Isinqumo esingahle siguqule isimiso sikaZulu noHulumeni


Akusekho ukujikela emuva. Ukuzazelana kohlaka loBukhosi bukaZulu, Ingonyama Trust (emelwe yi-Ingonyama Trust Board) uHulumeni kanye nezinye izinhlangano ezingekho ngaphansi kukaHulumeni selufi ke kuvuthondaba. Yize uBukhosi noHulumeni bebuzama ukubibiyela lolu daba, leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi ukungqubuzana ngeke kusagwemeka. Lokhu kufakazelwe yiziwombe ezimbili ezenzeke kuleli sonto. Esokuqala kube wumhlangano obuseThekwini lapho abe- ITB bebelinde isethulo ebesizokwenziwa nguDkt uVuyo Mahlathi nethimba lakhe nokungenzekanga njengoba bekuhleliwe. Okwesibili kube yisinqumo sikaMehluleli Omkhulu KwaZulu-Natal, uMehluleli u-Achmat Jappie nonqume ukuthi icala obekumele lingene namuhla (ngoLwesihlanu) alingabe lisahlala futhi uma liqhubeka lingalalelwa nguMehluleli oyedwa kepha kube yibhentshi. Isinqumo sikaMehluleli uJappie sithukuthelise labo abebemangalele i-ITB okuwumkhandlu ogqugquzela uMthethosisekelo wezwe iCouncil for the Advancement of the South African Constitution (Casac). Ekhuluma nabezindaba uMphathi Omkhulu weCasac, uMnu uLawson Naidoo uthe:
“Kungani nilinde kuze kube sekugcineni ukuba nimemezele lokhu kanti udaba lwalalelwa ezinyangeni eziningi ezedlule? Asikuqondi lokhu, okungenani, besingalindela ukuba sanikezwa ithuba lokuba simeleleke ngaphambi kokuthathwa kwesinqumo,” kusho uNaidoo.
Umhlangano nethimba likaDkt uMahlathi bekungomqoka njengoba ngoNtulikazi leli thimba, njengokujutshwa nguHulumeni, lakhipha umbiko othinta ngqo isimiso soBukhosi okuyi-ITB. Phakathi kweziphakamiso kwaba wukuthi lolu hlaka aluhlakazwe noma luchitshiyelwe. Okwaba yinkinga kakhulu kwabanye ikakhulukazi labo abazwelana ne-ITB wukuthi lo mbiko uyefana nowethimba likaMotlanthe nalo elasho okufanayo. Okwesibili bakhala ngokuthi kwenzeka kanjani ukuthi ithimba likaMengameli lithathe isinqumo nge-ITB lingakaze lixhumane nabathintekayo. Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi uDkt uMahlathi okunguye owacela umhlangano ufi ke yedwa bengekho laba ayebhala nabo umbiko nokumangaze abebekhona. Kulo mhlangano uDkt uMahlathi ufi ke zimile ezakwaZulu kwazise kade zabe zimlubalubela.
Enye yezinhlangano ehambisana neCASAC eNkantolo iRural Women’s Movement (RWM) ethi ilwela abesifazane basemakhaya. Lezi zinhlangano zifuna iNkantolo iphoqe iNgonyama Trust ukuthi ingenzi abantu iziqashi kodwa babe ngabanikazi bomhlaba.
Kukhona namalungu omphakathi abeyingxenye yabamangali abenze izitatimende ezifungelwe ekhahlela iNgonyama Trust . Lokhu bakwenza bengabodwana njengoba beyingxenye yalesi simangalo.
Bafuna kushicilelwe emaphepheni nasemisakazweni yesiZulu, iNgonyama Trust iziqhelelanise nokukhokhisa abantu intela yomhlaba. Inqunyelwe ugwayi katiki wokuthi lokhu kufanele kwenziwe kabili ngesonto emisakazweni sasemaphepheni, esikhathini esiyizinyanga ezimbili. Bathi isimemezelo sifakwe naseHhovisi leNgonyama Trust sigqame, sihlale izinsuku ezinhlanu. Ngokwabo kufanele sisatshalaliswe nasemasontweni, ezinkantolo zaMakhosi, nasezinhlanganweni zomphakathi eKZN ezaziwa yiBhodi noma ezikhethwe ngabammeli babamangali.
Bathi iBhodi lenze umbiko ngencwadi efungelwe ichazele iNkantolo ukuthi liyifezile yonke imigomo ebekwe yiNkantolo esinqumeni sayo. Liphinde linikeze bonke abafake izicelo zokuhlaliswa amaPTO, liphinde licime zonke izivumelwano zokuthenga sakuqasha (amalizi) elike lazenza, libonisane noNgqonqgoshe kaZwelonke noMphathiswa wesifundazwe. Liphinde libonisane noNgqongqoshe kaZwelonke nowesifundazwe mayelana nezinyathelo zokwamukelwa kwamaPTO uma evuselelwa. Ebese libuyisela izimali kubo bonke abese bekhokhe izimali zamalizi.
I-Ingonyama Trust iyaziphendulela
- Okwakumele babe ngabamangalelwa kodwa bashiywa ngaphandle.
UNgqongqoshe Wezolimo kaHulumeni wakwaZulu ngenxa yokuthi isishicilelo sezomthetho olawula ezomhlaba owaphasiswa uHulumeni waKwaZulu, wachibiyela wedlulisela amandla okunikezelwa kwamaPTO kuNgqongqoshe wesifundazwe. IBhodi likubona lokhu njengesenzo esiphambene nomthetho.
UMkhandlu waMakhosi kanye naMakhosi iziqu zawo ngenxa yokuthi abhekelele ukwabiwa kwemihlaba futhi anikeza iBhodi leNgonyama amandla athe xaxa mayelana nokwabiwa komhlaba.
IziNdlu zezifunda zoBuholi boMdabu ngenxa yokuthi isishicilelo sezomthetho olawula ezomhlaba owaphasiswa nguHulumeni waKwaZulu, sinikeza amandla athile uNdunankulu mayelana nezomhlaba. Ukwehluleka kwabamangali ukulandela inqubo esemthethweni. ISigaba 49 soBuholi boMdabu nokuphatha eKZN (KwaZulu-Natal Leadership and Governance Act 2005), kanye neSigaba 21 soMthetho woBuholi boMdabu ochitshiyelwe (Traditional Leadership and Government Act 2003 as amended). Yomibili le mithetho icacisa ngezindlela zokuxazulula lapho kungekho ukubona ngaso linye mayelana nemithetho yomdabu. Ihambisana nemitheshwana ngaphansi kwesigaba ngaphansi koMthetho Wezokuphatha (ITB Administration/Regulations 25). Le mitheshwana ilawula ukuthi ngaphambi kokuthi kungenwe ezinkantolo kumele udaba luyiswe kubaxazululi kuqala.
- Basheshe bendlala intombi ingakafiki, isimangalo asinaso isisekelo esibambekayo nesimiselwe emthethweni.
Nakuba ummangali wokuqala enabe kakhulu ngamalungelo abantu ngamaPTO ayahlukunyezwa kodwa ahlulekile ukukhombisa ngisho noyedwa walaba bantu onesikhalo sabo ngokwencwadi efungelwe.
Ofake incwadi efungelwe uMnu uNaidoo ohlala eKapa ubufakazi bakhe obusekelwe yincwadi efungelwe kaSolwazi uThandabantu Nhlapho. Ingqikithi yayo ithi uyinjulabuchopho yezomthetho wesintu nesizwe saKwaZulu. Kwabafake isicelo sasenkantolo akukho noyedwa othi wafaka isicelo sePTO kodwa sanqatshwa. Kunalokho kwaphoqeleka ukuthi athathe ilizi.
IBhodi leNgonyama liphinde lithi abafaki besicelo eNkantolo bageje umgodi, kwazise noma kungathiwa amaPTO awuhlelo olungcono kodwa iBhodi alikaze libe negunya lokukhipha amaPTO.
Uhlelo lwamalizi luwuhlelo lwezivumelwano ngaphandle kokusebenzisa impoqo. Phela lowo ophoqiwe ukusayina isivumelwano kumele ethule ubufakazi obuqonda enkantolo ukuze inkantolo isithole isivumelwano siyilokhu akushoyo. Uma kunjalo lokho kusuke kuthinta lowo ofake isicelo kuphela akakwazi ukukhulunyelwa ngabanye abantu abangeyona ingxenye yecala.
- Umsusa wohlelo lwamaPTO kwakungumthetho wokubandlulula ngokwebala futhi ucindezela aboHlanga ukuthi bangakwazi ukuthuthuka
AmaPTO alawulwa imithetho eyahlukene nezizathu ezahlukene kodwa abamangali bathi akusetshenziswe uMthetho owodwa owaphasiswa nguHulumeni waKwaZulu. Nakuba uHulumeni waKwaZulu wawungakabi bikho ngesikhathi lo mthetho uphasiswa
Lesi siphakamiso ngokweBhodi sibukela phansi uMthethosisekelo wezwe othi akumele kube khona obandlululwa ngokwebala nangezinye izizathu. Amalungelo anikezwa amaPTO antekenteke kunalawo aqukethwe ngamalizi noma amatayitela abizwa ngamadeed of grant, futhi amalungelo amaPTO asuke enikwe umuntu siqu sakhe ngakho-ke awafani namalungelo. Ngaleyo ndlela amalungelo amaPTO awakwazi
ukuba yisabelo-fa.
UMthetho olawula umhlaba owaphasiswa nguHulumeni waKwaZulu. IBhodi lowo mthetho unalezi zingqinamba ezilandelayo.
Ufaka izinkunzi eziningi esibayeni esisodwa ngala maphuzu alandelayo.
Kugunyaza uNgqongqoshe Wezomhlaba kuZwelonke ukuthi enze noma yini ngaphandle kwaMakhosi, iBhodi leNgonyama noma iSILO.
Uphinde unikeze uNdunankulu wesifundazwe amandla afanayo. Uyangqubuzana nomthetho weBhodi leNgonyama Trust.
Ubuyisela umhlaba wesizwe ngasinye ngaphansi kukaHulumeni, yikho iqhaza leNkosi noma lezinduna. NgokweBhodi leNgonyama Trust lo Mthetho awusebenzi emhlabeni weNgonyama.
Amalungu omphakathi ayingxenye yesimangalo
- UNkk uHletshelweni Lyna Nkosi oneminyaka engama-62. Oyilungu loMkhandlu eJozini
- UMnu. uBongani Zikhali- oneminyaka engama 67 waseJozini.
- UMnu uZakhele Malcom Nkwankwa oneminyaka engama-52 aseBhamshela.
- UNkk uBertina Mabuyakhulu oneminyaka engama-76 waseJozini.
- UNks uMabongi Gumede engama-51 waseJozini.
Phakathi kwezinto eziqhatha uHulumeni nezinhlaka zoBukhosi kuvamile ukuthi lokhu kudalwe ukwehlukana kabili ziqhathwe khona umthetho lapho olunye uhlaka selufuna ukugamanxa emigomweni wolunye. Lokho kuvama ukulanyulwa ngomthetho kaHulumeni obizwange-Inter Governmental Relations. Lo mthetho udala inkundla yokubonisana lapho izinhlaka ezingaboni ngaso linye zibonisana zingayanga ezinkantolo. Okunye okuqhathayo imizwa yepolitiki. Lapho kukhona ukungaboni ngaso linye ngenxa yepolitiki yamaqembu. Lokhu sekulibulele izwe.