Now Reading
Umzuliswano wokuqala uthathwe ngezibovu, yaguqa iNdlu…
Dark Light

Umzuliswano wokuqala uthathwe ngezibovu, yaguqa iNdlu…

Okokuqala ngqa emlandweni waseNingizimu Afrika ukuvulwa kwePhalamende kumisiwe. Lokhu kulandela ukujikijelana ngamazwi okuthathe ihora lonke phakathi kwamalungu e-Economic Freedom Fighters (EFF), uSomlomo kanye namanye amaqembu aphikisayo. Indaba iqale ngokuthi abe-EFF babuze ubuhlakani bokuthi lowo owayenguMengameli wokugcina kaHulumeni wobandlululo uMnu uDe Klerk amenywe ePhalamande nangalolu suku lwenkulumongqangi. Lo mbuzo obuqhamuka kuMengameli we-EFF uMhlonishwa uMalema uhlukanise iNdlu nezwe phakathi njengoba ezinkundleni zokuxhumana abantu bebehlukene phakathi. UMhlonishwa uZizi Kodwa we-African National Congress (ANC) nobekhuluma njengelungu leKhabhinethi uthe konke okwenzekile bekuhleliwe ngabantu ababenenhloso yokumisa ukuhlala kwePhalamende. Uthe iqhingasu bekuwukuhhahhameza uMhlonishwa uGordhan.

USomlomo uMhlonishwa uThandi Modise wenze obekungalindelekile njengoba engawabizanga amaphoyisa okokuqala njengoba ayenza loyo owayenguSomlomo uMhlonishwa uMbethe. Okhulumela i-Inkatha Freedom Party (IFP) uMhlonishwa uMkhuleko Hlengwa uthe okwenzekile kube yichilo kuphuce abantu baseNingizimu Afrika ithuba lokulalela uMengameli. La magama aphindwe ngabeDemocratic Alliance. Ithe ingaguqa iNdlu amalungu ePhalamende acelwa ukuba ake aphume imizuzwana. Kuthe angabuya umholi we-EFF wazibiza ezakhe ukuba ziphume washiya angalazi ku-ANC noMengameli nathe kabasale no“mbulali” uDe Klerk. Baqhubekile abe-EFF nokucula.

See Also

Amalungu abesele awathandanga okwenziwe nguSomlomo kokuthi angabakhiphi ngaphandle labo abebe phazamisa ukuhlala kweNdlu. Wonke avumelene ukuthi kuyomele uSomlomo ababeke amacala okuphazamisa ngoba abakwenzile bekuhleliwe kuwubu‘gebengu obuhleliwe’. Yize uMengameli uZuma ubephazanyiswa eminyakeni eyedlule, bekuqala ukuthi liguqe.

Scroll To Top