi wokushweleza ukuze lona owayekhala ehlele ngenzansi kwaba nokuthula kuleli khaya.
Kube nokuvumelana uma umbhali walolu daba ekhuluma nalona wesilisa ukuthi lo mndeni waba nenhlanhla enkulu ngoba akubanga khona ilungu lawo elishonayo noma elehlelwa ngokuthile okubi ngenxa yalesi senzo okwasekucaca ukuthi sacasula amadlozi awo. Lona okhulume neBAYEDE uthe lesi sigameko samfundisa isifundo futhi usewazisile nomndeni wakhe ukuthi ungalokothi umlothise, uma kuwukhuthi ayikho indawo yokumngcwaba emadolobheni awomthatha umuyise emakhaya lapho edabuka khona ayongcwathswa enhla kwesibaya. Nakuba indlela yokushiswa kwesidumbu ibekwa njengenye engasiza ukulwa nokwesweleka kwezindawo zokungcwaba, kubukeka ingenalo ugazi kwabaningi kungebona aboHlanga kuphela kepha nabezinye izizwe abayinambithisisi kahle.