Now Reading
Ukungabi nezithako ezidingwa indlelakwenza, makungakuvimbi ekubhakeni kwakho
Dark Light

Ukungabi nezithako ezidingwa indlelakwenza, makungakuvimbi ekubhakeni kwakho

Emavikini amathathu edlule ngathola incwadi evela komunye wabalandeli bale ngosi, ecela ukuthi ngicobelele ngolwazi lwami ngezithako ezingasetshenziswa esikhundleni kwalezo ezisuke zibalulwa yindlelakwenza. Ngabona kungumbono omuhle kakhulu lo. Nakuba ngihlale ngikugcizelela ukubaluleleka kokulandela indlelakwenza esuke ibhaliwe, ngiyaqonda ukuthi sike sizithole sisesimweni lapho kufanele sibhake kepha singenazo zonke izithako esizidingayo ngaleso sikhathi. Mhlawumbe izitolo sezivaliwe kanti kufanele ulale uwabhakile amaCupcake okumele ahambe nengane ngakusasa esikoleni.

Senzenjani kulesi simo?

Namhlanje, nginqume ukuthi sicobelelane ngezinye zezithako esingazisebenzisa uma sizithola sibhekene nalesi simo. Kubalulekile ukwazi ukuthi indlela ikhekhe elizonambitheka ngayo, ngisho nokubukeka imbala, angeke ifane ncamashi naleyo yekhekhe elenziwe ngezithako ezidingwa yindlelakwenza. Kubalulekile kakhulu ukuthi uma ususebenzisa ezinye izithako, ulandele isikali sakhona, ngaphandle kwalokho umbhako wakho uzokonakala uphele. Ngiyathemba la masu alandelayo azokusiza uma uzithola usenkingeni yokungabi nezithako ezanele…

  1. Ngeviki eledlule ngizithole ngisenkingeni lapho kufanele ngibhake, kanti amaqanda anginawo. Ngenxa yokuthi bengizimisele ngokubhaka, kanti bengenqena ukuya ezitolo, ngiphoqelekile ukuthi ngisebenzise izithako ezikhona. Zimbili izindlela ongazizama esikhundleni samaqanda.
  • Esikhundleni seqanda elilodwa, ungafaka izipuni zokudla ezintathu zeMayonnaise.
  • Okwesibili ongakuzama ukuthi esikhundleni seqanda elilodwa ucube ingxenye (1/2) kabhanana uyixube nengxenye (1/2) yethispuni leBaking Powder.

2. Njengoba sesibonile ukuthi siyikhonzile iButtermilk kule ngosi, kubalulekile ukuthi sazi ukuthi uma singenayo yini enye esingayisebenzisa.

  • Uma udinga inkomishi eyodwa yeButtermilk, kodwa ungenayo, ungafaka isipuni esisodwa sokudla sikajuzi kalamula enkomishini, bese ugcwalisa ngobisi. Ibeke eceleni le ngxube ukuze ihlangane kahle okungenani imizuzu emihlanu ngaphambi kokuyisebenzisa
  • Ungasebenzisa futhi iyogathi emsulwa (plain yoghurt) esikhundleni seButtermilk. Okuhle ngalokhu futhi awudingi ukuguqula isikali. Uma udinga inkomishi eyodwa yeButtermilk, sebenzisa inkomishi eyodwa yeyogathi emsulwa.

3. Uma indlelakwenza idinga iBaking Soda kodwa ungenayo, ungasebenzisa iBaking Powder esikhundleni sayo. Qikelela nokho ukubhekisisa isikali sakho. Ingxenye (1/2) yethispuni yeBaking Soda ilingana namathispuni amabili (2) eBaking Powder.

See Also

4. Ngenxa yokuthi ngithenga ushukela onsundu kuphela ekhaya, ngisebenzisa wona nasekubhakeni. Kubalulekile ukuqonda ukuthi isikali sonsundu angeke sifane nesomhlophe. Uma kufanele usebenzise inkomishi eyodwa kashukela omhlophe, yeqisa isikali usibeke enkomishini eyodwa nekota (1.25) uma usebenzisa onsundu. Ushukela omhlophe uzwakala kakhulu kunonsundu, yingakho isikali kufanele sithi xaxa konsundu. Okunye okubalulekile ukuthi sikwazi ngoshukela onsundu ukuthi uzoba nomthelela embaleni wekhekhe. Uma kubalulekile ukuthi ikhekhe olenzayo libe mhlophe ngombala, ungawusebenzisi onsundu, sebenzisa omhlophe.

Qaphela: Uma indlelakwenza ingacacisi ukuthi ushukela odingekayo omhlophe noma onsundu, kusuke kudingeka omhlophe. Uma kufanele usebenzise onsundu, kuzobalulwa ukuthi sebenzisa onsundu.

Scroll To Top