Nakulokhu abafundi babhala bengaphelele


Ngaphandle kokuthi kubhalisa abafundi abacela esigidini onyakeni wokuqala wokufunda ezikoleni zakuleli kodwa kwamatikuletsheni kugcina sekubhala abalinganiselwa ezi-600 000 ngenxa yezimo ezahlukahlukene ezenza bangafi ki kuleli banga.
Kuyenzeka kube yizimo zasemakhaya ezigcina zibenze bashiya ukufunda, kokunye kube ukuthatha kude bagcine beshintshelwe kwezinye izikhungo. Okugqamile muva nje okwehlisa isibalo sabagcina befi nyelele kumatikuletsheni ukuqothana kwabafundi ezikoleni.
Njengoba kuleli sonto kuqaliwe ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka ezikoleni izigameko zokubulalana kwabafundi ezidla lubi zikucacisile ukuthi nakulokhu bayobhala bengaphelele. Kuze kube yimanje bangaphezulu kweshumi abafundi ababulawe ezikoleni ngesandla sabanye.
Ukuhlaselana kwabafundi ezikoleni kuze kuphume izidumbu akuyona into entsha, kodwa kulokhu izigameko zenzeke zilandelana okudale nokuphawula koMnyango Wezemfundo Eyisisekelo kwadala nokukhathazeka ezinhlanganweni zabazali nabafundi uqobo.
Esikhathini esiyisonto kuphangalale abafundi abahlanu ezweni ngesandla sabanye abafundi ngaphakathi emagcekeni esikole. Kunabafundi abayisithupha abasezibhedlela abasinde behlaselwa ngabanye ngesikhathi sesikole.
Imizamo yoMnyango Wezemfundo ezifundazweni nakuzwelonke yokunqanda lesi simo ibonakala ingasazweli njengoba kwezinye izigameko balimazana ngezinsizakufunda njengezikele njengoba bekhuthuzwa emasangweni njalo ekuseni ukuze bangangeni nezikhali. Izimpi zabafundi zangaphandle zigcina sezikapakele nasezikoleni. Kuqale ngeledlule kugwazwa umfundi esikoleni iThuso-Tiro Comprehensive okuqale kuwumdlalo kwagcina kuphume isidumbu kusetshenziswa isikele.
Kusabatshazwa lokho kubulewe abafundi ababili eMossel Bay eWestern Cape okukhona nowesifazane esigamekweni okusowla ukuthi sihlangene namaqembu ezigebengu.
Kuphinde kwahlaselana abafundi ngemimese esikoleni iSiphingo eReuiion oyedwa walimala kanzima. Esikoleni i-Eastwood eMgungundlovu kuboshwe abafundi ababili kuleli sonto kulandela ukugwaza omunye emagcekeni esikoleni kulandela ingxabano eqale ngaphandle.
Umbuzo omkhulu ngothi ngabe kumele abafundi abatholwa besemacaleni okubulala abanye bathathwe njengezibengu, banikwe izigwebo ezifanayo nezabanye futhi bangabe besavunyelwa ukubuyela ezikoleni ngoba basuke sebeyingozi nakwabanye abafundi?
Okhulumela uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uMnu u-Elijah Mhlanga uthi kuzona zonke izigameko zodlame ezikhipha zidumbu ezikoleni kusuke kuthinteka abafundi.
Lena sekuyinhlekelele yezwe lonke,akuseyona nje inkinga yoMnyango Wezemfundo kuphela. Kubonakala sengathi kunenkinga ekhona ecashile ngezingane zethu ezingabafana okudinga ukuthi sihlale phansi siyibangule siyisizwe ukuze kuliwe nalesi sihlava,” kusho uMhlanga.
Uthi ngendlela lezi zigameko ezenzeka ngayo sekunemibuzo eqhamukayo ethi ngabe abazali, othisha nomphakathi ngokubanzi bayehluleka yini ukulwa impi yodlame lwabafundi ezikoleni.
Ucwaningo olusanda kwenziwa olubizwa ngeNational School Violence Study olwaluhlanganisa abafundi abali-12 794 emabangeni aphansi naphezulu lwaveza ukuthi abafundi abangaphesenti abali-15.5 bayasazi isihluku sodlame lwasezikoleni.
Kulolu cwaningo kwakhulunywa nothishanhloko abangama-264 nothisha abangama-521. Kwavela ukuthi abafundi bakwazi kahle ukushaywa baphangwe ngabanye ngaphakathi emagcekeni ezikole.
Ucwaningo lwaveza ukuthi ukusetshenziswa kwezidakamizwa notshwala ezikoleni kunomthelela omkhulu odlameni lwezikole nokubulalana kwabafundi. Ngesikhathi kukhulunywa nabafundi bakuveza ukuthi kukhona abaphuza isidana emakilasini uma othisha besaphumile.
Ucwaningo olwenziwe lwaveza nokuthi lezi zigameko zinensila enkulu yokwenzeka emakhaya njengoba kwavela ukuthi abaningi udlame balubona emakhaya nokusetshenziswa kwezidakamizwa ngabazali nayizihlobo.
Ekukhulumeni nabazali nomphakathi ucwaningo lwaveza ukuthi bayaziqhelelanisa nezikole ngoba bekhala ngokuthi bathintwa ngoba sekonakele.
UMhlanga uthi lesi sihlava singaqedwa uma kuhlangana umphakathi ubambisane nezikole.