Now Reading
Nanamuhla imihlaba yaMakhosi eyadliwa ayihlomulisi
Dark Light

Nanamuhla imihlaba yaMakhosi eyadliwa ayihlomulisi

Emazweni ase-Afrika umhlaba ngowaMakhosi. Yiwona aMakhosi abhekele abantu umhlaba. Imithetho eyashaywa ngesikhathi kuphethe umbuso wamaNgisi nangesikhathi sobandlululo yephuca aMakhosi umhlaba. Akekho umuntu ezindaweni lapho kuphethe khona aMakhosi ongagxumeka ixhokovane lakhe engabikanga enkosini.

Izimpi ezaziliwa ngaMakhosi nabantu abangaphansi kwawo zabe zisukela embangweni womhlaba. Kukhona izindawo ezicebile ngokomnotho kodwa uma ubhekisisa, ulandela nomlando lezo zindawo zisezindaweni okwakungezaMakhosi.

Umbumbi wesizwe samaZulu, iNgonyama uShaka kaSenzangakhona, ngesikhathi ehlasela izizwe, ezifaka ngaphansi kombuso kaZulu wayefuna umhlaba. Yikho ezibongweni zalo iLembe kuthiwa “Yinyathi ejame ngomkhonto phezu koMzimvubu. Nani maMpondo, nani boGambushe nani boFaku ningamthinti ukube nimthintile niyobe nithinte uPhunga nathinta uMageba.” Umkhakhaso walo iLembe wokubumba isizwe wawuhambisana nokuthola umhlaba.

Isizwe samaQadi (iNdlu yesithathu yakwaNgcobo) yisona ngokomlando esingabanikazi beTheku. Umbuzo uthi yini ezuzwa yisizwe samaQadi ezimbonini ezizungeze leli dolobha elikhulu.

Bukhona uBukhosi ngaphansi kukaMasipala weTheku obakwaCele, obakwaMakhanya, obaseMbo, obakwaXimba, obaseMangangeni, obakwaMaphumulo, obakwaNgcolosi, abaseMaphephetheni nobunye. Kunezimboni ezindaweni zala Makhosi. Khona manje kunecala elisenkantolo phakathi kwesizwe samaQadi esiholwa yiNkosi uMqoqi kaMzonjani Ngcobo nabalimi bakamoba kubangwa umhlaba oseNanda, ngasemathuneni eTafuleni.

AmaQadi anomhlaba naphesheya komfula uMngeni aze ayosikelana umngcele namaNganga (oShozi) entshonalanga nabaseMbo (iNdlu yeNkosi uPhoshane Mkhize), enhla nePinetown. NamaRoma anomhlaba eMarrianhill, endaweni eyayingaphansi kwamaNganga..

AmaQadi anomhlaba kwaMaphumulo esifundeni iLembe, nomunye futhi umhlaba eNcwadi, esifundeni uMgungundlovu.

Umhlaba wamaQadi waphangwa, wephucwa lesi sizwe kusetshenziswa inqubo yobukoloni. KwakuneJalimane elalingusomabhizinisi uMnu. uJonas Bergtheil, lalanda amanye amaJalimane eGermany, ukuthi azolima ukotini ngonyaka we-1848 emhlabeni okwakungowamaQadi.

UBergtheil wathenga indawo okwakungeyamaQadi, kuMbuso wamaNgisi, ngoba iNatali yabe isifakwe ngaphansi kwawo, isiyikoloni. Indawo yamaQadi phesheya komfula uMngeni yayisiphangwe ngamaNgisi.

Leyo ndawo eyathengwa nguBergtheil, phezu komfula uMvuzane, yaba ngamapulazi iClermont neKranskloof.

La maJalimane ayezotshala ukotini, ayesuka edolobheni iClermont, eGermany. Ipulazi iClermont lalilapho kune ‘skomplazi’ iClermont khona njengamanje. Umholi wamaQadi owayephethe ngaleso sikhathi ephucwa umhlaba kwakuyiNkosi uDabeka kaDube kaSilwane Ngcobo.

Umuzi weNkosi uDabeka kwakuseThembeni, lapho sekuyidolobha iPinetown khona njengamanje. Lowo muzi weNkosi uDabeka washiswa nguSir Benjamin Pine owayesanda kuhlasela neNkosi uLangalibalele kaMthimkhulu wesizwe samaHlubi, eMtshezi.

See Also

Sekushiswe isigodlo sayo iNkosi uDabeka yaphoqeleka ukutthi iyokwakha phezu komfula uMngeni, lapho sekunelokishi KwaDabeka khona njengamanje. Amapulazi kaBergtheil iClermont neKranskloof agcina esedayiselwe aboHlanga kusukela ngonyaka we-1931, bazenzela izitende.

Ngesikhathi sobandlululo aboHlanga babebhukuda eMgababa ogwini oluseningizimu yeTheku. Leya ndawo iphethwe yiNkosi uPhathisizwe kaMnganiwakhe Luthuli njengamanje. Isizwe samaThuli asitholi lutho emalini elethwa yizivakashi kusukela endulo. Manje sekukhulunywa indaba yokuthi kuzokhiqizwa uwoyela negesi kuleya ndawo ngoba ingenye yezindawo ezigudle ulwandle.

Zikhona izinkampani ezinjengoRichards Bay Minerals (RBM) ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal ezinezinhlelo ezibonakalayo zokusiza umphakathi owakhelene nayo. Kukhona imitholampilo, izikole nezinkulisa ezakhiwe yiRBM ezindaweni zaMakhosi akwaDube, akwaSokhulu, akwaMbuyazi, nakwaMkhwanazi.

AboHlanga babengafuni ukusebenza ezimobeni zabelungu. Yingakho ngoLwezi ngonyaka we-1860, kwalandwa amaNdiya e-India ukuthi azotshala futhi ahlahle umoba eNatali. AmaNdiya lana aqale ahlala ezinkomponi ezakhiwa endaweni yamaQadi, KwaNkosibovu (Tongaat).

Umhlaba omkhulu wesizwe samaQadi wadliwa ngabamhlophe bawenza amapulazi ezimoba. USir. uMarshal Campbell, (uMashu) wayeyilungu leSishayathetho eNatali, enodadawe lomhlaba etshale kuwo izimoba endaweni yamaQadi lapho osekuyilokishi KwaMashu njengamanje.

USir uHarry Edgecombe, naye wayeyilungu leSishayamthetho eNatali engomunye wabelungu ababenezimoba endaweni yamaQadi. Abanye abanikazi bamasimu omoba otshalwe emhlabeni waMakhosi bakhonjwa phesheya kwezilwandle.

Scroll To Top