Now Reading
Induku kaMshengu isebandla lamazwe ngamazwe
Dark Light

Induku kaMshengu isebandla lamazwe ngamazwe

Ngaphambi kokuthi iLadysmith Black Mambazo idume umhlaba wonke isisebenza noPaul Simon ngowe-1985, izigqi zabafana baseMnambithi zase ziqalile ukuzwakala eGermany. Ngokulandisa kwelungu elidala leqembu uMnu u-Albert Mazibuko (osesithombeni) elicula ithena, baqala ukugibela ibhanoyi ngemuva kokukhipha i-albhamu esihloko sithi “Phansi Emgodini” ngowe-1981. UMazibuko uthi imeneja yabo ngaleso sikhathi kwakunguMnu u-Alfred Nokwe wodumo lokulingisa emdlalweni efana Nefa LakwaMthethwa. Behambisana neJuluka eyayiholwa uJohny Clegg, uthi bafika bashisa izikhotha emadolobheni eCologne, eHamburg naseFrankfurt. “Kwakuthi asizincinze nathi ngoba sasicabanga ukuthi siyaphupha nakhu sibona abamhlophe bethakasela umculo wabantu abacula isiZulu.

Ngoba sibona ukuthi siyathandwa eGermany saphoqeleka ukuthi siqambe nengoma ngolwimi lwabo eyayithi “Wir Grussen Euch Alle” ehumusheka ngokuthi “We Greet You All”. UMazibuko uthi ukushaya into ecokeme phesheya kwezilwandle kwabawelisa ngelibanzi kangangoba bazitholela netoho lokuvela esikhangisweni sikabhontshisi owehla esiphundu kuthelevishini yaseGermany. “UPaul Simon usithola eNingizimu Afrika nje ematasa nokuhlanganisa uchungechunge lohambo lwe-albhamu iGraceland lapho ayefuna abaculi base-Afrika ngowe-1985, wayesevele ezwile ngezimanga esazigila phesheya. Naye-ke waba nesandla ekukhuliseni umculo wethu wasabalala umhlaba wonke ngokuhlanganyela engomeni ethi “Homeless” esayenza estudiyo sodumo eLondon i-Abbey Road Studio. Inoni i“Diamonds on the Soles of Her Shoes” saliqophela eNew York. Ukuvela ohlelweni iSaturday Night Live, eyayihamba phambili ngaleso sikhathi ibukelwa izigidi ezingama-60 zabantu, kwasikhangisa kubantu base-USA,” kukhumbula uMazibuko ngesikhathi elandisa iSAFM ese-USA.

Uthi umholi waMambazo osanda kudlula emhlabeni, uMshengu, wetha uSimon igama ukuthi uVulindlela ngoba wabangenisa ezindaweni lapho babengaphuphi ukuthi bayonyathela kuzona kwazise babengabafokazana basemakhaya eMnambithi. Besebenza noSimon noRay Phiri, uHugh Masekela, uMiriam Makeba, u-Isaac Mtshali noBakithi Khumalo. UMazibuko uthi kwakungathi kufakazeleka isiphrofetho sabazali bakaMshengu abamqamba ukuthi uBhekizizwe njengoba base bevakashela amazwe ngamazwe omhlaba. Phakathi kwezinto uMazibuko athi uyozikhumbula ngomholi wabo ukungachemi ngokwezepolitiki nokuhlale egqugquzela ukuthula. “Waqamba ingoma eyayithi “Abezizwe Angeke Bayiqede” ngowe-1994 evela ku- albhamu ethi “Liphi Iqiniso” ngesikhathi sekudamba izimpi zepolitiki. Esekhuza ukucwasana ngokobuhlanga kubantu bakithi waqamba ingoma eyayithi “One Blood” sihlangene noMbongeni Ngema.

See Also

Yayinezinhlamvu ezithi “Venda, Venda, singamaVenda, Shangane, Shangane, singamaShangane”. UDonga LukaMavuso, uGalaji Omasondosondo, Mbil’obomvana kaMahulula wayenekhono lokuhlanganisa into ongacabangi ukuthi ingahlangana!!,” kusho uMazibuko kucaca ukuthi uvukwa usinga. Uthi ngeke akhohlwe ngesikhathi bemanqika ukuyorekhoda estudiyo ngoba babenenkolelo yokuthi amamicrophone namaheadset ayezontshontsha amaphimbo abo amtoti. Ubonge owayengumsakazi weRadio Bantu osekuwuKhozi FM namhlanje, u-Alexius Buthelezi, ngokubadumisa ohlelweni lwesicathamiya uCothoza Mfana. Uthe nguye uButhelezi owabahlanganisa noWest Nkosi owayedlala umtshingo nesaxophone owayecula neqembu iMakgona Tsohle Band elalilekelela uMahlathini naMahhotela Queens.

Uthi i-albhamu “Amabutho” yadayisa ubuthaphuthaphu ngenxa yobumnandi bezingoma ezaziqukethwe kuyo. Yize bekuyihambela kahle iMambazo emculweni, uMshengu uke wabhekana nobunzima. Washonelwa umkakhe wokuqala uNellie Shabalala owayengumholi weWomen of Mambazo ngowezi-2002. Ngaphambi kwalokho wayeshonelwe umfowabo uHeadman ngowe-1991 noBen ngowezi-2004 ayecula nabo. Ngokusho kukaMazibuko, okwenze uMshengu angadikibali ukuthi wayeqinile okholweni njengoba wayenguMfundisi ogcotshiwe eThe Church of God of Prophecy in South Africa. UMshengu uzofihlwa kusasa e-AG Magubane Stadium, eSteadville, eMnambithi. Kuleli sonto kudalulwe ukuthi uzofihlwa ngokuhlonishwa ngohlelo lukaHulumeni.

Scroll To Top