Now Reading
Iqhaza lentsha kwezohwebo eNingizimu Afrika
Dark Light

Iqhaza lentsha kwezohwebo eNingizimu Afrika

Umongo nomgogodla womnotho wamazwe ngamazwe ukuhweba noma ukuhwebelana. Uma ngabe imikhiqizo kanye nemisebenzi eyenziwa yizinkampani ingakwazi ukudayisa ngaphakathi ezweni noma emazweni angaphandle ngamanye amazwi ukuhweba kungekho umnotho uya ngokushabalala. Ukukhula nokusimama komnotho kuncike ekutheni izwe liyakwazi yini ukuhweba ngemikhiqizo noma ngemisebenzi yalo. Siyobe senze elikhulu iphutha njengesizwe uma sifundisa abantu abasha ngokukhiqiza noma ukwenza imisebenzi edingeka emnothweni kepha singabafundisi ukubaluleka kokukwazi ukuhweba ngemikhiqizo noma ngemisebenzi yabo. Ekugcineni kumele uma ungusomabhizinisi ukwazi ukuhweba ngalokho okusemkhakheni okuwo. Indaba yokuhweba ijulile ngoba ithinta uhwebo lwasekhaya ngaphakathi ezweni lonke futhi iphinde ithinte ukuhwebelana namaye amazwe. Okukuqala okubalulekile ukuthi kunemigomo nemibandela yokuhweba emnothweni wonke kanye nasezimbonini ngokwehlukana kwazo. Nayo le mithetho iyahluka ngaphakathi ekhaya nagaphandle kwamanye amazwe. OHulumeni bamazwe balima indima enkulu ekushayweni kwemithetho yokuhweba, nokuyinto wonke umuntu omusha okumele azihluphe ngayo emkhakheni akuwo.

Empeleni ngaphambi kokukhiqiza noma ukuzicijela ukuletha imisebenzi ethile esizweni kumele usomabhizinisi azicije mayelana nemigomo nemibandela yalowo mkhakha azimisele ngawo. Kweminye imikhakha ikakhulukazi lena yokuletha imisebenzi yobungoti awukwazi ukuhweba ungenayo incwadi ekugunyazayo ukuthi uhwebe kulowo mkhakha; isibonele nje; kwezempilo awukazi ukuba nomthalapmilo ozimele ungenalo ingunya lokuba naleso sikhungo ngisho ngabe unazo izincwadi zobudokotela; kepha ukuze uvule umtholampilo kumele ube nencwadi ekugunyaza ukuthi wenze lokho. Uma ngabe unesifi so sokuhambisa umsebenzi wakho noma imikhiqizo yakho kwelinye izwe imigomo nemibandela yalelo lizwe kungenzeka ihluke kakhulu kunaleyo yasekhaya. Uma ubheka amanye amazwe kubalulekile ukuthi ubheke isithombe esikhulu sokuthi izwe lakho iNingizimu Afrika inabudlelwano buni nalelo lizwe. Kuyaye kube lula ukwenza uhwebo nezwe lapho kukhona khona ubudlelwane bezohwebo nezwe lakho.

OHulumeni bamazwe ngamazwe bayaye bashicilele izivumelwano zezohwebo phakathi kwamazwe naphakathi kwezifunda zomnotho ezimelele amazwe athile ukuze benze uhwebo lube lula. Muva nje umhlaba wonke ubheke lokho osekwaziwa ngeBREXIT nokuwuhlelo lwe-United

Kingdom (UK) lokuphuma ngaphansi kwenhlangano yamazwe asentshonalanga i-European Union (EU). Into eyenza ukuthi lolu daba lube nedumela elingaka umhlaba wonke ukuthi luthinta ezohwebo; akusikho nje ukuphuma kwezwe i-England ngaphansi kwale nhlangano yaseNtshonalanga. Okukhulu ukuthi lesi senzo sizoba namthelela muni kwezohwebo; ukukwazi ukuhweba nokuhambisa uhwebo. Yizo zonke lezi zinto umuntu omusha ozibona elima indima ebalulekile kwezomnotho okumele azihluphe ngazo nomthelela wazo lapha ekhaya nasemazweni angaphandle kulowo mkhakha yena afi sa ukungena kuwo.

See Also

Enye yezinto ebalulekayo ekubeni nomthelela omkhulu ekuhambiseni uhwebo phakathi kwamazewe omhlaba esikhathini sanamhlanje ubuchwepheshe, ukufi ka kwezikhathi lapho abantu besebenziza i-inthanethi ukwenza ukuthi ukhuhwebelana kube lula. Kuyabaluleka futhi ukuthi ubuchwepheshe bungenye yezinto eyenza amanani okuhweba abe phansi emhlabeni jikelele. Phela abantu akusadingeki ukuthi banqamule amazwe ngamazwe ukuze babonane ngenhloso yokuhwebelana. Umuntu useyakwazi ukuhwebelana nomuntu okwelinye izwe yena ebe ekwelinye izwe. Zonke lezi zinto ziveza amathuba ayingqayizivele ebantwini abasha. Uma ngabe wena uqobo njengomuntu omusha unowakho umkhiqizo ofi sa ukuwuhambisa emazweni angaphandle unethuba lokusebenzisa ubuchwepheshe obukhona. Okwesibili izinkampani eziningi ezizimele ziyabadinga abantu abazozisiza ukuthi zihwebe kalula; lokho kusho ukuthi uma ungumuntu omusha onekhono ungakwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje ukuthi wenze ibhizinisi ngokusiza ezinye izinkampani zikwazi ukuhweba. Miningi imikhakha yezomnotho edinga izindlela ezahlukile nezisheshayo zokuhweba nokuyinto engaveza amathuba amasha kulabo bantu abasha abanogqozi kulezo zimboni; hhayi kuphela ekuhwebeni namazwe angaphandle kodwa ngisho nakhona lapha eNingizimu Afrika.

Kwesinye isikhathi kuyaye kuthiwe umvusi wenyamazane akayidli; mhlawumbe singajobelela sithi akayidli yedwa uma sibuka ezohwebo. Iqiniso lithi labo abenza imikhiqizo noma abanamakhono abafi sa ukuwafaka emakethe kuyenzeka babe nesidingo sabantu abazobasiza ukuhambisa imisebenzi yabo. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi wonke umuntu ozihluphayo futhi onekhono ngaba nalo iqhaza alibambayo kwezohwebo ngisho noma ngabe akakhiqizi yena uqobo

Scroll To Top