Now Reading
Siqala ukufezeka isifiso somdlali wo-Uthongathi
Dark Light

Siqala ukufezeka isifiso somdlali wo-Uthongathi

Isikhwishikhwishi so-Uthongathi FC okuyiqembu eligijima kuGladAfrica Championship sithi imiphumela yabo yakamuva akukhona ukuthi ingoba benenhlanhla kodwa ukusebenza kanzima ngaphambi kokuthi kuqale isizini.

Uthongathi FC yilona eliqhwakele kulogi, emveni kwemidlalo eyisikhombisa lunqobe eyisithupha lahlulwa kowodwa. Lusesicongweni nje lunomdlalo owodwa olengayo.

Kule mpelasonto leli qembu eliqeqeshwa nguJohn Ferreira lizotholana phezulu nomkhaya balo iRichards Bay FC, kusasa ligamenxe elesithathu ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

UTshepo Liphoko ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Indlela esidlala ngayo ikhombisa ukuthi wonke umdlali ulambele ukunyukela ku-Absa Premiership ngesizini ezayo. Njengoba sizobhekana neRichards Bay nakhona isimo esifanayo sifuna ukuthi siyishaye nakanjani. Isahlulwe kanye kule sizini njengathi okusho ukuthi kuzoba umdlalo onzima.”

Uthongathi lwenza kahle nje luphethe abadlali abakhulile abanesipiliyoni kanye nabancane abakhwishizelayo. Kubadlali abadala kukhona uPhilani “Maoti” Shange ongukaputeni no-Issa Sarr owaduma ku- Orlando Pirates nePlatinum Stars.

Kwabancane uMenzi Ndwandwe ongalibheki ipali, uPule Mmodi, uCelimpilo “Zidane” Ngema, uSphamandla Mtolo kanye naye uLiphoko.

ULiphoko wazise elaboHlanga imfihlo okuyiyo eyenza benze kahle phambili, njengoba ethwala kanzima amaqembu ukuthi ebamele uma sebehlasela.

“Okwenza senze kahle kakhulu phambili umqeqeshi kusukela silungiselela le sizini, ubehlezi esifaka ohlangothini olulodwa lokho kusisizile sagcine sesazana kangcono. Kuyangijabulisa ukuthi isifiso somqeqeshi wethu siyafezeka ekutheni sihlohle amagoli sikhande namathuba amaningi emidlalweni,” kusho uLiphoko.

See Also

Kule sizini uLiphoko usedlale imidlalo emihlanu washaya igoli elilodwa. Ngaphambi kokuthi ajoyine iCane Cutters uke wadlalela i-Orlando Pirates, iLamontville Golden Arrows, AmaZulu FC kanye neMbombela United.

Uke wavela naseqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-20.

Esonga uLiphoko uthe: “Kule sizini ngifisa ukulekelela iqembu ekutheni linyukele ku-Absa Premiership, ngiphinde ngihlohle amagoli ali-10 noma ngaphezulu. Ngolunye usuku ngiyafisa ukuphinde ngigijime kuPirates ngoba ilapho konke okwaqala khona.”

IRichards Bay FC emva kwemidlalo eyi-7 inamaphuzu ali-12 isendaweni yesine kulogi.

Scroll To Top