Now Reading
IGALOFU: Liyini futhi lasunguleka kanjani
Dark Light

IGALOFU: Liyini futhi lasunguleka kanjani

Igalofu lingomunye wemidlalo enesasasa emhlabeni jikelele. Lo mdlalo othandwa ngabantu abaningi emhlabeni wonke, awandile kwabengabadi. Yingakho leli phephandaba lizijube ukuloba ngalo mdlalo obukeka ngathi owomntakabani. Ngabe lo mdlalo uyini, udlalwa kanjani futhi usukaphi?

Liyini igalofu futhi lidlalwa kanjani? Igalofu lidlalwa ngokushaya ibhola elincance ngenhloso yokulifaka emgodini. Inkundla yegalofu iba nemigodi eli- 18 noma eyisi-9. Ngokujwayelekile emzuliswaneni kudlalwa imigodi eli-18. Nokho kuvumelekile nokudlala imigodi eyisi-9. Kusetshenziswa izinduku ezakhiwe ngensimbi noma okusansimbi, kuqala zazakhiwe ngokhuni lwekhethelo.

Umgodi akugcini ngokuthi kube yimbobo lapho kufakwa khona igalofu kodwa kuphinde kube yigama lebanga ukusuka lapho umdlali eqala khona ukulishaya kuze kuyofinyelela lapho elifaka emgodini. La mabanga yiwo asuke ebalwa, uma kuwukuthi imigodi ili-18 noma iyisi-9. Imigodi ayilingani ngokwamabanga. Emifushane kunayo yonke ibizwa ngomagalelothathu (par 3) okusho ukuthi umdlali ukalelwe ukuthi angalifaka emgodini ngamagalelo amathathu, elandelayo ngobude ibizwa ngomagalelone (par 4), okusho ukuthi umdlali angalifaka emgodini ngamagalelo amane. Owokugcina umagalelohlanu (par 5), onesikalo samagalelo amahlanu. Kula magalelo abekiwe akusho ukuthi umdlali akanakudlula noma adlale okungaphansi.

Okubalulekile wukuthi lowo ancintisana naye yena udlale amagalelo amangaki. Kulo mdlalo ukwehla kwamagalelo owashayayo uzama ukufaka ibhola emgodini kusho amathuba okudla umhlanganiso. Isibonelo: Uma ushaya amagalelo amathathu kodwa oncintisana naye eshaya amabili alifake emgodini, wuye odle umhlanganiso.

Umlando wegalofu

Umdlalo wegalofu unomlando owahlukene njengoba kukhona abathi waqala eChina abanye bathi waqala ngezikhathi zombuso wamaRoma. Ngokomlando osemthethweni, kuvunyelwana ngokuthi lo mdlalo waqala eScotland ngekhulunyaka le-15. Lokhu kwenzeka ngasekomkhulu i-Edinburgh, eScotland. Abadlali bokuqala begalofu babeshaya amatshana atholakala ezihlabathini zolwandle bazame ukuwafaka emigodini ababeyimbile.

Ngendlela lo mdlalo owaba nedumela ngayo wagcina usuvalwa nguKing James II. Lokhu kwadalwa wukuthi ngesikhathi iScotland kufanele izivikele esitheni sayo, kuneningi lezinsizwa ezazilibala wukudlala lo mdlalo esikhundleni sokufeza imisebenzi yazo yasembuthweni wempi.

Lo mdlalo wakhula kakhulu uma sewudlalwa nangabasebukhosini njengoKing James IV owaba yinkosi yokuqala ukudlala lo mdlalo. Igama likamsizi womdlali wegalofu elithi “caddie” lisukela kubantu ababesiza uQueen Mary of Scots owafika nalo mdlalo kumaFlentshi lapho ayenza khona izifundo zakhe. Wabe esizwa amathwasa asembuthweni wezempi ayebizwa ngelamacadet. Umdlalo wokuqala wamazwengamazwe waba ngonyaka we- 1682 lapho khona iDuke of York noGeorge Patterson ababemele iScotland behlula ababemele i-England.

See Also

Igalofu lamukelwa ngokusemthethweni njengomdlalo ngonyaka we-1744 ngesikhathi iGentlemen Golfers of Leith beqamba ikilabhu yokuqala ngqa futhi beqala nomncintiswano waminyaka yonke. Imithetho eyayisebenza lapho inomthelela omkhulu ekwakhiweni kwemithetho yegalofu kuze kube yinamhlanje.

Ngonyaka we-1552 kwahlonzwa iSt Andrews eScotland njengekhaya legalofu elisemthethweni, okunjalo kuze kube yinamuhla.

Lo mdlalo usabalale umhlaba wonke ngenxa yokudlondlobala kombuso wamakoloni wamaNgisi. Noma yikuphi lapho amaNgisi ayedla khona umbuso negalofu lalilandela.

Oshicilelweni olulandelayo ngizoloba ngomlando wegalofu kwelengabadi, ikakhulukazi kwabohlanga

Scroll To Top