Now Reading
Iminyaka elahlekile kuhilelwa intuthuko eThekwini
Dark Light

Iminyaka elahlekile kuhilelwa intuthuko eThekwini

UHulumeni Wendawo uhlala ungumkhathi kaHulumeni oyinkimbinkimbi futhi unezinto ezahlukene kunoma yimuphi omunye uHulumeni. Useduze futhi unokulindelwe yimiphakathi. Ngakolunye uhlangothi, intuthuko yasemakhaya iya ngokuya iba ngesemqoka ekuzinzeni kwenhlalo nasekuthuthukisweni komnotho wezwe. Kunokuvumelana kwabasebenzisana noHulumeni ukuthi ungeke wathwala umthwalo wodwa wokuthuthukisa izindawo zasemakhaya.

Leli qiniso yize kuthathe isikhathi ukuba libe sobala libukeka liyisizathu esinqala esenza muva nje uHulumeni oholwa nguMhlonishwa uRamaphosa angene ephuma komasipala ahlele nemihlangano noBukhosi ngenhloso yokuhlela kabusha uHulumeni wendawo. Ngesonto eledlule uNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nobuholi BoMdabu, uDkt uMaDlamini Zuma ubehlangene neSILO kwaNongoma. Usuke lapho wehlela eThekwini lapho ehlangane khona naMakhosi kanye namakhansela oMkhandlu iTheku.

Konke lokhu bekuwukuhlelembela ukuhambela kukaMengameli uRamaphosa nethimba labaholi boMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nobuholi Kuzwelonke enyakatho yeTheku kuleli sonto, ngenhloso yokubheka nokukhuthaza izinhlelo zentuthuko. Basazoqhubeka bahambele zonke izifunda ezingama-44 namadolobha amakhulu ayisi-8 ezweni lonke. Lokhu bakwenza ngaphansi kohlelo olusha lukaZwelonke lweDistrict and Development Model (DDM).

EThekwini leli thimba likaMengameli lihambele iDube Trade Port, engasesikhumulweni sezindiza iKing Shaka International. Liphinde lahlangana nosomabhizinisi naMakhosi aphethe izindawo ezizungeze iTheku, lizoya nasekamu lamaphoyisa eNanda, kanti lizophetha ngembizo yomphakathi ezoba sePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, namhlanje ngoLwesihlanu.

Umbuzo uthi ngabe ukuza kwaleli thimba eThekwini kuzoba namthelela muni ekuguquleni impilo nenhlalo yabantu bakuleli dolobha. Noma ukufi ka kwabo kufana nalokho kwezivakashi nje.

INanda yomlando nezidumo

Leli thimba labaholi lithi ukudlanga kobugebengu eNanda kwenza kungabi khona ukuphumula emoyeni ngoba leya ndawo ingumsuka, isizinda, nenqolobane yomlando kaKhongolose.

Abasunguli beSouth African National Native Congress (SANNC) osekuyi-African National Congress (ANC) njengamanje ngonyaka we- 1912, oDkt uPixley ka-Isaka Seme, uMfundisi uJohn Langalibalele Dube (uMafukuzel’onjengezulu), isishabasheki samalungelo abantu uMnu u-Alison WG Champion (uMahlathamnyama), uMnu uMahatma Ghandi wenkolelo yokulwa nengcindezelo ngaphandle kwendluzula, iNkosi uMudliwamafa Shembe umsunguli weBandla elikhulukazi e-Afrika, iNazareth Baptist Church, isikole sokuqala samantombazane esasungulwa ngowe-1869 iNanda Seminary, ummeli wasemajajini uMoerane Moerane bonke bahlala eNanda, babamba iqhaza empilweni yomphakathi wakhona. NeBandla i-American Board Mission osekuyi-United Congregational Church (UCC) njengamanje, lilethe imfundo nentuthuko eNanda.

OwayenguMengameli wokuqala eNingizimu Afrika, uDkt uNelson Mandela, wavota okokuqala ngonyaka we- 1994, oHlange, eNanda. IMeya yeTheku njengemanje iKhansela uThomas Mxolisi Kaunda nobeyimeya ngaphambi kwakhe oKaMajola Ikamu lamaphoyisa laseNanda, elihanjelwe yilaba baholi, ngokwemibiko yoMnyango Wamaphoyisa Kuzwelonke, lingeliye alishumi aphezulu ezweni okubikwa kuwo izigameko ezihlasimulisa umzimba zobugebengu. Kugwazwa abantu eNanda abanye batholakala sebeklajiwe, ukunukubezwa kwezingane nabesifazane yinto ejwayelekile.

Ezinye izindawo ezihlonziwe kweleNdlovukazi uMthaniya, uMlaza ohamba phambili ngokudunwa kwezimoto nePlesieslaer, eMgungundlovu, ngokubulawa kwabantu. Ubuholi obuphezulu abuqali ukufi ka eNanda. Bufi ka njalo uma buzokhankasela ukhetho ngoba leya ndawo inabantu abaningi. Eminyakeni edlule bafi ka abaholi bethula uhlelo olwalubizwa nge-Inanda, Ntuzuma, KwaMashu (INK), okwakuwuhlelo lukaMengameli, okwakuhloswe ngalo ukuthuthukisa leya ngxenye yeTheku.

Yize sekuphele iminyaka yasungulwa i-INK, eyagcina isibizwa ngePINK ngoba kwafakwa nePhoenix ngaphansi kwayo, kodwa yehlulekile ukuthela izithelo ezibonakalayo. Into egqamile eqhamukile ngaphansi kwalolu hlelo ukwakhiwa kwenxanxathela yezitolo, iBridge City, phakathi kwaKwaBester (eNanda) naKwaMashu, isiteshi sesitimela, nokwakhiwa kwesibhedlela iPixley ka- Isaka Seme esizovulwa maduze nje.

Imali eyahlinzekelwa uhlelo lwe-INK ngonyaka wezi-2005/06 yabe iyizigidi ezingama-23,9. Kwakunoxhaso oluvela kwi-European Union (EU) lwamaphesenti ali-15 kuso lesi sabelomali se-INK. Enye imali yaphuma eminyangweni kaHulumeni eyahlukene.

INanda inabantu abaningi abahlala ezakhiweni ezingenawo amanzi ezindlini, abanye basebenzisa izindlu zangasese eziyimigodi. Imindeni eminingi ayinabo abantu abasebenzayo, iziphilisa ngokudayisa emigwaqeni nangemali yezibonelelo evela kuHulumeni. Intsha isiphenduke izigqila zezidakamizwa, isibizwa ngokuthi “ngamaphara”.

Imizi iminyene, ayikho indawo yokulima, noma kungahlatshwa ikhwelo lokuthi “phezu komkhono” ngeke kwabakhona mahluko empilweni yabantu.

INkosi uMqoqi kaMzonjani Ngcobo yesizwe saMaQadi, ephethe eNanda, ikhala kakhulu ngamathaveni avulwa imini nobusuku. INkosi yaMaQadi ithi yiyona mbangela yokugebengu lena. Ubugebengu baseNanda buhambisana nonya nesihluku esesabekayo.

Zinesibindi kabi futhi azinanembeza izigebengu zaseNanda. EBhambayi (khona eNanda), zibulale amaphoyisa kaMasipala weTheku, amabili ayesemotweni egade umuzi weKhansela, uMnu uBoxer Zulu.

Umbuzo omkhulu uthi yini entsha uhambo lukaMengameli uRamaphosa nethimba lakhe oluzoqhamuka nayo. IMeya yeTheku uKhansela Kaunda ubenguNgqongqoshe Wezokuphepha Nezokuthutha esifundazweni futhi uzalwa khona eNanda, wakhulela khona futhi. Izinga lobugebengu lidlange ngaphansi kweso lakhe.

UNgqongqoshe Wamaphoyisa Kuzwelonke, esenguKhomishana Wamaphoyisa, uMnu uBheki Cele, wathumela ibutho lamaphoyisa elaziwa ngokuthi “ngamabharethi” eNanda kodwa nakhona kwaba nhlanga zimuka nomoya.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngemuva kokubamba umhlangano namakhansela eTheku ngoLwesibili, uNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu Kuzwelonke, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, uthe ukwenyuka kwezinga lobugebengu eThekwini sekulahlekisele leli dolobha imali eningi ngoba izivakashi sezimanqika ukuza kulo.

See Also

“ITheku like laba ngelihamba phambili ekuheheni izivakashi, kodwa ngenxa yobugebengu izinga selehle kakhulu. Umkhakha wezokuvakasha nezimboni zemikhiqizo kuya ngokuya kuyehla. Lokhu kuholela ekutheni abantu balahlekelwe imisebenzi,” kubalisa uMaDlamini Zuma.

UHulumeni waKwaZulu-Natal, unohlelo olubizwa nge“Sukuma Sakhe” olufanayo nalolu olwethulwa yilaba baholi bakaZwelonke. Inkinga ukuthi imisebenzi ayikho ezifundeni ezisemakhaya, yikho abantu bethutheleka eThekwini ngethemba lokuqashwa. Uma befi ka abantu edolobheni bantula indawo yokuhlala bese begxumeka izakhiwo, ezinye ziba ngasosebeni lemifula, lokhu kudale nezinkinga uma kunezikhukhula nezimvula ezinamandla.

Ithimba likaMengameli uRamaphosa lihlangabezane nembibizane yokuthi abantu abaningi abantula imisebenzi eThekwini abanawo amakhono. Lithole nokuthi intuthuko ayihanjiswa ngendlela efanayo kumawadi nasezigcemeni ezahlukene eThekwini.

Kusekhona amalokishi eThekwini anemigwaqo ewubhuqu njengaKwaMakhutha. Uthola kweminye imigwaqo, kudlala izingane, izimoto ziqhamuka ngesivinini kodwa izidambisisivinini azikho.

Izindawo ezazihlala abozinhlanga ezithile ngesikhathi sobandlululo, yizona ezisathola ukunakekelwa nokunikwa izinsiza ezifanele eThekwini, yize uMkhandlu uwodwa.

Ohola amakhansela eDemocratic Alliance (DA) eMkhandlwini, uNkk uNicole Graham, utshele ithimba lobuholi obuphezulu ukuthi abantu abawethembi amakhansela.

“Kunamakhansela amaningi abhekene namacala enkohlakalo kodwa awamisiwe, ayaqhubeka ayasebenza. Ezinyangeni ezimbili ezadlule ufi kile wakhuluma nathi singuMkhandlu Wamakhansela eTheku, uDkt uMaDlamini Zuma, kodwa akukho mahluko obekhona emuva kwalokho,” kusho umholi weDA eMkhandlwini weTheku.

Emhlanganweni ithimba elibe nawo naMakhosi aphethe izizwe eThekwini, abaholi bomdabu bakhale ngokuthi bashiywa ngaphandle uma kuthathwa ezinye izinqumo ezimqoka nezithinta abantu abangaphansi kwawo. Osomabhizinisi boHlanga bakhala ngokwenziwa izichuse emabhizinisini, ikakhulukazi lawo asenxanxatheleni yezitolo. Umnotho omningi emalokishini usuthathwe wabekwa kuzo lezi zinxanxathela.

Ubugebengu, ukwentuleka kwemisebenzi, ububha, inkohlakalo ebikwayo emakhanseleni, ukusweleka kwezindlu, ukulethwa kwentuthuko ngendlela engalingani, ukusweleka kwezindawo zokungcwaba, ngezinye zezinto ezizosale zigqolozele umphakathi waseThekwini yize uMengameli uRamaphosa nethimba lakhe bazobe sebelifulathele idolobha.

Scroll To Top