Isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo ngabathathelwa izindawo
Inkantolo YoMthethosisekelo isanda kukhipha isinqumo ecaleni eladluliselwa kuyo elaliphakathi kukaMnu uBhekindlela Mwelase ongummangali, uNks uJabu Agnes Mwelase ummangali wesibili, uMnu uMndeni Sikhakhane ummangali wesithathu, uNkk uBazibile Gratta Mngoma ummangali wesine, ummangali wesihlanu kuyi- Association for Rural Advancement noMqondisi Jikelele woMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya njengommangalelwa wokuqala noNgqongqoshe WoMnyango njengommangalelwa wesibili. Abamangali babekhala ngokuthi sekuphele iminyaka engama-25 behlala endaweni kodwa bengenabo ubunikazi bomhlaba. Abamangali babekade bechithiwe iNkantolo Enkulu nokuyilapho bathatha isinqumo sokunikela eNkantolo YoMthethosisekelo.
Icala lalalelwa zingama-23 kuMbasa wezi-2019 isinqumo sakhishwa zingama-20 kuNcwaba wezi-2019. Ekukhishweni kwesinqumo uMehluleli uCameron wathi ngasekuqaleni konyaka ecaleni elalithinta ukusebenza kwePhalamende nezibophezelo zalo ezikuMthethosisekelo, wathi le nkantolo yakugcizelela ukuthi umhlaba nokuhlonipheka kwabantu yizinto ezimqoka futhi ezihamba phambili ekubhekeleleni amalungelo akuMthethosisekelo.
Ukuthuthukiswa komhlaba kungahamba ibanga elide ekuguquleni isimo emphakathini ngokusho kukaMehluleli. Ukuhamba kancane kohlelo lokubuyiswa komhlaba kubantu kubambezela nohlelo lokuthuthukiswa komhlaba. Ukuphuthunyiswa kwalolu hlelo ngokusho kweNkantolo,
“Kungalekelela kakhulu isizwe ekubuyiseni ukuzethembeka, isithunzi kunyuse nokwazisana nobulungiswa emphakathini, ubunini, kukhulise nomnotho kulekelele nasekuthuthukisweni kwezindawo zasemakhaya.”
Wonke la magama aphambene naleli cala. Okusezithebeni akukhona kuphela impilo nenhlalo yabantu abahlala njalo bezishaya isifuba ngokwenza ngcono impilo yabantu nabasebenzi. Olunye udaba ngolokubuyiselwa komhlaba ezweni lethu okuyisethembiso esenziwa ngesikhathi soMthethosisekelo wesikhashana owaqala ukusebenza ngowe-1994.
Umbuzo omkhulu ngesinqumo ukuthi ngabe umyalelo owakhishwa iNkantolo Yamacala Okubuyiselwa Komhlaba unalo yini, ‘icala elingaba yisibonelo’. Lokhu kwavela ngoba iNkantolo Yamacala Omhlaba yaqasha umuntu owayezobheka ngqo nabakhokhela ukuhlala ngokusebenza ukuze basize uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya, uNgqongqoshe WoMnyango.
Umuntu noma umphakathi owathathelwa indawo emuva komhla zili-19 kuNhlangulana we-1913 ngenxa yemithetho yakudala yobandlululo eyayivunwa nayiPhalamende kumele abuyiselwe leyo ndawo noma kulungiswe isimo.
INkantolo YoMthethosisekelo yasiguqula isinqumo yathi abamangali bangakwazi ukusiphonsela inselelo. INkantolo yanquma ukuthi uMnyango Wezokuthuthukiswa Komhlaba noNgqongqoshe kumele bakhokhe izindleko zecala okuhlanganisa nezindleko zabameli ababili.