Ziyanda izikhalo ngesimo sezikhungo zezempilo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kubukeka ithimba loZul’azayithole liyinyathele emsileni kubaphathi besibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlaza ngokushicilela udaba lwentombazanyana yase-Adams Mission ehlinzwe yashiywa ingathungiwe yaphinde yashonelwa wusana ngenxa yobudedengu besibhedlela.
Udaba lukaNks uThobeka Myeza elaboHlanga elibike ngalo ekhasini lokuqala beluhambisana nolunye lowesifazane onguZanele Madondo wasesigcemeni sakwa-S kuleli lokishi othi ngesikhathi ezobeletha kulesi sibhedlela odokotela bamthunga bavalela iqabelo ngaphakathi esibelethweni.
Ngesikhathi ithimba loZul’azayithole libuyela ePrince Mshiyeni ukuzolandelela lolu daba ekuqaleni kwesonto kusuke esinamathambo onogada besibhedlela belikhipha ngoshova belisola nangokuveza okwenzeka esibhedlela ngaphandle kokulandela imigudu efanele. Ngaphandle kodaba lukaNks uMyeza elaboHlanga belihambele lesi sibhedlela ngenhloso yokubheka indlela okuphathwa ngayo iziguli kulandela izikhalo ezigulini ngokulindiswa umlibe zijike zingasizakali. Akusona isibhedlela iPrince Mshiyeni ebesisisophile kodwa nezinye izikhungo zezempilo eThekwini namaphethelo.
Ngemuva kokushicilelwa kwalolu daba abaphathi besibhedlela bakhiphe umyalelo konogada besibhedlela ukuba bavimbe kwasani oluyizintatheli olungena ngaphakathi ngenhloso yokuzocoshela izindaba.
Empeleni elaboHlanga bese livele seliwuhoshile umoya wokuthi licushelwe umgoga njengoba nezokuphepha seziqinisiwe nasesangweni elingenela esibhedlela.
Kusukela ngoMsombuluko bonke abangena ngezimoto nabahamba ngezinyawo bayahlolwa kupeqululwe nezikhwama zabo kuthi abahamba ngezimoto kusetshenziswa umshini wokuhlola abakuphethe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi awucosheli lutho yini.
Ohamba ngemoto ufunwa izincwadi zokushayela zihlolwe ngomshini kanye nedisc. Lokho akubavimbanga oZul’azayithole ukwenza izindlela zokungena kulesi sibhedlela ngenhloso yokuthola ukuthi yini lena engaka esatshwa yizikhulu ukuba ivele njengoba isibhedlela kuyisikhungo somphakathi.
Lithe selingaphakathi lisenza umsebenzi walo ngokwehlukana njengoba umthwebuli ubesematasa nokuthwebula izithombe ngakolunye uhlangothi nombhali wodaba ematasa exoxisana neziguli ezinye zazo ebezizolanda imishanguzo kwavumbuka ishaqa lonogada elifike ladumela umthwebuli kwaba ububhudubhudu kubangiswana ngekhamera bagcina beyithathile ngesankahlu.
Akugcinanga lapho njengoba baphinde bamhudula bayomvalela endlini encane beyompheka ngemibuzo ngoba bethi kumele akhiphe uzakwabo ongumbhali wodaba ahamba naye. Umthwebuli uzamile ukumphika ethi uhamba yedwa bathi unamanga uzomkhipha. Abanye bebethi sekungokwesibili bembona kumakhamera ezothwebula izithombe kulesi sibhedlela.
Kuthe uma engamkhiphi uzakwabo bemyalela ukuba acishe zonke izithombe abesezithwebulile nokuholele ekutheni kugcine kucishwa nebezingahlangene nalolu daba.
Ngesikhathi umthwebuli ehlelwa yilo mshophi umbhali wodaba ubesematasa esaxoxa noMnu uMduduzi Sikhakhane waseManzimtoti obesamlandisa ngezinkinga iziguli ezibhekana nazo nsuku zonke kulesi sibhedlela.
Ingxoxo phakathi kukaMnu uSikhakhane nentatheli inqamuke isephakathi ngesikhathi kungena ucingo oluphuthumayo obeluvela kumthwebuli zithombe obemyalela ukuba aphume abaleke ngoba onogada besibhedlela abathukuthele baphume inqina bayithungatha isibhedlela sonke.
Nokuthi naye sebemlahlele ngaphandle kwesibhedlela. USikhakhane uthe bayajabula uma kukhona iphephandaba elizikhathazayo ngokulandelela ukuthi ngabe baphatheka kanjani ezibhedlelaa nasemitholampilo yakuleli ngoba iziguli zibhekene nolukhulu usizi lokunganakwa ngabahlengikazi nokuthi imitholampilo emini ehanjelwa ngaboHlanga yentula odokotela. “Ukungenelela kwenu kungenzeka kulethe umehluko ngoba kuzokwazi izwe ngokuhlukumezeka esikuthola ezibhedlela zethu kanye nasemitholampilo,” kusho uSikhakhane.
Uqhube wathi: “Abanye bethu abasuke bezolanda imishanguzo lapha eMshiyeni bayaphoqeleka ukuba balale emabhentshini ukuze babe ngabokuqala ngakusasa ngenxa yokuthi kuze kushaye isikhathi sokuvala esibhedlela bengasizakele ngenxa yobuningi babantu. Akukhathaleki noma ngabe ubuvuke ngovivi kuyenzeka kuze kuvalwe ungalutholile usizo,”
Omunye wemitholampilo ehanjelwe yithimba lezintatheli zaboHlanga oseKloof okuyindawo yabadla izambane likampondo kuwona izinto zihlelekile uma uqhathisa nemitholampilo yasezindaweni zaboHlanga.
Lo mtholampilo waseKloof uhanjelwa kwakhulu ngaboHlanga abaliqhamukisa ezindaweni ezahlukeke okubalwa kuzona abaseBothas Hill.Okuphawulekile khona ukuthi konke kuyashesha ukunakekelwa kwabasuke behambele khona.
Omunye weziguli okhulume nethimba lezintatheli zaboHlanga uMnu uMbeje ongathandanga ukudalula igama lakhe uthe uliqhamukisa eBothas Hill.
Ebuizwa ukuthi kungani engayanga emptholampilo wangakubo uthe uncamela ukuza kowaseKloof kunokuya ngakubo eBothas Hill.
“Emitholampilo wangakithi kuyabheda ngezinto eziningi okubalwa nokuthi abekho odokotela. Abahlengikazi bakhona abanaso nesineke sokunakekela iziguli. Futhi benza kancane. Lapha eKloof uthola udokotela ozokuxilonga. Okunye abahlengikazi balapha bayashesha, okwenza ogulayo asheshe agoduke. Lapha uyakwazi nokweqa emsebenzini ngoba usuke unesiqiniseko sokuthi uzoshesha ubuyele khona kuseyisikhathi. Ezindaweni zethu uvuka ngovivi kodwa uze ubuyele ekhaya sekushone nelanga, kwesinye isikhathi ubuyele emuva ungalutholile nosizo. Kwesinye isikhathi kuvele kuthiwe ayikho imishanguzo,” kusho uMbeje.
Uqhube wathi yize belahlekelwa ngenkulu imali begibela beza emtholampilo waseKloof kodwa kungcono kakhulu kunokuya emtholampilo ongezukuluthola khona usizo.
Njengoba aboHlanga bekhala kangaka ngemitholampilo nezibhedlela ezisezindaweni zabo kubalulekile umphakathi wazi ngamalungelo awo.
Phela ngokomthetho wonke umuntu unelungelo lokuthola ukuphila okukahle kanye nokufinyelela ekunakekelweni ngokwezempilo. UHulumeni wakuleli wazibophezela empilweni enhle nasekuphileni okuhle kuzo zonke izakhamuzi zakuleli.
Impilo enhle ibukwa njengento esemqoka neyilungelo elinqala lomuntu nenomnikelo ekukhuleni komuntu. Elakuleli liyahambisana nezibophezelo ezenziwa inhlangano yezizwe i-United Nations ngokusebenzisa iSustainable Development Goals (SDG) nalapho elakuleli lasayina khona.
Futhi abantu kumele abantu bazi ukuthi izibhedlela nemitholampilo kwehlukene ngokwamazinga okuletha izidingo kwezempilo.
Isibonelo isibhedlela iPrince Mshiyeni neWentworth zingena ngaphansi kwezinga lokuqala okusho ukuthi lesi isinyathelo sesithathu ekuhlinzekweni kwezempilo.
Izibhedlela ezikuleli zinga ngokuvamile zamukela iziguli ezithunyelwe umtholampilo nezithunyelwe isikhungo sekwelapha somphakathi bese zona zihlinzeka ukulekelela lezo zikhungo zempilo nemitholampilo njengokuqagula izifo, ukwelapha, ukunakekela, ukweluleka nokuvuselela.
Izinsizakalo zokwelapha zibandakanya ukuhlinza, ukubelethisa, nokwelapha ezabesifazane, umnyango weziguli nabalimele abelashwa bangalaliswa, imithi, ukwelapha abadala, abalimele kanye nophenyo lokwelapha ngemithi, ukwelapha abantwana, ukwelapha ingqondo ukwelapha abadalaabalimele kanye nophenyo lokwelapha ngemithi.
Ukunakekela okuningi kwenziwa ngodokotela kanye nabahlengikazi. Uma izinsizakalo ezidingakalayo zingenziwa esibhedlela sesifunda isiguli sidluiliselwa esibhedlela sesifundanda ukuze selashwe futhi kulawulwe okusigulisayo.