Now Reading
Ngabe ukhiye usavula noma sekungomunye umnyango?
Dark Light

Ngabe ukhiye usavula noma sekungomunye umnyango?

“Imfundo iwona khiye wekusasa eliqhakazile” lawa ngamazwi ahlezi enkenteza ezindlebeni zentsha yaseNingingizimu Afrika ngoba la mazwi ngamazwi asuke efike kubo esuka kubantu abadala noma esingathi ngabazali babo, abasuke sebekubonile konke okwasemhlabeni futhi babhekana nakho. Lamazwi asuke efana nomhlahlandlela noma nomphako wendlela entsheni kodwa esikhathini esiphila kuso ngathi lo mphako awusalingani nohambo elufanelwe luthathwe yintsha yaseNingizimu Afrika.

Osekungafihlwa noma okungakhulunyelwa phansi ngalesi simo sokungaqashwa noma sokungaqasheki kwentsha ukuthi lesi simo singahlasela zonke izinhlanga kodwa kwaboHlanga sihlasele kakhulu ngoba ngokomlando yibo ababecindezelwe kodwa futhi ngokwesibalo yibona abaningi kuleli lizwe okuchaza ukuthi isikhathi esiningi okubi kuzohlasela bona kuqala kunabanye ngisho beyiphethe imfundo. Emhlabeni jikelele iNingizimu Afrika ilona lizwe elihamba phambili uma kukhulunywa ngokungasebenzi kwentsha, kuthi i-Angola enama-56,10% thina silishiye ngama-2,10 okubeka ngokucacile ukuthi ezwekazini i-Afrika intsha ibhekene nenkinga enkulu futhi okuthi uma ingalungiswa ikusasa layo libe ntekenteke.

Izinga lokungasebenzi kwentsha eNingizimu Afrika lenyuke kakhulu laya kwama-58,20% kunyangantathu wesithathu ngowezi-2019 lisuka kwamaphesenti angama-56,4 esikhathini esedlulile, okunye okushaqisayo ukuthi intsha eneziqu ibalelwa kwangama-31,0% ayisebenzi kunyangantathu wokuqala konyaka wezi-2019 okungekho kuhle ngoba iziqu izona ezibukwa njengeziletha ikusasa elikhanyayo entsheni noma kwabantu ngoba bakhona nabadala abalungisa izifundo zabo esikhathini samanje ngenxa nabo yokufuna ikusasa eliqhakazile, kodwa uma liqhathaniswa nama-19,5% kunyangantathu wesine wezi-2018 kuvela ukukhula okubi okungama-11,4% lwentsha eneziqu kodwa engasebenzi eNingizimu Afrika okuchaza ukuthi intsha eningi izobhekana nokungasebenzi isikhathi eside. Nokufunda sekuqala ukungabi yinto intsha eyithandayo ngoba nabo abafundile amathuba emisebenzi abawatholi okungaba isizathu sokuthi sebefunde ngokweqile noma izinga lemfundo liphansi kakhulu kodwa okuvela kube yisithombe noma ngumbuzo kulaba abangafundile wukuthi sikuphi isidingo sokufunda uma vele bengeke basebenze. Lesi simo sokungasebenzi kwentsha siyanda kunokuba silawuleke noma sinciphe okugcizelela iphuzu lokuthi intsha eningi eNingizimu Afrika izogcina ingasebenzanga njengezifiso zayo mhla iqala ithatha uhambo lwemfundo yayo.

Le nkinga yentsha engasebenzi iphakela izinselelo ezinkulu zezenhlalo nezomnotho eNingizimu Afrika, okufakwa phakathi ubuphofu kanye nokungalingani ezweni. Mhla kubhekwa ubuphofu eNingizimu Afrika ngonyaka wezi-2015 kwavela ukuba ama-55,5% wabantu baphila ngaphansi kobuphofu okuveza ukuba uhhafu wezwe ubhekene nobuphofu okuyinto engabukeki kahle neze futhi okungase kube isithikamezi entsheni ngoba kudidisa indlela yabo yemfundo kakhulu.

Kunezizathu eziningi zokungasebenzi kwentsha esingabala kuzo:

Amazinga emfundo aphansi ngokujwayelekile okusho ukuthi intsha ezofuna imisebenzi ayifundile ngokwanele ukuthola imisebenzi ethize okuyenza isale dengwane.

Amaholo amancane avimbela abaqashi ekusebenziseni ilungelo labo lokuqasha abantu ngenani lapho bobabili umqashi nomqashwa bezovumelana ngazo

Imithetho evikela izsebenzi isiqine ngokweqile ngale ndlela yokuthi abaqashi bangakulangazeleli ukuqasha izisebenzi ikakhulukazi eziyintsha.

See Also

Isimo somnotho sezwe uma sintengantenga nezinkampani azikwazi ukuqasha abantu ngoba nazo ngokomnotho zisuke zingamile kahle

Lokhu kwanda kokungaqashwa kwentsha eNingizimu Afrika kudala inkinga enkulu ngoba intsha yezwe enawo amakhono kodwa engaqasheki igcina isilifulathele elaseNingizimu Afrika ngenxa yezizathu ezahlukene bagcina sebephuma beyosebenza kwamanye amazwe lapho iningi lezincithabuchopho zezwe liphuma ezweni liyofuna ukusebenza kwamanye amazwe ngenxa yokuntuleka kwamathuba emisebenzi, izimpi kanye nomnotho ontengantengayo. Lokhu kushiya izwe nabantu abangafundile okungayona into ebukekayo. Ukungaqashwa kwentsha kuholela ekutheni nayo intsha iphelelwe ugqozi lokufuna imisebenzi igcina isikhetha ukuzihlalela ekhaya enye iqonde ngqo ebugebengwini, lokhu kuvela ngokuthi izibalo zobugebengu zaseNingizimu Afrika zinyukile nakho okungabukwa njengokuthi ukungasebenzi kwentsha nakho kunawo umthelela kubugebengu.

Umbuzo oyohlala ukhona kwintsha uthi uma ungalitholi ithuba lomsebenzi oluqhamuka kHulumeni noma ezinkampanini ezizimele wena awuzenzeli ngani ithuba lomsebenzi.

Scroll To Top