Kuvele ukuthi usifumbu ubebona uqhaqhazela


Itshe ligaye ngomunye umhlathi kulokhu ngesikhathi uhlaka olumele omasipala kuleli iSouth African Local Government Association (SALGA) noMnyango Wezimboni ZikaHulumeni (Public Enterprise Department) bephenduke uteku ePhalamende kuleli sonto. Lokhu kwenzeke emhlanganweni weKomidi elibhekele ukusebenza kweziMali, iStanding Committee on Public Account (SCOPA).
Ngesikhathi lezi zinhlaka zenza isethulo kuleli Komidi kuvela ukuthi empeleni nabo bayingxenye yezinkinga ezikhungethe u-ESKOM ngenxa yesikweletu esikhonjwa komasipala naseminyango kaHulumeni.
UMnyango Wezimboni ZikaHulumeni, oholwa nguNgqongqoshe uPravin Gordhan kuvele ukuthi ukweleta u-ESKOM izigidi ezili-R13,2 kanti lesi sikweletu senyuka nsuku zaphuma. Khona lapho iminyango kaHulumeni eyahlukene ezifundazweni nakuzwelonke yona ikweleta u-ESKOM izigidigidi eziyisi-R9,2. Omasipala bona bakweleta izigidigidi ezingama-R36,5.
USihlalo weSALGA nobuye abe yiMeya kaMasipala iCapricon eLimpopo, uNkk Thembi Nkadimeng, uthi nabo babamba bayayeka ngoba imiphakathi ayikwazi futhi iyahluleka ukukhokhela ugesi. Kwabanye omasipala u-ESKOM ususabise ngokuthi uzocisha ugesi nokudala ingebhe njengoba kusondele izinsuku zamaholide okuphela konyaka.
USihlalo weSCOPA uMhlonishwa uMkhuleko Hlengwa uthe unovalo ngoba baningi abazodlela ukhisimuzi ebumnyameni.
“Abantu abangakhokhi, abacishelwe ugesi. Izinkampani ezingakhokhi ugesi azicishelwe kanjalo nomasipala. Aliqedwe leli siko nomkhuba wokungakhokheli ugesi,” kusho uHlengwa. Kwenzeka konke lokhu izinkampani ezingaphansi kukaKulumeni nazo zibamba ziyayeka, zicela ukutakulwa. UHulumeni zimkweleta izigidigidi ezingama-R454.
Umnotho uyazika nakulokhu Khona manjalo kuleli sonto ngokusho kweStatistics South Africa (Stats SA) emuva kokukhombisa ukuzinza umnotho waseNingizimu Afrika mhla uhleli ema-3,2% ngekota lesibili onyakeni wezi-2019 kubonakale sewehla futhi umnotho ngekota yesithathu. Ezezimayini, ezokukhiqiza kanye nezokuthutha yizona ezithande ukudonsela phansi umnotho waseNingizimu Afrika.
Ezokumbiwa phansi zehle ngama-6,1% ngenxa yokwehla kwemikhiqizo yamalahle nensimbi engaphekiwe. Igolide likhombise ukunyakaza okuhle ngekota yesithathu ngokusho kweMining: Production and Sales Release yangoMandulo wezi-2019.
Ukukhiqiza kwehla ngama-3,9% kepha ngokuba yimboni enkulu kunezokumbiwa phansi iqhaza lawo emnothweni lalilikhulu. Lokhu kwehla kwakudalwa ukwehla kokukhiqizwa kwemikhiqizo yensimbi engaphekiwe, insimbi elungisiwe kanye nemishini kanye nemikhiqizo ehlobene nophethroli, amakhemikhali kanye noplastiki. Kwavela ukukhula ekoteni yesithathu kokudla neziphuzo kanye nemikhiqizo yezokuthutha.
Imboni yezokuthutha, ezokugcina impahla kanye nezokuxhumana nayo izithole isithwele kanzima ngoba yona yehla ngama-5,4%. Lokhu kube ukwehla kwale mboni okukhulu kuwona wonke amakota kusukela ngowe-1993. Ukuhamba kancane komsebenzi wokuthwala impahla kanye nokuthwala abagibeli ikona okunciphise ukukhula kwalemboni kwikota yesithathu.
Ezolimo ziqhubekile nokungakhombisi ukuya phambili ngoba sekuyikota yesithathu zikhombisa ukuntengantenga. Okubi wukuthi kuvele ukukhiqiza okuncane kwezolimo zasensimini ezinjengommbila, ukolweni, imbewu kabhekilanga, ugwayi kanye nobhontshisi wesoya.
Imboni yezokwakha yahluleka ukuzikhipha emnothweni ontengantengayo yabhalisa ikota yayo yesihlanu elandelanayo ingakhombisi ukukhula okuhle komnotho wayo. Ukwehla kwabikwa ezintweni ezaziphathelene nezakhiwo zokuhlala kanye nalezo ekwakungezona ezokuhlala. Le mboni ifake izigidigidi ezili-R106 emalini yentela ekotweni yesithathu yangowezi-2019 okwakungaphansi kwesamba esiyizigidigidi ezili-R110 esaqoshwa ekoteni yesine yangowezi-2016.
IStats SA isanda kubika ukuthi ukutshalwa kwemali yomphakathi ezimpahleni ezinganyakazi njengezakhiwo, umhlaba kanye nemishini kwehle ngama-8,2% Phakathi konyaka wezi-2017 kanye nowezi-2018, ngenkathi imali yemisebenzi emisha yokwakha yehle ngama-11,3% esikhathini esifanayo.
Okwaba nomthelela omuhle noma okwakhombisa ukulekelela ukukhula komnotho ekoteni yesithathu kwaba ukuhweba, uHulumeni kanye nezezimali. Ukwanda okuhle kokuhweba ngezimoto kanye nokwanda kwemishini kuphakamise imboni yezohwebo ngama-2,6%. Ukunyuka kwezinga lokuqashwa kwezisebenzi ezikhungweni zombuso ezifundazweni nasezikhungweni zemfundo ephakeme kuqhubekele phambili imisibenzi kaHulumeni jikelele ngama-2,4%.
Lokhu kwehla komnotho wezwe kukubeka ngokucacile ukuthi kusazobanzima ukuthi abantu bakwazi ukukhokha isikweletu koMasipala kanti nabo oMasipala bazothwala kanzima ukukhokhela u-ESKOM ngoba neminyango izobe ithwele kanzima ngakwezomnotho okuzoyenza ingakwazi ukunika omasipala imali.