Now Reading
Iyanqaphaza iDA ngemali yomcimbi oKhahlamba
Dark Light

Iyanqaphaza iDA ngemali yomcimbi oKhahlamba

Uzalelwe yinja endlini uMasipala uKhahlamba (eBergville), ngaphansi kwesifunda uThukela, enyakatho ntshonalanga yeKwaZulu-Natal. IDemocratic Alliance (DA) kulo Masipala, ithi uMkhandlu olawulwa yi-African National Congress (ANC), usugunyaze ukuthi kukhokhelwe inkampani iDrakensberg Productions (PTY) LTD, imali eyizigidi eziyisi-R6,5. Kuthiwa le mali ngeyomcimbi wokungcebeleka owawungoZibandlela nyakenye, eBergville. Le nkampani kuthiwa yiyona eyahlela lo mcimbi owadonsa izinkumbi zabantu. KuMasipala uKhahlamba ngomhla zingama-30 kuMasingana kulo nyaka, bekunomhlangano woMkhandlu owethanyelwa yiwona wonke amakhansela. Ilapho-ke uSomlomo kaMasipala, uMnu uS’thembiso Zulu, amemezela ukuthi uMasipala udedela imali eyizigidi eziyisi-R6,5 uyikhokhela iDrakensberg Productions, eyahlela umcimbi “womjuxuzo” ngoZibandlela. IDA ithi lo mcimbi awuzange ugunyazwe nguMkhandlu kaMasipala uKhahlamba, ngaphambi kokuba ube khona. Ithi kwakungumcimbi ohlelwe nguMnyango Wezomnotho, Ezokuvakasha Nokugcinwa Kwemvelo eKZN, kodwa wenzelwa eBergville ngaphansi kukaMasipala uKhahlamba.

IKhansela uThys van Rensburg weDA, uthi ayikho inkontileka uMasipala owayisayina neDrakensberg Productions, kodwa ababa nenkontileka nale nkampani nguMnyango. “Iyaxaka le nto. Uma uMnyango wafaka imali kuMasipala uKhahlamba wokwenza lo mcimbi, wawungayithumeli ngani ngqo kule nkampani? Akukho okwasayinwa nguMasipala nale nkampani yezokungcebeleka ngoba sasiyokwazi ngakho njengoMkhandlu kaMasipala. SiyiDA sikhona kuMkhandlu kaMasipala uKhahlamba. Okunye esifuna ukukwazi, ukuthi kwenzekani ngemali eyatholakala ngokuthengiswa kwamathikithi alo mcimbi wokungcebeleka,” kubuza uMnu uVan Rensburg. Uthe emhlanganweni wangomhla zingama-30, iDA yenqaba ukweseka isiphakamiso sokukhokhwa kwale mali. “Sesivivela ukuya eHhovisini loMvikeli WoMphakathi naseHhovisini likaMcwaningimabhuku Omkhulu, ukuze kuphenywe ngalo mkhonyovu. Angeke abakhokhintela bakhokhe imali ngento engabasizanga bonke abantu basoKhahlamba,” kusho iDA.

UMnu uNathi Olifant, okhulumela uMnyango WezokuThuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha, Nokugcinwa Kwemvelo KwaZulu-Natal, uthi basithola isicelo sokuthi baxhase lo mcimbi kodwa basichitha. “Asikho isivumelwano esafinyelela kuso neDrakensberg Productions (PTY) LTD sokuxhasa loya mcimbi. Sikhona isicelo esafinyelela emaHhovisi ethu becela ukuxhaswa kodwa kwaba nemibandela ethile abangayifezanga. Ngakho siyaziqhelelanisa nokuthi yithina okufanele sikhokhele loya mcimbi, ngoba sasingeyona ingxenye yawo,” kuchaza uMnu u-Olifant. Liqhubekile elaboHlanga lathungatha uMnu uSipho Ndaba, onguMqondisi weDrakansberg Productions (PTY) LTD ngenhloso yokuthi acacise ukuthi bajutshwa ngubani ukwenza lo mcimbi, osekuyinkombankombane ukuwukhokhela. Ucingo lukaMnu uNdaba belucishiwe sashiya umyalezo. Siphinde samthumelela ubhalonyazi kodwa kwafana nokuthi sithela amanzi emhlane wedada.

Scroll To Top