Now Reading
UMandela waba ngumalamulela, nokho manje sekuyabhidlika
Dark Light

UMandela waba ngumalamulela, nokho manje sekuyabhidlika

Kukhona iqiniso eselithanda ukwamukelwa cishe yiwo wonke umuntu eNingizimu Afrika. Leli qiniso ngelokuthi njengezwe asehluke ngalutho, siyefana nje namanye amazwe ase-Afrika mhlawumbe nasemhlabeni. Leli qiniso liqhamuka emuva kweminyaka lapho abaholi bethu babesabalalisa iphupho lobunye bethi siyizwe eliyisimanga , elehlukile ikakhulukazi kunalawo amanye ase- Afrika.

Uma siqala sithola inkululeko akekho owayecabanga ukuthi kuleli kungaba nezibhelu ezithinta ubuzwe noma abokufika. Umnotho wethu ngeminyaka yokuqala wabe ukhonjwa kumaphesenti ayisithupha, abaholi bethu beyinoni kuzo zonke izingxenye zomhlaba ngenxa yokuba noguquko olwabe lungenakho ukuchitheka kwegazi. USobaba uMpilo Tutu waze wasiteketisa wathi njengeNingizimu Afrika siyizwe oluwuthingo lweNkosanaza esho khona belu ukuthi sibumbene simibalabala.

Umlingisi omqoka kulo mdlalo kwabe kunguMnu uMandela ongasekho nowaba nguMengameli wokuqala wedemokhrasi. UMandela nowahlala isikhathi esicela emashumini amathathu ejele wabe eyisithandwa sabacindezelwa, uphawulo lokuphokophela nasekulelweni okuyikho kanye nesikhuphekhuphe somzabalazo waboHlanga. Ukugqunywa kwakhe ejele kwaba ngundabamlonyeni emhlabeni jikelele nokuyinto eyamsebenzela yena neqembu lakhe kanye noHulumeni ezikhathini ezimqoka. Nokho njengoba impilo ihlale injalo ukujabula kwabanye kuba yisililo kwabanye.

Ngenkululeko abacindezeli nezizukulwane zabo bakhululeka kusuka kuHulumeni wabo. Nabu ubufakazi; ngesikhathi sikaFW de Kerk enguMengameli kusuka ngowe-1989 kuya kowe-1994 isikweletu sikaHulumeni sakhula sisuka ezigidigidini ezingama-R91.2 saye safika kwezingama-R237.

Ingxenye enkulu yalesi sikweletu yakhokhwa nguHulumeni owabe uholwa nguMandela ngoba abakwelwetwayo kabajiki ekufuneni isikweletu sabo. Ngenkululeko uHulumeni wobandlululo walaxaza isikweletu kuHulumeni wabantu, ngiyakholwa ukuthi nanamuhla sisakhokha. Enye inkululeko eyatholwa ngabacindezeli nezizukulwane zabo kwabo wukuphepha. Base belala obenyoni, amadodana abo ehlale ehamba ethunzini lokufa emingceleni ezama ukubhula umlilo womzabalazo waboHlanga owabe usha ubuhangungu. Kwanede kwathi ‘selibuyile’ bakwazi nokuphefumula. Ababe namabhizinisi baceba kakhulu kunakuqala ngoba umnotho (ezweni elabe linonswinyo) lwavuleleka yakwazi ukuyakazeka imali yabo. Konke lokhu kungeshiwo ngaboHlanga.

UMandela akagcinanga ngokuba ngumalamulela kepha wakwazi ukuba yichopho elachopha ingqakala yeNingizimu Afrika kwangathi akukaze kwenzeke lutho. Ingxenye ethize yakuthokozela lokhu yikho izwe elabe liyiqaqa ngenxa yenqubo yalo, kusuka ngowe-1994 laba yinoni. Umjikelezo kaMandela emazweni waba nomphumela ngoba basondela abatshala imali Nonkabimalanga onguDe Klerk naye wawela ngelibanzi, ubani nje ongachaza ukuthi yena wansondo usengathola indondo iNobel Peace noMandela kuthiwe ngoba waba yisishabasheki sokuthula? Iqiniso njengoba ngishilo engxenyeni yokuqala yalolu chungechunge, izinguquko kazilethwanga nguDe Klerk kwaba yingcindezi eyaholela ukuthi sibe nenkwatshu isandla sabacindezeli.

See Also

Kungayiphutha ukwahlule kabi uMandela ngakho konke ngoba ngimile ekutheni naye wayengenamandla okuvimba okwabe kwenzeka. Lokhu kufakazelwe wuguquko lwengqubomgomo kaHulumeni wakhe ngowe-1996, isuka kuRDP iya kuGEAR.

Umbiko wangesonto eledlule wabakwaStats SA usho ukuthi imizamo yokuthi elakuleli libe yizwe elibumbene iyashabalala, empeleni sinalokhu uMengameli uMbeki akubiza ngomunye unyaka njengezwe elinezizwe ezimbili, esabampofu nalabo abadla izambane likapondo.

Lena yingxenye yochungechunge lwamasonto amane ngomlamndo wepolitiki wakuleli . Lena yingxenye yesibili

Scroll To Top