Now Reading
Awukangeni ngokwanele owegalofu
Dark Light

Awukangeni ngokwanele owegalofu

NJENGOBA iNingizimu Afrika isihlanganise iminyaka engamashumi amabili nanhlanu yakhululeka, bekulindeleke ukuthi kubonakale amagxathu amakhulu athathwe abengabadi kwezemidlalo ezifana negalofu, kodwa akunjalo.

Umdlalo wegalofu uthandwa kakhulu abengabadi kodwa kubonakala kugqoza kakhulu ukuthuthuka kwabo ezingeni elikhokhelwayo.

UNgqongqoshe Wezemidlalo, ngoMandulo ngowe-1975 wamemezela ukususwa kwemingcele yebala emdlalweni okhokhelwayo wegalofu.

Abengabadi bagcwele kakhulu ezingeni lezimfundamakhwela. Ukuze ungene futhi uphumelele ezingeni elikhokhelwayo akwanele ukuba nesiphiwo kulomdlalo.

Kudingeka isikhathi nemali eningi. Abengabadi abanaso isikhathi sokuzilolongela igalofu ngenxa yokuthi iningi labo liphoqeleka ukuthi libe semsebenzini nsuku zonke ukuze ikati lingalali eziko.

Uma uzimisele ngokudlala ezingeni elikhokhelwayo kufanele uthole abaxhasi abangazogcina ngokukukhokhela izindleko zokuzilolonga nokuyodlala emincintiswaneni kodwa futhi kufanele bakuholele nyangazonke khona uzobhekana nezidingo zakho nomndeni. Loloxhaso lugqoza kakhulu kwabamnyama. Baningi abantu abamnyama abazithola behoxa ezingeni elikhokhelwayo ngenxa yokweswela imali. Ezingeni elikhokhelwayo igalofu lidlalwa magumbi womane ezwe nawomhlaba, okusho ukuthi kudingeka imali yokuhamba, indawo yokulala, ukudla nemali yokungenela imincintiswano.

KuSunshine Tour okuyiyo ehlela imiqhudelwano ezingeni elikhokhelwayo eNingizimu Afrika akukho noyedwa wengabadi ohlwini lwabadlali abali-100 abanezindondo eziningi.

Ngendlela isimo esisibi ngayo ayisabalwa-ke eyabesifazane. URebone Bella Modisha wuye kuphela umuntu wesifazane wengabadi oneziqu zeProfessional Golfer ezimvumela ukufundisa igalofu namanye amalungelo. UModisha lezi ziqu uzithole nyakenye. UModisha kumanje unohlelo lokufundiswa amantombazane igalofu e Alexandra, okuyindlela naye angena ngayo egalofini.

Njengamanje munye kuphela owesifazane woHlanga obonakala enekusasa eliqhakazile. UNobuhle Dlamini ongowaseSwazini uzihola phambili kuLadies Tour Order of Merit.

See Also

Ezikhulwini ezilawula imithetho yezimdlalo yegalofu uTheo Manyama ukuphela kwakhe okhona wengabadi. UManyama usuka kude nezingqinamba kwabengabadi egalofi ni. UManyama wadlala igalofu elikhokhelayo abengabadi bengakavunyelwa ukudlala nabamhlophe, futhi uxhaso lugqoza kakhulu.

U James Kamte oke waba yithemba labengabadi egalofi ni ubonakala engathembisi neze. Ngowezi- 2009 kwakunguye yedwa eminyakeni eminingi ukumela abengabadi kuMajor ngesikhathi ehluleka ukudlula emzuliswaneni wokuqala kuUS Open yangowezi- 2009. Okwenzeka kuKamte sekwaba yinsakavukela umchilo wesidwaba njengoba nabanye abadlali bengafi nyeleli emanqanabeni aphezulu badle umhlanganiso

Abengabadi sebakhelwe uhlelo lokunyukela ezingeni elikhokhelwayo ngokuthi kuqalwe iVusi Ngogeni Qualifying School. Lolu wuhlelo lapho abadlali beqhudelana khona izinsuku ezine.

Kubonakala kufanele osomabhizinisi bengabadi bazinuke amakhwapha nabo. Ohlwini lwezinkampani ezixhasa iSouth African Golf Development Board okuyiyo ethuthukisa igalofu kwaboHlanga, akukho neyodwa inkampani yamacaphunakusale owoHlanga.

Scroll To Top