Kufezeke iphupho lonozinto woSuthu


UMusa Langa ongumqeqeshi wonozinti ezinkuliseni za-AmaZulu FC ujabulise okwengane encane ezwa izindaba zokuthi leli qembu elikhulu KwaZulu-Natal, linyusele unozinti ovimba kuMultichoice Diski Challenge (MDC) kwelikhulu.
USuthu lumemezele ukuthi lunyusela phezulu u-Olwethu Mzimela noBayanda Shangase
“Ngiswele amazwi ayizinkulungwane ngalezi zindaba. Laba badlali kumasizini amabili ngikhona oSuthwini bakhombise ukukhula okuyisimanga. Ngizokhuluma kakhulu ngo-Olwethu engisebenza naye kakhulu njengoba ngiqeqesha onozinti, okwenzekile bengazi ukuthi kuzokwenzeka kodwa bengingakulindele kule sizini,” kusho uLanga.
Lo mqeqeshi ujoyine uSuthu ngoMandulo wezi-2018, kanti ngowe-1997/98 waba ngunozinti kuleli qembu. Uqeqesha kusukela eqenjini labaneminyaka engaphansi kweli-13 kuze kufike kuMDC.
“U-Olwethu iminyaka yakhe ayifani nendlela avimba ngayo, unekhono eliyisimanga. Ingakho ngisho ngaphandle kokungabaza ukuthi akayile ukuyokwandisa isibalo eqenjini lethu elikhulu. Njengoba ezobanga noSiyabonga Mbatha aphinde asebenzisane noDavies Phiri oqeqesha onozinti eqenjini elikhulu uzofunda lukhulu kunalokhu akufunde kimina,” kunaba uLanga ophinde abe nguthisa ePhakama Primary School, KwaMashu.
Kwenzeka konke lokhu nje kufezeka iphupho lakhe u-Olwethu njengoba alibeka ngembaba elokuthi ngeke aphele amasizini amabili engadlali eqenjini eligijima ku-Absa Premiership. Lokhu wakusho ngoNtulikazi ngesikhathi esiza ezakhe zinqoba i-Engen Cup uyena owayengukaputeni kuleyo midlalo eyayidlalelwa ezinkundleni ezingaphandle kwaseMoses Mabhida Stadium.
Ekhuluma nelaboHlanga lo nozinti oneminyaka eli-18 uthe ubonga uNkulunkulu ngokuthola leli thuba.
“AmaZulu FC angelinye lamaqembu ahlonishwayo kuleli futhi elidala, ukuthola leli thuba ngizizwa ngibusiseke kakhulu. Lokhu kungitshela ukuthi uma ungumuntu usebenza ngokuzinikela ekugcineni kuletha imivuzo emihle. Kukhona konke okwenzakalayo empilweni yami ngibonga uNkulunkulu kanye nomqeqeshi uMusa ohlezi engeseka angitshele nalapho engingenzi kahle khona,” kusho u-Olwethu.
Uzobanga ijezi noMbatha kanye noNeil Boshoff. Abanye abadlali akade bedlala kuMDC abadlala eqenjini elikhulu uSandile Khumalo, uSphesihle Maduna noBoiko Modisakeng.
Eqhuba u-Olwethu uthe: “Ngazi kahle ukuthi ngeke kuze kube lula ukuthola isikimu kodwa ngizosebenza ngokuzimisela lize lifike ithuba lami. Ngiyafisa ukuthi ngimele neqembu lesizwe”.
U-Olwethu ongowaseLamontville wenza izifundo zeTravelling and Tourism eCoastal College eSwinton Campus.