Now Reading
Amaqembu amancane awaneme ngokhetho eBotswana
Dark Light

Amaqembu amancane awaneme ngokhetho eBotswana

Amavoti asabaliwe okhethweni lwangoLwesithathu lukaMengameli eBotswana akhombisa ukuthi iqembu elibusayo iBotswana Democratic Party (BDP) linamathuba amaningi okunqoba. Kubantu abayizigidi ezili-2.2 baseBotswana bangama-931 000 ababhalisele ukuvota. Izihlalo ePhalamende zingama-57 kanti iqembu elithola eziningi yilona okuphuma uMengameli kulo.

Ucwaningo olwenziwe ngaphambi kokhetho luveze ukuthi iBDP inganqoba ngamaphesenti angaphezulu kwangama-44. Ofundisa ezepolitiki eNyuvesi yaseBotswana uNkk uGladys Mokhahwa uthe, “Lolu khetho luyisivivinyo sokuthi inqubo yedemokhrasi izike kanjani kuleli lizwe.”

NgoLwesithathu kusihlwa iKhomishini Ezimele Yokhetho ibambe isithangami nabezindaba lapho ibike khona ngezinye zezigameko eziphenywayo zokungaziphathi kwabalandeli bamanye amaqembu okungaholela ekutheni ukhetho luthathwe njengolungakhululekile.

Amaqembu amancane bese eqalile ngokukhala ngokuthi iqembu elikhulu lisebenzisa izinsiza zikaHulumeni, yingakho emaningi amathuba okuthi liphinde libuyele emandleni.

OwayenguMengameli u-Ian Khama kuyiwa kulolu khetho nje usephumele obala ngokuthi angeke ayivotele iBDP. Ubekhala ngokuthi owangena esikhundleni sakhe futhi okunguye owamqoka uMengameli uNokgweetsi Masisi akasahambisi nhgendlela futhi akasawulandeli uMthethosisekelo wezwe.

Ukungaboni ngasolinye phakathi kukaKhama noMasisi kuqale ngonyaka odlule emuva kokuba uMasisi ethathe izintambo zombuso.

See Also

Ekhuluma nezinkulungwane zabantu eralini eSerowe ngaphambi kokhetho uKhama watshele abalandeli bakhe ukuthi iqembu elasungulwa nguyise ebambisene nabanye selifana nento efile.

“Iqembu likababa weBotswana alisekho. Lifile nya,” kusho uKhama “Asihambeni siyovotela iBPF ne- UDC esho iBotswana Patriotic Front okuyiqembu elasungulwa abangani bakhe abaxebuka eqenjini elibusayo kanjalo neqembu elikhulu eliphikisayo i-Umbrella for Democratic Change.

Wanxusa abantu ukuba basebenzise ithuba ngokuvotela i-UDC ezindaweni lapho iBPF ingenabo abantu ebamele. Wabuye washayelela isipikili sokuba kuvotelwe umholi we-UDC uDuma Boko.

Scroll To Top