Amabhisikidi emfologo

by Sbonga Zungu
March 13, 2020

Namhlanje sizocobelelana ngendlelakwenza engicabanga ukuthi ingelula ukwedlula zonke ezikhona. Ngezithako ezine nje kuphela, noma ngubani angakwazi ukwenza lolu hlobo lwamabhisikidi.
Izithako
- Ama-100g ebhotela elithambile, elingaphumi efrijini
- Ithispuni elilodwa (1) le Vanilla Essence
- Ama-50g kashukela ocolisekile (Caster Sugar)
- Ama-150g kafl awa iSelf-Raising
Indlelakwenza
- Shisisa uhhavini ngokuwubeka ku- 180°C
- Lungisa ipani (eliyisicaba) ngokubeka iphepha lokubhaka kulona, bese ulibeka eceleni
- Endishini enkulu, faka ibhotela bese ulicuba ngomshini kagesi uze ube sakhilimu.
- Qulela iVanilla Essence bese uhlanganisa ngesipuni esikhulu.
- Qulela ushukela uqhubeke uhlanganise ngesipuni.
- Faka ufl awa, uhlanganise, uqikelele ukuthi azikho izigaxa eziba senhlameni yakho. Ngiyakuncoma kakhulu ukuxuba ngesandla.
- Hlukanisa inhlama uyenze amabhola amancane
- Beka amabhola epanini lokubhaka. Qikelela ukuthi ushiya izikhala ezanele phakathi kwamabhola akho
- Cindezela amabhola akho ngengemuva lemfologo ukuze abe sasicaba. Qikelela nokho ukuthi angacabalali kakhulu
- Faka ipani kuhhavini, ubhake imizuzu ephakathi kweyishumi nanhlanu kuya kwengamashumi amabili (kuya ngokuthi ufi sa ashe kanjani).
- Khipha amabhisikidi akho uwabeke esithebeni sokupholisa aphole.
- Ukuhlobisa amabhisikidi akho noma ufuna ukunambitheka okwehlukile, ungacobhoza ingxenye eyodwa yebhisikidi ngalinye kushokoledi oncibilikisiwe. Bheka isithombe esingezansi. Ngiyabonga kakhulu kwababhalayo ngemibuzo nezincomo.