Izwekazi i-Afrika namathuba kubantu abasha



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umfundisi akahlonishwa kwelakubo kepha uhlonishwa ezizweni. Leli zwi lingamanye amazwi ajwayelekile kubantu nasezinkonzweni njengoba libukeka lifezeka ezigabeni eziningi ezahlukene zemplilo mihla namalanga. Ungafunga ukuthi isisho thizeni kanti lokhu kukhuluma kususelwa ezwini. Kubuhlungu futhi kuyadibukisa ukubona ukuthi aboHlanga nezwekazi i-Afrika izibukela phansi kanjani, lapho amazwe omhlaba wona afi sa ukuba sesimweni noma ethubeni lalo leli zwekazi esilibiza ikhaya thina; i-Afrika.
Kuyaye kuthiwe umuntu akakuboni ubuhle bendawo aze ayishiye leyo ndawo bese ezithola ekhumbula emuva noma eqhathanisa lapho esuka khona nalapho ezithola esekhona. Uma uke waba senhlanhleni yokuhamba amazwe omhlaba ipamaningi ugcina ulithakasela futhi azayo sifi sa ukugxila ekuvuleni abantu abasha ngamathuba akhona kwezomnotho ezwenikazi i-Afrika.
Iningi labantu abasha uma becabanga impilo engcono bacabaga amazwe aphesheya kwezilwandle ko-USA noma Entshonalanga ulihlola izwe i-Afrika noma iNingizimu Afrika uma uqhatahnisa izimo. Kula masonto ambalwa. Esikuzwa ezindabeni nesikubona komathelevishini kunomthelela omkhulu kulokho esikholelwa kukho.
Okufi ke kube yimpicabadala ukuthi uma uya kulamazwe aziwa njengonqoshishilizi kwezomnotho wona afuna ukungenisa e-Afrika. Thina sibheke khona abakhona babheke e-Afrika. Ngaphandle kwezinto eziningi abatshelwa zona nge-Afrika ezingezinhle kodwa bayalangazelela ukubona leli zwekazi eliyinzalabantu.
Kuvele kudume upotiyane uma abanikazi bezimboni ezinkulu kanye noHulumeni bamazwe omhlaba okuyibona abaveza isithombe esingesihle nge-Afrika kubantu kepha bona bafuna ubudlelwane bezomnotho ne-Afrika. Lesi senzo sikhombisa ngokusobala ukuthi lukhulu olukhona ezwenikazi i-Afrika; nokuyiyonanto esifi sa ukuyigcizelela kubafundi bephephandaba laboHlanga elivula abantu amehlo.
Yebo kuningi esisasilele ngakho emuva njengezwekazi uma usiqhathanisa namazwe ahamba phambili kwezomnotho. Khona lokho kusilela kwethu kusho amathuba.
Ebhizinisini nanoma iluphi uhlobo lwebhizinisi luyafi nyelela kuvothondaba lapho ukukhula kwalo kuphenduka umqansa nokuyisikhathi esisuke sifuna amasu amasha kubanikazi bebhizinisi. Amazwe amakhulu omhlaba asefi nyelele kuvothondaba emikhakheni eminingi kanti i-Afrika yona isakhula.
Kuyoba buhlungu uma isisho sabadala esithi ifa leziwula lidliwa izihlakaniphi singafezeka ngezwekazi i-Afrika ngoba abantu bakhona abasha bengaboni ukuthi izwe licebe kangakanani.
Omunye wabaholi baseNingizimu Afrika oke waba uMengameli wezwe; ubaba uThabo Mbeki waduma ngenkulumo yakhe enohlonze eyayinesihloko esithi “NgingumAfrika”- “I AM AN AFRICAN”.
Kuningi akubalula kule nkulumo yakhe ayethula ngonyaka yowe-1999 lapho kwakwethulwa khona umqingo oyinqubomgomo yeNIngizimu Afrika okaDlamini, uZizi! Umongo wayo kwakuwukuzigqaja ngobu-Afrika nokuveza ukuthi i-Afrika inothe kangakanani ngabantu bayo; indalo nokunye okuningi.
Sekuyisikhathi sokuthi abantu abasha bathathe izinkinga ze-Afrika baziphendule amathuba beze nezisimbululo zingaze zifi ke nabanye. Siyogcina sesizonda abantu bakwamanye amazwekazi omhlaba ngoba sithi basiphuca iqatha emlonyeni kepha sihleli sisonge izandla.
Okokuqala okumele umutntu omusha akwenze ukucubungulisisa futhi aphenye ukuthi i-Afrika yenzani futhi ibhekephi ikakhulukazi kwezomnotho. Lokho kujula ngokomqondo kuyokwenza ukuthi abantu abasha basungule amasu amasha azobhekana nezinkinga kanye namathuba akhona e-Afrika.
Lesi isikhathi sokuba nephupho le- Afrika, baningi abaqhamuka emazweni omhlaba asebejahe iphupho leMelika kepha ababuya khona bazokutshela ukuthi iphupho elikhulu le-USA elaziwa nge-American Dream ukujaha utalangu nje mtakababa. I-Afrika inephupho ngempela nelidinga abantu abasha.
Uma sibuka indima yezobuchwpheshe bama-compuyutha i-Afrika isasilele ngemuva kwamanye amazwe nokuyinto okumele isho amathuba kuthinina. Sidinga intsha ezozimisela ifunde igogode kwezobuchwephe ize iwelele kuwo la mazwe ahamba phambili bese ibuya nolwazi iluletha ekhaya.
Okwamanje ucwaningo luveza ukuthi i-Afrika ifaka nje iphecenti elilodwa-vo ekukhulisweni kolwazi lobuchwepheshe emhlabeni. Akukuningi esikusungulayo kulomkhakha; sibukeka nje singokhangezile nokuyinto okumele ishintshe.
I-Afrika nje kusamele ikhuphule izinga lokutholakala kwe-inthanethi ukuze leligebe linciphe. Umbuzo uthi; ngobani abazoletha ubuchwepheshe bokuxhuma i-Afrika kwi-Inthanethi.
Kungaze kusuke abantu emazweni aphesheya kwezilwandle thina silibele ukukwebhana ngemithonseyana engatheni emikhakheni ejwayelekile kodwa amathuba ebe evulelekile kweminye imikhakha na?