Now Reading
IFast Eagles isizinda seBanyana
Dark Light

IFast Eagles isizinda seBanyana

Ukuba ngumphathi weqembu lebhola kuyinto ongeke ulale uyicabangile uvuke usuyiyona. Uma ufisa ukwakha iqembu udinga isikhathi nabantu abalwaziyo usizi lwangaphakathi enkundleni nangaphandle labo ababizwa ngezinkakha. Okukhulu kakhulu, iqiniso lithi ukuphatha iqembu kuyayidinga imali ukuze kufezeke izimfuno zabadlali. Baningi abantu ababethi bavula amaqembu bese beyahluleka endleleni. Kuligi yakuleli ebizwa ngokuthi i-ABC Motsepe League, kuba inhlanhla kuphele isizini kungekho okubhalwe emaphephandabeni okuthi iqembu elithize liyadayisa ngenxa yokuthi abaphathi bayehluleka ngenxa yokuthi kumba eqolo ukuphatha iqembu. Iqembu eligijima kuligi ebizwa ngeWomen’s National League Sasol, iDurban Ladies FC, nonyaka ligubha iminyaka engama-30 lasungulwa. Yasungulwa ngonyaka we-1990, yaqala ibizwa ngo-Umlazi Fast Eagles kwazise phela ingeyaseMlaza. Ngonyaka we-1997 yaguquka yabizwa nga-AmaZulu Ladies FC. Kuthe ngowezi-2000 yabe isibizwa ngayo iDurban Ladies FC namanje esabizwa ngayo.

Okuyinto enhle kakhulu ngaleli qembu ukuthi umphathi walo ungowesifazane, igama lakhe okunguMary-Jane Sokhela. IBAYEDE ibe nengxoxo ekhethekile noMary-Jane lapho ibimbuza ngesizathu esamenza ukuthi aqale leli qembu, izinkinga aseke ahlangabezana nazo, abadlali asebakhiqizile nokunye. “Mina kade ngaba ngumlandeli webhola. Ngakhula ngilandela iqembu i-Orlando Pirates. Kodwa ngaphandle kokuba ngumlandeli nje webhola, ngangihlezi ngizibandakanya kwezemidlalo esikoleni ikakhulukazi kujavelin neshot put. Engakuqaphela ukuthi njalo uma izikole zivaliwe amantombazane ayengenakho azokwenza agcine esehlala emgwaqeni enza izinto eziphambene nomthetho. Ngonyaka we-1990 mina nodadewethu uSimangele Kubheka saqala iqembu lebhola saletha ngegama elithi Umlazi Fast Eagles. Ngabona ukuthi abantu bayalithanda ibhola inkinga ukuthi akekho obahlelayo.

See Also

Ngenkathi ngiqala leli qembu lalingekho elabesifazane boHlanga. Amaqembu abesifazane ayemane, amathathu awabadeshi elilodwa kube ngelamaKhaladi. Sonke sasidlala ngaphansi kweSouthern Natal. Yonke into yayijabulisa ngenkathi siqala ukubamba iqhaza kuligi. Okwakujabulisa kakhulu ukuthi sasidlala kuyo iligi ngisho kuthiwa siphuma elokishini izinsiza singenazo. La maqembu sasiwathwalisa kanzima yize sibasha. Konke kwaqala ukuqhakaza ngonyaka we-1993. Ngalowo nyaka iSouthern Natal yangicela ukuba ngiyoba ngumphathi weqembu esikwatini sesifundazwe.

Ngaphinde futhi nganqoba indondo yokuba ngumphathi ovelele ngesikhathi kusaphethe uFran Hilton-Smith kuSouth African Women’s Football Association (SAWFA). Lokhu kwakungaphambi kokuba ibhola labesifazane lifakwe ngaphansi kweSouth African Football Association (SAFA). Kusuka lapho ngaqokwa njengeSekela Meneja kuBanyana Banyana isabizwa ngeSoweto Ladies,” kusho uMary-Jane onguthisha eSibusisiwe High School eMbumbulu. Uqhuba athi: “UMike Makaab owayeyiMenenja ya-AmaZulu FC wayehlezi esibuka sijima wabe esecela ukuba azihlanganise nathi, ilapho esaqala ukuqamba khona iqembu ngokuthi-AmaZulu Ladies. Emveni.

Scroll To Top