Uthukulula amandla embokodo uDkt uMtshali



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Isihabasheki sembokodo yoMkhonto Wesizwe saseSobantu eMgungundlovu esayibamba emzabalazweni wokukhulula uwoHlanga emaketangweni engcindezelo, sesiqale omunye umzabalazo.
Uhlobo lomzabalazo lesi sishoshovu se-African National Congress (ANC) esaqeqeshelwa ezempi, uDkt uThembeni Mtshali akusewona owezikhali zempi kepha sekungowokuhlomisa intsha yaboHlanga yaKwaZulu-Natal ngezikhali zemfundo.
UDkt uMtshali wakhele izingane zakulelisi sifundazwe isikole esisezingeni eliphezulu sokuziqeqeshela ezamakhono kwezolimo ngenhloso yokukhiqiza ongoti bezolimo bakusasa.
Lesi sikole esesisemaphethelweni okwakhiwa nokungesokuqala ukwakhiwa ngowoHlanga wakuleli futhi ongowesifazane sizobizwa ngokuthi iSiyabonga Academy of Excellence and Skills Centre Development (AESCD).
Lesi sikole esibukeka kungesekhethelo, sakhiwe eHenley Dam ngaphandle kwaseMgungundlovu okuyindawo esemajukujukwini emakhaya.
Lesi sifundazwe sagcine ukuthola isipho esifana nalesi ngesicebi esidumile sase-USA, uNkk u-Ophrah Winfrey njengoba naye wabusisa izingane zakuleli sisifundazwe ngokuzakhela isikole esisezingeni eliphezulu.
Lesi sikole sikaMtshali sizovulwa ngokusemthethweni ngomhla ziyisi-7 kuZibandlela walo nyaka. UMtshali utshele intatheli yeBAYEDE ukuthi lesi sikole usakhe ngemali yezithukuthuku zakhe nokuthi simudle izigidi ezi-R2.
“Isizathu esingenze ngasakhela endaweni yasemakhaya, ngenzela ukuba izingane ezizofunda kusona zingaphazamiswa yizidakamizwa nophuzo okuyinto edlange ezinganenei ezifunda ezindaweni ezisemadolobheni,” kusho uDkt uMtshali.
Okwamanje lesi sikole sizoqala ebangeni lenkulisa size sigcine eBangeni lesi-7.
UDkt uMtshali ofunde wagogoda kwezeScience ayaziwa amagalelo akhe kwezemfundo njengoba esebenzisana namaSeta amaningi KwaZulu-Natal ekulekeleni ukuqeqesha abesifazane nentsha yasemakhaya emakhonweni ehlukene kwezolimo.
Bonke abedlule esandleni sakhe bathola iziqu ezisukela izitifiketini nakumaDiploma.
KumaSeta uMtshali asebenzisana nawo kubalwa iAgri-Seta, iServices-Seta neTBT-Seta. Ekuqaleni lo msebenzi wokuqeqesha umphakathi, uDkt uMtshali ubewenza nendodana yakhe engasekho emhlabeni uSiyabonga Mtshali owedlule emhlabeni ngoMfumfu nyakenye.
“Empeleni lesi sikole ngisiqambe ngegama lakhe ngoba ngifezekisa iphupho lakhe. Kwazise iSiyabonga owedlule emhlabeni nyakenye ngenxa yokudliswa ushevu ubevele esesezinhlelweni zokwakha lesi sikole,” kuqhuba yena. Uqhuba uthi: “Umntanami ubengumuntu onozwelo nothanda kakhulu ukuthuthukisa imiphakathi yaboHlanga entulayo yasezindaweni zasemakhaya. Ubesiza imiphakathi ekuyixazululeleni izinkinga zayo. Futhi ubegxile kakhulu ekuthuthukiseni intsha yaboHlanga yasemakhaya ngamakhono ezolimo,”
UDkt uMtshali uthi ngosuku okuzobe kuvulwa ngalo lesi sikole sekhethelo uzobe futhi ethula ngokusemthethweni incwadi ekhuluma ngempilo kaSiyabonga Mtshali esihloko sithi “A Giant Man In A Boys Body”
UMtshali unoxhaxha lwezikhundla aziphethe njengoba engusihlalo wenkampani iThembeni Skills Development, Trading & Projects (Pty) Ltd.
Uphinde abe ngumengameli weS.A President for Spear of African Women in Agriculture & Rural Development. Aphinde abe ngusihlalo weKZN for Famers Organizations Forum. Uphinde abe ngusihlalo weKZN for Agriseta Forum kanye nongumsunguli nomqondisi wenkampani iNoluthando Welfare Organization.