Now Reading
Izimpawu zesibindi nobuciko bekubuzwa kuGwala
Dark Light

Izimpawu zesibindi nobuciko bekubuzwa kuGwala

Mhlawumbe ngoba umuntu usadla ngoludala ngokobizo lokucoshela izindaba, angikuvumi ukuthi uma umuntu obesemehlweni omphakathi ingxenye enkulu yempilo yakhe edlula emhlabeni, kumele kulandwe ngemisebenzi yakhe emihle kuphela, kunyanyalatwe amabala enkambweni yakhe ukuze ukukhanya kwaphakade kumkhanyele.

Abanye baye bathi ngubu-Afrika bethu obusenza sihloniphe isidumbu, sigweme amazwi alumelayo ngosuke ebizelwe kweloyisemkhulu. Uhlanganaphi lo mthemelezo nokudlula emhlabeni ngeledlule kukaXolani Gwala, umsakazi obevelele ezinhlakeni zokusakaza kusukela oKhozini FM, iLotus FM, iP4, iSAFM, i-702 nakuthelevishini?

Kimina kuhlangana ngokuthi phezu kokuba uGwala abuthwa kamuva kakhulu kunami emkhakheni wokucoshela izindaba, ubeluhlobo lwentatheli obelulokhu lunika ithemba ngekusasa lalo msebenzi kule minyaka yokuzanyazanyiswa kwawo.

Namuhla sekunzima ukuqonda inqindi nesibhakela phakathi komsakazi oqhwanda ngemibuzo asuke ekhuluma naye ngenhloso yokuthola izimpendulo ezizokhanyisela isizwe, nalabo asebezichwaneke njengamashoshozela omshoshaphansi osobala wezinhlangothi eziqophisanayo kupolitiki yaseNingizimu Afrika.

UGwala ubenenhlonipho, okuyinto abanye abayibuka njengobuthakathaka emihleni lapho ukuba luhlaza, ukunganiki ithuba elenele obuzwayo ukuba abeke uhlangothi lwakhe nokungazilungiseleli ngokwenele sekwaba sengathi yiyona ndlela yobuntatheli.

Eminyakeni eminingi eyedlula ngake ngakhuza umhlola lapho omunye umsakazi oweyenedumela esiteshini ebesisetshenzelwa nguGwala, ayetholana phezulu ngamazwi nomunye owayengungqongqoshe owayengathandi ambize ngesiteketiso emoyeni sengathi babengabangane.

Ngibe nawo amathuba okumbonela eduze uGwala enza umsebenzi abewukhonze kakhulu lapho ebesuke engihloma ngemibuzo emsakazweni. Okokugcina, ubesebuyele khona ku-702, sixoxa ngeziphithiphithi zikaKhongolose KwaZulu-Natal.

Emuveni kweminyaka eminingi kangaka, indaba ebesivame ukuyikhumbula sihleke eyangowezi-2004. Lapho uGwala wayesingethe uhlelo lwethelevishini aduma ngalo kakhulu lwaluthi “Asikhulume – Let’s Talk” kwaSABC 1.

Lwalukhonzwe kakhulu ezweni lonke lolu hlelo lwengxoxo ngenxa yekhono likaGwala nxa epheka ngemibuzo izihambeli ezehlukene.

Ngalolo lusuku wayememe uDkt uMangosuthu Buthelezi, umholi we- IFP eyayisazikhotha amanxeba emveni kokwephucwa okokuqala iqatha lokuhola isifundazwe iKwaZulu-Natal esikhathini sedemokhrasi eNingizimu Afrika.

Njengoba kwakunokulindeleka, uShenge wayengeneme neze ngokwakwehlile okhethweni. Ukunengeka kwakhe kwabuye kwanezelelwa ngukumenywa kwami ukuzohlanganyela noGwala kuleyo ngxoxo eyayisakazwa bukhoma

Kulapho asebenzisa igama lika ‘ngqeqe’ ukungichaza.

Ngangikade ngilobe kwelinye lamaphephandaba esilungu ukuthi ukwehlulwa kwe-IFP kwakuyizinkomba zokushabalala kwephupho likaMntwana lokuba iqembu lakhe liphinde liphathe isifundazwe esilikhaya lalo.

Angikholwa ukuthi kulihaba ukuthi uShenge wayekhafula amalangabi ngalobo busuku.

See Also

Ngazibonela eduze isiphiwo sikaGwala sokukwazi ukusingatha ingxoxo ngenhlonipho enkulu kodwa futhi abuze konke ayefuna ukukubuza ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela noma ubudliwa bokukhuluma.

Ababukeli babengeke bazi ukuthi ingxoxo yayandulelwe yisixakaxaka ngalapho okwamukelwa khona izivakashi ezindlini zomsakazo eThekwini. Kwakunabalandeli be-IFP ababetheleke ukuzokweseka umholi wabo ngoba kwakungathi kwakube nenkulumo yokuthi ingxoxo yayizokwenzelwa phambi kwezethameli, njengoba kwakuke kwenzeke kwezinye izinhlelo. Akwehlanga kahle-ke ukuba bangakwazi ukwenyukela lapho okwakusakazelwa khona bukhoma, yize ubukhona babo emagcekeni kwakwanele “ukuzimazisa” umholi, owayengakudingi nokho.

Nangalelo langa, uGwala wawenza umsebenzi wakhe ngobunono nangokucophelela okuze kwaba sekugcineni aziwa ngakho.

Ekutshalweni endlini yakhe yokugcina ezintabeni zangakubo eMpendle ngempelasonto ngoGwala kucima isibani ukuqhubeka kokukhanya kwaso obekuletha ithemba lokuthi kulemihla yezindaba ezingezindaba zangempela, nezabacosheli bezindaba abambethe isikhumba semvu ngezinjongo zabo zangempela, zisekhona izintatheli zangoqobo.

Asinasizathu sokumbadaza senze sengathi uXolani Gwala ubeyilokhu abengeyikho. Imbodlomane kayiseyukubhodla embobweni wamagagasi omoya.

Okwekhethelo sikwemukiwe. Ukukhanya kwaphakade kumkhanyele.

Scroll To Top