UMboweni uphumele obala ngomnotho


Nyakenye ngelanga uMengameli uCyril Ramaphosa amemezela ngalo ukuthi uMnu uTito Mboweni nguyena uNgqongqoshe wezeziMali omusha eNingizimu Afrika, kwaduma amakhwela, imikikizo, kwashaywa namahlombe. Lokhu kwenziwa yilabo ababekhona uMatamela enza isimemezelo ePhalamende bebukela kumathelevishini nasezinkundleni zokuxhumana.
Lokhu kwakukhombisa injabulo nokuthi abantu banethemba lokuthi ungqongqoshe omusha uzoletha umahluko kwazise lona ngumnyango oyinsika nomongo wempilo yabantu lona ayenikwe wona. Izimakethe umhlaba wonke zimqaphela kakhulu umuntu ophathiswa uMnyango ezeziMali kunoma yiliphi izwe
UMboweni amava akhe, imfundo yakhe namazwe asewahambele umhlaba wonke amenze wangena khaxa emkhakheni wezomnotho njengoba eseke waba nanguMbusi weBhangengodla eminyakeni ephambili.
Uyaqhubeka uNgqongqoshe uMboweni ukukhombisa ukuba yingcweti emkhakheni wezomnotho. Akekho magange kuphela ekuhleleni isimo sezimali ezweni, kodwa nasekufukuleni umnotho jikelele.
Ngesikhathi ethula isabelomali saphakathi nonyaka ePhalamende, ngoLwesithathu unikeze abantu bakuleli nomhlaba wonke isithombe esiyiso ngesimo somnotho ezweni naleso izwe elisazoba kuso eminyakeni emithathu ezayo. Akazange elokhu ekhohlisa abantu, ebeka isithombe okungeyiso. Ushilo ukuthi ikati lisazolala eziko emindenini eminingi kuleli zwe.
UMboweni uthe ukungasingathwa ngendlela efanele kweziMboni zikaHulumeni, kumosha izigidi zemali. Uthe lokhu kuholela ekutheni uhulumeni anikeze lezi zimboni imali eyengeziwe singakapheli isabelomali ukuze ziqhubeke zisebenze. Uthe alukho uzinzo, azisimeme futhi azilethi nzuzo lezi ziMboni zikaHulumeni, esikhundleni salokho zixebula umkhome eHhovisini likaMgcinimafa.
Umbiko wesabelomali saphakathi nonyaka uveze ukuthi izisebenzi zikahulumeni ziyatotoswa njengoba ziholelwa imali eningi nengalingani nomsebenzi eziwenzayo. UMboweni uthe amaholo ezisebenzi zikahulumeni kufanele afakelwe izibuko.