Now Reading
Ongoti bakhomba inxeba elingajuqa elakuleli
Dark Light

Ongoti bakhomba inxeba elingajuqa elakuleli

Kufanele ukuthi ngemuva kokuzwa inkulumo yesabelomali sanonyaka eyethulwe nguNgqongqoshe Wezezimali kuleli, uMnu uTito Mboweni, kuleli sonto umbuzo wokuthi isikweletu sikaHulumeni esingosigidintathu aba-R4 sizovalwa kanjani. Kepha okuvele enkulumweni kaMboweni akucacisanga ukuthi yiziphi izinhlelo uHulumeni anazo ukubhekana nalesi sikweletu esesifana nenunu engafi . Lesi simo sezimali eNingizimu Afrika yisona esenze ongoti ekugaguleni amazwe angakwazi ukukhokha izikweletu zawo ukuthi babheke leli zwe ngeso lokhozi. Ngaphambi kwenkulumo yakhe uMboweni besekukhulunywe kakhulu ngokuthi kuzokwenyuswa intela ukuze kuvalwe lesi sikweletu kodwa yena wanquma ukwenza okwehlukile. “Intela ekhokhwa uma kuthengwa impahla ngeke yenyuke, kangazi ukuthi laba abebethi izonyuka bebekuthatha kuphi lokho?” kusho yena uNgqongqoshe enkulumweni yakhe.

Bekucatshangwa ukuthi intela izokhushulwa kodwa kunalokho uMboweni umemezele ukuthi uthisha ohola izi-R460 000 ngonyaka intela ayikhokha ngonyaka izokwehla ngezi-R3 400. Ezinye izisebenzi ezihola izi-R260 000 ngonyaka intela yazo izokwehla nge-R1 500. Ohola izi-R10 000 ngenyanga uzokhokha intela engaphansi kwamaphesenti ali-10. Ukusho lokhu nje uphinde uyakudalula ukuthi umnotho wakuleli awukhuli kahle ngoba kulindeleke ukuthi ukhule ngama-0.9% kulo nyaka bese amandla emali ame kuma-4.5%. UMboweni uthe imali eshodayo yizigidigidi ezingama-R370.5 bese isikweletu sezwe siba kosigidintathu aba-R3.56. Phezu kwalokho udalule ukuthi imali esetshenziswa nguHulumeni izokwenyuka ifi nyelele kosigidintathu aba-R2.14 ngowezi-2022/23. Yilokhu-ke okwenze ukuthi noma isabelomali esethuliwe sishayelwe ihlombe ngabaningi kodwa kwabakhona ukukhathazeka ngokungaveli ukuthi lo mthwalo wesikweletu sezwe kuzokwenziwani ngawo.

Ungoti wezomnotho uSolwazi uBonke Dumisa, uthi impela lokhu kuyakhathaza ukuthi isikweletu sikaHulumeni eminyakeni emithathu ezayo singase sikhule sifi nyelele kosigidintathu abangama-R290. Uthe lokhu ngeke kwehle kahle kwabakwaMoodys okulindeleke ukuthi bathathe isinqumo ngokuthi ngabe iNingizimu Afrika iyangena yini kuvobe ngenxa yesimo sayo somnotho. USolwazi uDumisa uthe kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule umnotho wakuleli awunyukanga futhi kubukeka sengathi nakulo nyaka kuzoba ngesifanayo. “Yingakho iMoodys isisinqumele ugwayi katiki ukuthi uma singalungisi indlela esenza ngayo izinto ekusetshenzisweni kwemali, nabo bazosifaka kuvobo uma benganelisekile ngalesi sabelomali,” kusho uSolwazi uDumisa. Uthi kuyamangaza ukukhala kwezinyunyana ngokuthi uHulumeni kule minyaka emithathu ezayo uhlela ukwehlisa isabelomali samaholo ezisebenzi zikaHulumeni ngezigidigidi ezili-R160. Weluleka izinyunyana ngokuthi zibuke isithombe esikhulu sikaHulumeni ngokwenza lokhu.

Uthi nakho ukukhala kwezinyunyana zezisebenzi kuzokwenza iMoodys ingathembi ukuthi kukhona okusengenziwa ukulungisa umnotho wezwe ngoba zineqhaza elikhulu ezilibambile emnothweni. ‘UNgqongqoshe uMboweni usathi kusaxoxiswana ngalokhu, uHulumeni ukhombisa ukuthi usaba izisebenzi ngoba kunokhetho ngonyaka ozayo,” usho kanje. Uthi abantu abangacebile kakhulu bahlomulile kulesi sabelomali njengoba kumenyezelwe ukuthi ngeke isakhokhwa imali yokubhalisa amabhondi uma umuntu ethenga indlu ebiza isigidi esisodwa samarandi nangaphansi. “Lokhu kungabukeka njengento encane kwabanye kepha iqiniso ukuthi amaphesenti angama-99 aboHlanga izindlu zabo zibiza ngaphansi kwesigidi samarandi, ngabadla izambane likapondo abanezibiza ngaphezulu kwalokhu,” kuphetha uSolwazi uDumisa. UMnu u-Owen Nkomo onguMqondisi noMsunguli we-Inkunzi Wealth Group, usole uHulumeni ngokwesaba ukuthatha isinqumo ngezinkampani ezingaphansi kwawo.

See Also

Uthe kubukeka kusazoqhubeka ukuthi lezi zinkampani zidle ephaketheni likaHulumeni njengoba uNgqongqoshe uMboweni ethe esikhathini esifushane esizayo uzohlinzeka inkampani yezindiza yakwaSAA ngezigidigidi ezili-R16.4 oyisiqiniseko sokukhokwa kwesikweletu sale nkampani. “Ngokwami sifana nomuntu ojaha indlovu ephethe umkhonto owodwa, siyesaba ukwenza izinqumo ngezinkampani zikaHulumeni ezinezinkinga njengeSAA. Ngingakusho nje ukuthi lezi zinkampani zisazoqhubeka nokudla ephaketheni likaHulumeni,” kubeka uNkomo. Uthi kuyamangaza ukuthi kuyabonakala ukuthi isimo somnotho asikho sihle kodwa uHulumeni uyesaba ukwenyusa intela okuyinto abona ukuthi izobalekisa abatshalimali. Umhlaziyi wezepolitiki ngaphansi kweXubera Institute, uMnu uXolani Dube, uthe lesi sabelomali besiwukuphaka impi ebhekiswe ezisebenzini zikaHulumeni. “Okokuqala nje uHulumeni akakhulumisananga nezisebenzi ngalesi sinyathelo esizoholela ekwenyukeni kwesibalo sabantu abangasebenzi.”

UDube uthi uHulumeni wehlulekile ukubeka phambili izinto ezibalulekile isibonelo salokho ukuthi afake imali eyizigidigidi ezi-R2.4 ukusiza iNational Prosecuting Authority (NPA), iSpecial Investigating Unit (SIU) neDirectorate for Priority Crime Investigation ukulwa nenkohlakalo kunokuthi ayifake ekusizeni osomabhizinisi abasafufusa. “Sihleli phezu kwebhomu elingaqhuma noma yinini. Izinga lokungasebenzi kwabantu kuleli liphezulu, ukufakwa kwemali eningi kosomabhizinisi abancane bekungalekelela ukwehlisa izinga labantu abangasebenzi. Ngeshwa asizwanga ngohlelo olucacile lokulungisa lesi simo,” kubeka uDube. Uyayihlaba eyokwenyuswa kukaphetrloli ngamasenti angama-25 wathi lokhu kuzozwela kakhulu kubantu abavele bexakekile ngoba kusho ukuthi amanani ezinto nawezimoto ezithutha umphakathi azokwenyuka. “Ngingasho nje ukuthi lapha bekusaqhutshwa indaba yomnotho ozwelana nongxiwankulu,” kuphetha uDube.

Scroll To Top