Now Reading
OweDA uthi uxoshelwe ukulwa nenkohlakalo
Dark Light

OweDA uthi uxoshelwe ukulwa nenkohlakalo

Yinkombankombane kuDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal kulandela ukukhonjwa indlela kweKhansela layo ebelihola ikhokhasi yaleli qembu kuMasipala Wesifunda iZululand. Ukunqanyulwa kobulungu bakhe kuDA, uMnu uSbu Nkosi, akakuvumelanga ukuthi kudlule engakuphoselanga inselelo njengoba ekhiphe isitatimende esishubile esola iDA nokuthi ushayelwa ukulwa nenkohlakalo kulo Masipala. UNkosi ukhwele wadilika eqenjini lakhe wasola ukuthi kukhona abanye ngaphakathi abahlomulayo ngenkohlakalo eyenzeka kulo Mkhandlu abelwa nayo okuyikho okumdalele amazinyo abushelelezi. Uthe icala lakhe kwaba ukungasithathi iseluleko somholi weDA KwaZulu-Natal, uMnu uZwakele Mncwango, sokungawushiyi phakathi umhlangano woMkhandlu wangowezi-2018 okwakuzodingidwa kuwona ukwelulwa kwenkontileka kaMnu uManqele owayebambe njengeMeneja yoMkhandlu kulandela ukuxoshwa kukaMnu uSipho Nkosi.

“Siyikhokhasi yeDA kulo Masipala besingahambisani nenkohlakalo ebiyenzeka ngaphansi kukaManqele. Emuva kokuphela kwenkontileka yakhe yezinyanga ezintathu siyazisile i-IFP (ehola lo Mkhandlu) ukuthi ngeke sikweseke ukwelulwa kwenkontileka yakhe ngenxa yokungahambi kahle kwezinto ngalesi sikhathi esifushane ebambe njengeMeneja yoMkhandlu,” kusho uNkosi. Uthi bebekholelwa ukuthi iMeneja eyaxoshwa kwakufanele ibuyiselwe emsebenzini ngoba izizathu zokukhonjwa kwayo indlela zazingalungile futhi akulandelwanga imigudu efanele. Uthi amalungu eDA eMkhandlwini abeyishiya phakathi imihlangano obekudingidwa kuyona udaba lweMeneja ngisho nomholi wayo KwaZulu-Natal, uMncwango, ubekwazi ukuthi leli qembu alikweseki ukuxoshwa kweMeneja uNkosi. “NgoMbasa wezi-2018 kwakuhlelwe omunye umhlangano lapho udaba lokwelulwa kwenkontileka kaManqele lwaluzoxoxwa khona.

Ngisendleleni ngiya kuwona ngathola ucingo luvela kuMncwango owangitshela ukuthi wayesezwile ukuthi kuzoba nomhlangano ngalolo suku wabe esengeluleka ngokuthi singawushiyi phakathi,” kuchaza uNkosi. Uthi wamtshela uMncwango ukuthi uzosithatha iseluleko sakhe kodwa uzosethula kukhokhasi yeqembu eMkhandlwini ngoba wayengeke akwazi ukuthatha isinqumo eyedwa. UNkosi uthi wayibikela ikhokhasi eyavumelana ngazwilinye ukuthi izowuduba umhlangano. Uthi ukusho kwabo ukuthi ukwelulwa kwenkontileka kaManqele kwakungafanele kwaqinisekiswa nowayenguMphathiswa kaCogta ngaleso sikhathi uNkk uMaDube Ncube, owanqaba ukuthi yelulwe kunalokho wayalela ukuthi kube nophenyo. “Sabe sesitshelwa ukuthi kumele siyoqondiswa ubugwegwe ngoba asiwulalelanga umyalelo womholi”. Ngokusho kukaNkosi uMthethosisekelo weDA uthi ikhokhasi inalo ilungelo lokuzithathela izinqumo.

Uthi ekulalelweni kokuqondiswa kwabo ubugwegwe okwaqala ngoMandulo wezi-2018 kwaze kwaya kuMfumfu wawo lowo nyaka, bazibeka izizathu zokuthi kungani baduba umhlangano. UNkosi uthe emuva kokuba sekuphothuliwe ukulalelwa, isigungu seDA esifundazweni sathatha isinqumo kodwa sangethulwa kubona kwaze kwaba baziswa emuva kokhetho lwangonyaka odlule. “Sifake isicelo sokuphikisa lesi sinqumo kuFederal Legal Commission (FLC) ekupheleni konyaka odlule kwathi kulo nyaka sathola isinqumo sokunqanyulwa kobulungu bami eqenjini.” Uqhube wathi: “Ngatshelwa ukuthi ngikhombise ukungazisoli futhi ngangaxolisa. Ngingaxolisa kanjani ekubeni ngazi ukuthi engikushoyo kuliqiniso nokuthi engikwenzile kuhambisana noMthethosisekelo weqembu? Uma kuwukuthi iqembu liwa nenkohlakalo ngempela futhi alihambisani nayo kumele ngabe likuqondile ukuthi kungani senza lokhu esakwenza.” UNkosi uthe ngesikhathi kulalelwe icala labo wayeyedwa owayefake isikhalo futhi wethula ubufakazi obuphikisana nabo okunguMncwango abanye ababekuphaneli ubuholi beDA esifundazweni.

See Also

“Kusobala ukuthi lokhu kwakubhebhezelwa yipolitiki akukhona ukuthi kukhona okungalungile esakwenza. Sisola ukuthi kukhona abahlomulayo enkohlakalweni ye-IFP eZululand thina siyinkinga. Eqinisweni ngazi ngokuqondiswa ubugwegwe kwethu ngaphambi kokuba ngithole amacala iqembu elingibeke wona,” usho kanje. UNkosi uthi waziswa yilungu le-IFP eBaqulusini ukuthi lithole umqhafazo kumholi wakhe (uNkosi) ethi, “Ngizoxoshwa ngoba ngibasebenzisa kabuhlungu, angifuni benze izinto abafuna ukuzenza”. “Ubufakazi bezinto esasihlala siziphakamisa zikhona njengoba kuyimanje uMasipala iBaqulusi ungaphansi komlawuli, eZululand kwabanophenyo emuva kokuba ngiveze izinto ezingalungile. “Ngixoshelwe ukulwa nenkohlakalo okuyinto engisazoqhubeka ukuyenza ngisho sengiyisakhamuzi esijwayelekile,” usho kanje.

Uphethe ngokuthi iqembu abalijoyina futhi abaziqhenyalo ngalo alisekho. Ethintwa uMncwango, uthe uzibonile izinsolo zikaNkosi enkundleni yokuxhumana iFacebook. “Kodwa ukuze ubhale udaba olukahle ngikweluleka ukuthi ucele uNkosi ukuthi akunike umqulu onamacala abekwa wona nokuthi yena waziphendulela wathini. Ngoba usola iqembu kungcono ngingaphenduli izinto ezikuFacebook kodwa ngiphendule okusemqulwini weqembu,” kusho uMncwango. Uthe uNkosi kumele akhulume iqiniso ngokwenzeka ngoba udaba lwakhe luhlalelwe emazingeni ahlukene okubalwa nakuzwelonke naye emelwe ummeli wakhe futhi wanikwa ithuba lokuthi aziphendulele. “Kuyamngaza-ke ukuthi zonke lezi zigaba zingafinyelela kanjani kulesi sinqumo ngokwehlukana kwazo kungafanele futhi iFederal Legal Commission iwuhlaka oluzimele olukuzwelonke,” kuphetha uMncwango. IBAYEDE inayo incwadi iDA eyayibhalela uMasipala iZululand mhla zingama-26 kuNhlolanja nonyaka iwazisa ukuthi uNkosi akaselona ilungu layo ngakho sekunesikhala esesivulekile.

Scroll To Top