UNkk uDe Lille: Yingqwele noma yisakabuli?


Kubantu abaningi ungumholi oma mpo angagudluki kulokho akushilo noma akumele. Lona nguNkk uPatricia De Lille onguNgqongqoshe kuHulumeni oholwa nguMengameli uCyril Ramaphosa. Lo mholi waqala njengosonyunyana ngowezi-1974 ngesikhathi ezibandakanya ne Trade Union Politics futhi eyilungu lenyunyana eyayimele abasebenzi iSouth African Chemical Workers Union (SACWU). Ngaleyo minyaka wabe esekhethwa eba nguSihlalo wesiFunda woMkhandlu wezinyunyana owawaziwa ngeNational Council of Trade Unions (Nactu) eWestern Cape. INactu yayidlelana nePan Africanist Congress (PAC), igqugquzela abasebenzi ukuba bazihlanganise nomzabalazo wePAC.
Ngowe-1989 uDe Lille waqokelwa esigungwini sokuphatha kuPan Africanist Movement eyayiwuphiko lwePAC. Ngesikhathi amaqembu ayevalwe umlomo ngenxa yomzabalazo esekhululwa ngowe-1990, waqokelwa esikhundleni sokuba uNobhala wezangaphandle we-PAC nokwabuye kwathathwa isinqumo sokuba akhululwe kulesi sikhundla. Ngezikhathi zezingxoxo zeCodesa wayehola ithimba lezithunywa zePAC nokwathi ngemuva kokhetho lwangowezi-1994, waqokelwa ukuba ilungu lePhalamende emele leli qembu. Phakathi konyaka we-1994 nowe-1999 wayehola ikomidi lezokuThutha ePhalamende aphinde abe nguSotswebhu omkhulu wePAC khona ePhalamende.
Ukulwa nenkohlakalo
Ukuqala kwakhe ukwaziwa njengomholi olwisana nenkohlakalo ePhalamende kwaba ngesikhathi eselilungu le-PAC. Ngalesi sikhathi lo mholi waveza izinsolo ezishaqisayo ngenkohlakalo ekuthengweni kwezikhali kuleli. Ubufakazi ayenabo baziwa ngokuthi yiDe Lille Dosier. Lona kwaba ngumlilo wequbula owaze washisa abanye abaholi abafana noMnu uTony Yengeni nowayenguSotswebhu we-African National Congress (ANC) ngaleso sikhathi.
Akuphelanga sikhathi esingakanani uDe Lille washiya ku-PAC waphuma inxiwa wabumba okwakhe okwaziwa ngokuthi yi -Independent Democrats (ID). Akuphelanga sikhathi singakanani wabe esejoyina iDemocratic Alliance (DA) emuva kokunxenwa ngowayengumholi wayo ngaleso sikhathi uNkk uHellen Zille.
Njengelungu leDA eliqavile unikezwe isikhundla sokuba nguSodolobha waseKapa nokuyisikhundla ashiye kuso kungasemnandi. Ukushiya kwakhe ku-DA kwahunyushwa ngezindlela ezahlukene, kukhona abathi wabe ehlukunyezwa kanti abanye babethi zibhajwe kweziwudlayo kuye. Ngokweqembu lakhe uphenyo olwabe lwenziwa ngaye lwabe lubucayi ngoba lwabe lukhomba inkinga ebuholini bakhe.
Umbiko, owenziwe nguMqondisi wakwaBowmans uRandall van Voore‚ waveza ukuthi uNkk uDe Lille kanye nowayeyimeneja yedolobha uMnu u-Achmat Ebrahim bephula umthetho ngenkathi behluleka ukubikela uMkhandlu ngokukhokhelwa okungagunyaziwe kukashesi webhasi ngowezi-2015. Ubuye uthi uMkhandlu unesibopho sokubika izenzo ezisolisayo zenkohlakalo eziphathelene nethenda yamabhasi ahamba ngogesi nokuthi uMkhandlu Wedolobha kufanele uthathe izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe ilungu lekomidi yemeya elibhekele ezezithuthi kanye nokuthuthukiswa kwedolobha uBrett Herron, ubuye umise uKhomishana Wezithuthi Nokuthuthukiswa Kwedolobha uNks uMelissa Whitehead ngokungaziphathi kwabo ngokulindelekile odabeni lwethenda.
Nokho abaningi baphoxeka ngesethulo sikaNkk uDe Lille kwiKhomishini kaSeriti eyabe ibheka izinsolo zenkohlakalo odabeni lokuthengiswa kwezikhali. Lapha kwabe kulindele ukuthi akhiphe ingonyuluka kwazise nguye owayevuse inyamazane ngeDe Lille Dosier. Ehlonywa ngemibuzo ngabameli balabo ayebanuka uNkk uDe Lille wathi yena akaze adalule magama noma athi kukhona umkhonyovu kepha ayekusho wukuthi “akuphenywe. Lokhu kwakha esinye isithombe ngoba iningi labe limthanda nje likholelwa nakuye ngoba lithi nguye onobufakazi benkohlakalo. Ukuthi akanabo ubufakazi benza abanye basola ukuthi ubezihloma uphaphe lwegwalagwala nje yingoba ubethanda ukubukwa njengomuntu owehlukile kwabanye
AbeDA bathi ‘ukubaleka kwakhe’ ayosungula iGood naseyimele ePhalamende wabe ebalekela izimekemeke ezimembula izinqe. Kuleli sonto nje inkantolo inike iDA igunya lokuba ikusho kugcwale umlomo ukuthi nembala lo mholi kazihambelanga eqenjini kepha lamkhomba indlela.
Ngesikhathi ephawula njengomholi weGood ngenkulumongqangi kaMengameli ingxenye ethile yabakuleli imangele ngalokhu ekubone njengokugoba uphondo kwalo mholi ngenxa yesikhundla. Ephawula ngenkulumo kaMengameli uNkk uDe Lille uyituse kakhulu inkulumo ngaphandle kokusola.
Kusesekuseni ukuthi umlando uyomehlulela kanjani lo mholi nokuthi ngabe iGood izoqhubeka noma yena uzokwenza adume ngakho. Okusobala kuze kube manje yikuthi lo mama uyisithako kwipolitiki yakuleli nokuthi usazoba njalo kule minyaka ezayo.
Iqhaza likaDe Lille lobuholi alipheleli ePhalamende
UNkk uDe Lille wazalwa ngowe-1951 mhla zili-17 kuNhlolanja, eBeaufort West eKapa. Waqala ukwenza amabanga aphansi eMethodist Primary School, ngowe-1969 waya esikoleni samabanga aphezulu eBastiaanse Hoerskool nalapho aqedela khona umatikuletsheni.
Ngowezi-2003, uNkk uDe Lille wethusa abaningi ebonakala esesebenzisa wona lo mthetho ayephikisana nawo esegcogcoma nesihlalo sakhe ayenaso ephalamende ngaphansi kwePAC, wasungula iqembu lakhe i-Independent Democrats (ID).
Ngemuva kokusungula i-ID wabuyela ePhalamende naso isihlalo ayenaso kuPAC nokwathi ngokhetho lowezi-2004 nolwangowezi-2006 loHulumeni beziNdawo iqembu lakhe laba nezihlalo eziningana lameleleka ePhalamende nakomasipala. Ngowezi-2004 waqokwa waba yiShansela yaseDurban Institute of Technology osekuyiDurban University of Technology. Ubelokhu esekhaleni lemikhankaso eyehlukene ethinta izinkinga zomphakathi okubalwa izifo okuyi-HIV/AIDS, Xenophobia, ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, indlala nokunye.
Ubuye waba yilungu lebhodi lezinkampani ezehlukene okuyi
- Fikilela HIV/AIDS Project
- Age-in-Action Patron
- Diocesan College-Bishops – eyilungu lomkhandlu
- Nazareth House HIV/Aids Children
- St Josephs Home For Chronically Sick Children
- Helen Suzman Foundation
- Impumelelo Innovation Awards
- Caring Network
- Nelson Mandela Children’s Fund
- HIV/Aids Babies Battling HIV/AIDS Trust
Kumanje uyilungu lenhlangano okuyiGlobal Organisation of Parliamentarians Against Corruption ne-African Parliamentarians Network Against Corruption. Ngenxa yamagalelo akhe ekulweni negciwane lengculazi nesandulela sayo, wahlonishwa yinhlangano yaseCanada ngendondo yesigagayi esilwa ngokungakhathali nalesi sifo, waphinde wahlonishwa ngedolobha iBirmingham, e-Alabama.